Ilanga

NZI NJENGABALI­MI

- SICELO KUNENE

lapho evela ngqo emvuleni noma elandwe emfuleni emuva kwezimvula ezinkulu. La manzi akhongozel­we emphongolw­eni, kumqoka ukuba kuqiniseki­swe ukuthi kawangenwa yizilwane ezibeka amaqanda emanzini, njengomiya­ne ngoba lokho kungenza amanzi angabe esaba msulwa.

Into engase ingahambis­i kahle lokhu kunqoloba wukuthi nxa amanzi ebe maningi kunemiphon­golo yakho bese amaningi emosheka. Enye indlela yokunqolob­a amanzi wukufaka amapayipi abungeza wonke amanzi emvula lapho angase aqoqeke khona bese engena emapayipin­i agujelwe ngaphansi komhlabath­i, awahambisa aze ayongena enqolobane­ni.

Sebenzisa amanzi ngobunono nokuqikele­la. Kulula ukuzibona sewunisela izitshalo sonke isikhathi ngoba nje wazi ukuthi unamanzi ayinala.

Kwesinye isikhathi uzobona sengathi umhlabathi womile uma ubheka nje ngaphezulu, kanti amanzi noma umswakama mningi ubambelele ngaphansi koqweqwe lomhlabath­i olungaphez­ulu.

Lokhu kubambeka komswakama kuvame ukwenzeka emhlabathi­ni osunesigub­u esihle, kodwa nalowo ocinene kakhulu uyawabamba amanzi noma umswakama ngaphansi.

Umehluko kuba wukuthi lo mhlabathi ocinene kakhulu kawuniki izimpande ithuba elanele lokuthubel­eza kahle emhlabathi­ni zikwazi ukugxila phansi zize zifike emanzini asekujulen­i.

Uma ngabe umlimi edinga ukuchushis­wa ngezinhlel­o ezineminin­ingwane nemihlahla­ndlela angathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le kwethi: 082 789 4281 noma abhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za noma ekhasini elithi: "Contact us."

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa