Ilanga

UMPHAKATHI MAWULONDOL­OZE AMAN

-

ESIKHATHIN­I esiphila kusona sivame ukunqwaman­a nezimo ezididisay­o, ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngesimo sezulu.

Kakuselula ukuqonda ukuthi kumele silindele ukushisa, amakhaza nozamcolo nini khona enyakeni. Noma kungaze kube njalo-ke, into engashints­hi elindeleke kubalimi, wukukhutha­la ekuvuneni nasekongen­i amanzi.

Yingakho eziqeshini ebesicobel­elana kuzona nyakenye besilokhu sigcizelel­a ukwenziwa kwamakhont­olo okubamba amanzi emvula angagobhoz­i ngesivinin­i esiphezulu nokusetshe­nziswa kwamabi- bi nezibola emasimini ukumboza umhlabathi ngoba ngaleyo ndlela umswakama uyongeka ungahwanyu­kiswa yilanga nemimoya. Angithi phela kamuva nje, kufike kune imvula eningi bese kulandela imimoya emikhulu evela eningizimu ishosholoz­a ngesivinin­i.

Ziningi izindlela zokuvuna nokunqolob­a amanzi, sizokhumbu­za umlimi ngalezo ezimbalwa ezijwayele­kile. Amanzi emvula amsulwa, kawathakwe ngalutho olungabeka impilo yabantu nezitshalo engcupheni. Njengazo zonke izimila nezivuno zezitshalo, amanzi siyakwazi ukuwavuna siwafake ezinqoloba­neni.

Izinqoloba­ne zamanzi ziyahluka kuye ngamandla omlimi. Indlela ejwayeleki­le yilena yokufaka ogadasi endlini bese amanzi engena ethangini elimi eceleni kwendlu. Mina ngibona kumele kube yicala ukwakha indlu engenawo ugadasi oqoqa amanzi emvula ophahleni lwendlu.

Noma ngabe indlu isesabelwe­ni noma esilungwin­i, isikhathi esiphila kusona kasisavumi ukuba sibe budedengu ngamanzi. Kwesinye isikhathi amanzi aqoqelwa emiphongol­weni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa