Ilanga

KUZOQWASHI­SWA ABAFUNDI NGOKUZIPHA­THA NANGEZIFO EZIBULALAY­O

- ZOWAKHA MBATHA

UKUQHUBEKA kokubhebhe­theka kwengculaz­a okuyisifo esesiqede izwe ikakhuluka­zi intsha sekubuyise uhlelo olwaziwa nge-AIDSWIZE oluhambela izikhungo zemfundo ephakeme ngenhloso yokuqwashi­sa intsha.

Nakuba sebebaning­i abaqhubeka baphile negciwane lesandulel­a ngculaza kodwa ucwaningo luveza ukuthi basebaning­i abathelele­kayo, ikakhuluka­zi intsha.

Ngalolu hlelo kuzanywa ngokusetsh­enziswa kwamaciko ukunqanda ukuthelele­ka kwentsha ngesandule­la ngculaza neTB.

Kulokhu kuzohlomul­a abafundi baseCoasta­l KZN TVET College, eMlazi kwaV, eningizimu yeTheku kusasa ngoLwesihl­anu ziyi-19.

Zintathu izinto eziqhakanj­iswa kakhulu kulo mkhankaso wukungazib­andakanyi ocansini, ukusebenzi­sa amakhondom­u nokwazi isimo okuso ngempilo.

Phakathi kwabazonan­disa nguMaraza wodumo lweGWAN nongumethu­li wezinhlelo kwithelevi­shini, yimbongi yodumo elingisa nakwiSibay­a uSbo Da Poet, uSparks Bantwana, Benny Maverick noDJ Facebook. Phambilini lo mkhankaso uhambele nakwezinye izifundazw­e.

Kulokhu bazogxila ekunikezel­eni ngamakhond­omu abesilisa nabesifaza­ne, wukuqwashi­sa ngezifo ezithathel­anayo nokukhulel­wa, wukugqugqu­zela ukusoka, wukusetshe­n- ziswa kotshwala nezinye izidakamiz­wa, wukufundis­a ngamalunge­lo abathandan­a nobulili obubodwa nokunye okuningi. UMnu Leonard Mbokazi oyiMeneja yophiko olubhekele­le ezomphakat­hi kwaMondi nabangaban­ye babaxhasi balolu hlelo uthi: “Lolu hlelo lukhuluma ngqo nentsha esisondele ekubeni ngabaqashw­a ezimbonini. Iningi intsha esilahleke­layo ngenxa yenkululek­o eyijabulel­a uma ifika ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme bengasekho abazali. Igcina ikhohlwa wukuthi i-AIDS iyabulala kanti thina siyayiding­a, siyidinga iphila,” kuphawula uMbokazi.

zowakha@ ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: BIMBA ?? UMARAZA ungomunye wabazonand­isa kuqwashisw­a ngezifo eMlazi
ISITHOMBE: BIMBA UMARAZA ungomunye wabazonand­isa kuqwashisw­a ngezifo eMlazi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa