I- break ingakwenza ulahlekelwe
KUNABANTU okulula nje kubona ukuphuma ebudlelwaneni bothando baphinde bangene kobunye kungabi ndaba zalutho. Abanye baye baphume ebudlelwaneni bethi bathatha ikhefu ngenxa yezinkinga abasuke bebhekene nazo.
Abaye bangakuqapheli-ke wukuthi leli khefu lingaba yingozi futhi likulimaze nasemphefumulweni. Kungenzeka uphume uzitshela ukuthi uzoyithola indawo yakho uma usubuya, ngebhadi ubuye isikhala sakho sekukade sivalekile.
Yebo kuyenzeka uzwe kungasemnandi ebudlelwaneni okubona, ufise ukuthatha ikhefu, ushaywe wumoya. Kodwa kusemqoka ukuba uliqaphele ikhefu olithathayo, lingakuxaki, futhi lingakuzwisi ubuhlungu esikhathini esizayo.
Phela njengoba usuke uthandana nomuntu, baningi abasuke becuphile ukuthi uma uke waphuma nje bayangena.
Wena ungabona umuntu wakho ekuthanda futhi ekuhlonipha, bese uzitshela ukuthi mhlawumbe unakene nawe ngoba eswele uthando, kanti cha akaswele neze kodwa ukhethe wena ngoba ekuthanda. Kungenzeka nje ukuba baningi abamcela uthando kodwa yena akhethe ukuba nawe.
Uma kungowesilisa, izintombi zisuke zimbhekile zithi waphuma nje wena ziyangena zona. Phela le nto yothando ifana nse, nendawo yokupaka izimoto, ngesikhathi wena upakile, kusuke kunemoto elindele ukupaka lapho obupake khona. Ngakho-ke libheke ikhefu olithathayo lingakulahlekiseli okukhona ngokungekho.
Iqiniso nje wukuthi kunezimpisi lapha ngaphandle, ezihlale zicuthile. Le genge eyizimpisi iyingozi-ke ngoba uma ike yathola ithuba yenza ezibukwayo, basuke sebekutadishe bakuqeda, sebazi ukuthi kufanele baqinise kuphi ukuze bathandwe.
Bayazi lapho wena ubungenzi kahle khona, bese befika balungise lokho nje kube wukuwina kwabo.
Ngamafuphi nje, ngiqonde ukuthi uma ninezinkinga ebudlelwaneni, ningazibalekeli lezo zinkinga, hlalani phansi nizixazulule.
Phuma ebudlelwaneni uma usuzwa ukuthi sewanele, awusathokozile, nezinkinga enibhekene nazo kazilungiseki, kodwa indaba yekhefu ayisebenzi esikhathini esiningi.
Uma nje nithandana, sekwenzeka nibhekana nezinkinga, ningafuna usizo kongoti bezothando noma kubantu enibethembayo abanganilekelela ngokungenelela.
Ngiyaphinda ngiyasho, ukuthatha ikhefu usamthanda umuntu kuyingozi, kungcono uma vele ungasazazi noma usenalo yini uthando noma cha, ufuna ukucabangisisa kahle leyo.