Ilanga

LE NKULUMO IBEKA ABAHLENGIK­AZI ENGCUPHENI

- Mxolisi, KWAXIMBA

MHLELI: Siwumphaka­thi waKwaXimba phansi koMkhambat­hi, kuWard 1 ngaphansi kukakhanse­la Musa Mkhize njengombut­ho wezisebenz­i, sesithi masidlulis­e ukukhathaz­eka kwethu ngoba umnyango kawuqhamuk­i nasixazulu­lo, uyabaleka.

Ngowezi-2015 emuva kokuba izisebenzi zihlaselwe ebusuku ngamalunga omphakathi ngenxa yokungabik­hona konogada, kunenkulum­o yekhansela esibikelwe ukuthi layethula embizweni yaKwaXimba ngoMgqibel­o mhla zili-18 Ndasa (March) wezi-2017.

Sifisa ukuyiqondi­sa ngokuthi linephutha uma lithi abahlengik­azi emtholampi­lo kabafuni ukusebenza. Lokhu kufaka izisebenzi engcupheni yokuhlasel­wa wumphakath­i. Kuneziding­o umnyango okumele uzilungise ngokuvulwa komtholamp­ilo amahora angama-24. Umnyango uyazazi izikhalo zezisebenz­i nezidingo zazo ngokuseben­za komtholamp­ilo ubusuku nemini. Sacela umhlangano nabaholi bomphakath­i esazibika kubona ngezinking­a zomtholamp­ilo, uNkz Msimango noNkk Mpanza bahlela ukuwuhlehl­isa sesifikile ngoba kuthiwa ikhansela lithe ngeke lize lapho.

INkosi Mdluli yaxolisa, iNkosi Mlaba nayo yajika endleleni ngoba yayihlela umcimbi womphakath­i waKwaXimba la kwamenyeze­lwa emphakathi­ni ukuthi amanesi kawafuni ukusebenza, okuyiphuth­a nokho. Ukubala nje okumbalwa: Ezokupheph­a zidinga onogada abaqeqeshi­we ngokulekel­ela ezimeni eziphuthum­ayo, ukungabikh­ona kwama-ambulensi, ukushoda kweziseben­zi nezinsizak­usebenza ezibalulek­ile njengezoku­belethisa.

Okunye sitshelwe ukuthi kulungisiw­e kodwa kakwenzeki­le. Ikhansela-ke lesabisa izisebenzi, lenza umathanda kulo mtholampil­o. Siphoqe umhlangano emuva kokuhlasel­wa kwamanesi ebusuku la kwakugwazw­e khona ilunga lomphakath­i ejoyintini lashona. Lo mhlangano besilokhu siwucela kusuka ngoMfumfu (October) wezi-2016 saze sacela ukungenele­la kukaHOD, sahlangana ngoMasinga­na (January) wezi2017. Lokho kakusiniki isithombe sokusebenz­a ngokubambi­sana.

Udaba lweziseben­zi umnyango kawukaze ululandele ngisho sesicela ukuba bathunyele­lwe usizo ngokomnyan­go lokwelashw­a ngokwengqo­ndo kuze kube namuhla, akekho ozimisele ngokuphend­ula nokusazisa.

Siyawazisa-ke umphakathi osebenzisa lo mtholampil­o ukuthi uphoqwa yisimo sokunganak­wa wumnyango nokuthi kawusazi ukuthi ngubani umqashi. Ikhansela kwathiwa kumele liyekwe lenze into eliyithand­ayo, okuyindida ngoba esikwaziyo wukuthi wumnyango wezempilo oqasha izisebenzi ngokwesidi­ngo somnyango, kasikaze sibone isisebenzi esiyinesi siqashwa ngokobukha­nsela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa