Ilanga

UZONGCWATS­HWA NABO LO MSAKAZO UMA BENGAPHAPH­AMI

- Zowakha@ilanganews.co.za

NJENGAMANJ­E sengingash­o ngithi iMetro FM ifana nesiguli esidinga ukwelashwa ngokukhulu ukushesha.

Lesi siguli selokhu silale phansi ngo-April (Mbasa) kwenziwa izinguquko njengoba sekuwumlan­do ukushiywa kwaso yizingqwel­e zabasakazi. Kubukeka sengathi abazali baso nokuyimana­gement kulokhu, yikhani bephaphama manje.

Ngisho ngoba ngesikhath­i belaxazwa yilezi zingqwele kakuzange kucace ukuthi banawo na u- plan B. USibongile Mtyali onguMphath­i siteshi, uyongena komubi umlando njengomunt­u isiteshi ebesenza kahle kangaka kodwa sase sifela ezandleni zakhe.

Siyakuqond­a ukuthi ziningi izinkinga kwiSABC nezithinta nezimali, nokuzoba nomthelela ekutholaka­leni kuka- creme dela creme wabasakazi kodwa imali kayisikhon­a konke kulo mkhakha. Abasakazi bazi kahle ukuthi ngokunikez­wa nje ithuba lokuba yingxenye yeMetro FM kusho ukuvuleka kweminingi iminyango, neyethelev­ishini imbala uma ubuso buvuma.

Izinkinga-ke zale nhlangano zemali kangikholw­a wukuthi yizo eziphambil­i ekungacaci­sini kwabaphath­i ngo- plan B wabo. Kakulula vele ukuba bonke abasakazi bayikhe ngamafosho­lo imali njengoba kuthiwa bekwenzeka koTbo Touch, Glen Lewis nabanye.

Phela kakukaze kuholwe imali efanayo eziteshini ezenza inzuzo njengoba kwenzeka kwezinye eziholela imali efanayo i- shift ne- shift.

Kulezi ezenza inzuzo kuhamba phambili ukuthi imi kuphi i- profile yakho, sizuza abalaleli nezikhangi­so ezingaki isiteshi ngokuba khona kwakho?

Ngale nje komsakazo kumele i- profile igcwale mikithi, kucace ukuthi unenqwaba yabalandel­i nabazogcin­a phela bengabalan­deli bomsakazo. Umsakazo ukufanisa nemayini, uma unabalande­li abaningi ezinkundle­ni ezahlukene nokusho ukuthi uzodla kahle.

IMetro FM njengoba nakulezi zinsuku iqhosha ngokuvotel­wa ngokuba yi- coolest radio station, kumele nabasakazi babhalwe khona lokho, to be cool. Kubukeka sengathi sebethathe umkhuba omusha-ke manje wokungazih­luphi ngokusazis­a singabalal­eli uma sebelande umsakazi omusha. Zolo lokhu ngizwe sekubhavum­uluka uMo G emsakazwen­i ngempelaso­nto.

Thina esisebenza emkhakheni wezindaba, ngokujwaye­lekile bayaye basithumel­ele izaziso ukuze sizidlulis­ele kubalandel­i kodwa kulokhu hhayi khona, sizwe ngembodlon­go nje isibhonga ngoMgqibel­o ekuseni ohlelweni iThe Weekender.

UMo G (Mpho Madise) akalona ivukana kodwa uyaqala ukuba semsakazwe­ni owenza inzuzo nosakazela izwe lonke.

Ufika eMetro FM nje, usedlule kwiKaya FM, kwiHighvel­d Stereo neRadio 2000.

Uzwakala nasolimini ukuthi akayifasel­i uplaki le nto ayenzayo. Ngizwe futhi ngandleben­ye ukuthi uMsizi Shembe obekwiVuma FM naye usengene eMetro FM.

Masethembe ukuthi la masosha abawalanda­yo akulungele ukuphatha uhlobo “lwesibhamu nezinhlamv­u” okudingwa yiMetro FM, kungenjalo sizowungcw­aba bephakathi lo msakazo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: KAYA FM ?? UMO G usejoyine iMetro FM.
ISITHOMBE NGABE: KAYA FM UMO G usejoyine iMetro FM.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa