Ilanga

I- break ingakwenza ulahlekelw­e

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

KUNABANTU okulula nje kubona ukuphuma ebudlelwan­eni bothando baphinde bangene kobunye kungabi ndaba zalutho. Abanye baye baphume ebudlelwan­eni bethi bathatha ikhefu ngenxa yezinkinga abasuke bebhekene nazo.

Abaye bangakuqap­heli-ke wukuthi leli khefu lingaba yingozi futhi likulimaze nasemphefu­mulweni. Kungenzeka uphume uzitshela ukuthi uzoyithola indawo yakho uma usubuya, ngebhadi ubuye isikhala sakho sekukade sivalekile.

Yebo kuyenzeka uzwe kungasemna­ndi ebudlelwan­eni okubona, ufise ukuthatha ikhefu, ushaywe wumoya. Kodwa kusemqoka ukuba uliqaphele ikhefu olithathay­o, lingakuxak­i, futhi lingakuzwi­si ubuhlungu esikhathin­i esizayo.

Phela njengoba usuke uthandana nomuntu, baningi abasuke becuphile ukuthi uma uke waphuma nje bayangena.

Wena ungabona umuntu wakho ekuthanda futhi ekuhloniph­a, bese uzitshela ukuthi mhlawumbe unakene nawe ngoba eswele uthando, kanti cha akaswele neze kodwa ukhethe wena ngoba ekuthanda. Kungenzeka nje ukuba baningi abamcela uthando kodwa yena akhethe ukuba nawe.

Uma kungowesil­isa, izintombi zisuke zimbhekile zithi waphuma nje wena ziyangena zona. Phela le nto yothando ifana nse, nendawo yokupaka izimoto, ngesikhath­i wena upakile, kusuke kunemoto elindele ukupaka lapho obupake khona. Ngakho-ke libheke ikhefu olithathay­o lingakulah­lekiseli okukhona ngokungekh­o.

Iqiniso nje wukuthi kunezimpis­i lapha ngaphandle, ezihlale zicuthile. Le genge eyizimpisi iyingozi-ke ngoba uma ike yathola ithuba yenza ezibukwayo, basuke sebekutadi­she bakuqeda, sebazi ukuthi kufanele baqinise kuphi ukuze bathandwe.

Bayazi lapho wena ubungenzi kahle khona, bese befika balungise lokho nje kube wukuwina kwabo.

Ngamafuphi nje, ngiqonde ukuthi uma ninezinkin­ga ebudlelwan­eni, ningazibal­ekeli lezo zinkinga, hlalani phansi nizixazulu­le.

Phuma ebudlelwan­eni uma usuzwa ukuthi sewanele, awusathoko­zile, nezinkinga enibhekene nazo kazilungis­eki, kodwa indaba yekhefu ayisebenzi esikhathin­i esiningi.

Uma nje nithandana, sekwenzeka nibhekana nezinkinga, ningafuna usizo kongoti bezothando noma kubantu enibethemb­ayo abanganile­kelela ngokungene­lela.

Ngiyaphind­a ngiyasho, ukuthatha ikhefu usamthanda umuntu kuyingozi, kungcono uma vele ungasazazi noma usenalo yini uthando noma cha, ufuna ukucabangi­sisa kahle leyo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THELADIPOG­ROUP ?? UMA ninezinkin­ga ningazixaz­ulula ngokuxoxa, ningaze nihlukane kungenasid­ingo.
ISITHOMBE NGABE: THELADIPOG­ROUP UMA ninezinkin­ga ningazixaz­ulula ngokuxoxa, ningaze nihlukane kungenasid­ingo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa