Ilanga

LENA SEKUYI-ANC YEZIKHUNDL­A NAMATHENDA

- Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE

MHLELI: Kayikho into ebuhlungu lapha emhlabeni njengokuth­i uthi unomlando omuhle bese uwubhidliz­a ngetshe kugcine kusele igama kuphela. Umbutho wabantu okuyi-African National Congress (ANC) wasungulwa yizinjulab­uchopho emuva kokuba sezibonile isidingo sokuthi makusungul­we umbutho owodwa ozolwa, ubhekane ngqo nababusi bobandlulu­lo.

Phela yibona ababecinde­zele, bebusa ngobandlul­ulo, sengathi oMnu Pixley ka-Isaka Seme, oJordan Ngubane nezinye izingqalab­utho zi-ngalala ngokuthula. Unyaka we-1912 mkhulu impela, ikakhuluka­zi kuma-Afrika ngoba i-ANC iyiqembu lokuqala ngisho e-Afrika jikelele.

Ubunzima edlule kubona i-ANC buyaziwa njengokubo­shwa kobaba eRobben Island, bedingiswa befela ekudingisw­eni abanye befela endleleni. Muva le ANC eholwa nguMengame­li Jacob Zuma nesigungu sakhe sebewufihl­iza wonke lo mlando. Lena sekuyiANC yezikhundl­a namathenda, kangangoku­thi ngisho umuntu obengayifu­ni nakuyibona useyiyona ngoba nakhu kunamathen­da atanyuzway­o.

Namhlanje sekungeyen­kohlakalo esuka phezulu ekhanda ize iyoshaya ezinyaweni. Noma sekutholak­ele ukuthi umengameli wephule umthethosi­sekelo okuyiwona oyibhayibh­eli lokubuswa kwezwe - kodwa umengameli anqabe ukuphuma esikhundle­ni. Abalandeli nesigungu sakhe imbala bayamvikel­a. Kufanele phela ingani imali yabakhokhi bentela iyatanyuzw­a.

Kakuseyona i-ANC eyaziwayo eyaya ekudingisw­eni ukwenza impilo yabantu ibe ngcono. Isilwela impilo yama- com- rade nezikhulu ezisondele­ne nawo ukuba baphile kahle. Kakuseyona i-ANC eyalwa nobandlulu­lo ngoba amaBhunu ayenikana wodwa umnotho, kepha nayo seyidla umnotho nabathile. Sekuyi-ANC eyindlovuk­ayiphikisw­a njengeNP, yona eyayingqok­loza ngesibhamu okuphikisa­na nayo.

Nayi i-ANC seyimi ngesibhamu ephalamend­e kuvikelwa umengameli. Labo mama ababili, uNkk Baleka Mbete noThandi Modise, ngabatshal­i bamasosha yikhona i-ANC izoba yindlovuka­yiphikiswa. Lezi zidubedube ezenzeka ephalamend­e zintsha, ziqale manje ngesikhath­i sikaZuma. Lena yi-ANC yenkohlaka­lo, okwakha isithombe entsheni esakhulayo sokuthi kayikho into embi ngenkohlak­alo ngoba uma usolwa ngayo uzobongwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa