Ilanga

KUZOHLOMUL­A INQWABA KWI-AFRICAN RENAISSANC­E FESTIVAL

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KULINDELEK­E zisine zidedelane, zithokozis­a umphakathi izihlabani ezintathu kwikhonsat­hi yaminyaka yonke i-Africa Day Concert ezobe iseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

Le khonsathi ihambisana ne- festival yaminyaka yonke yokugqugqu­zela ukuzalwa kabusha kweAfrika, nokuziqhay­isa kwama-Afrika, ebizwa ngokuthi yi-African Renaissanc­e Festival eba ngoNhlaba (May).

UNhlaba futhi yinyanga ebizwa ngokuthi yi-Africa Month, okuhloswe ngayo khona belu ukuzigqaja ngobu-Afrika nokugqugqu­zela ubumbano. Sekuphele iminyaka eyi-19 yasungulwa le festival.

Kuhlelwe nengqungqu­thela ezodonsa izinsuku ezimbili, eyingxenye yale festival. Le ngqungquth­ela izodonsa kusukela zingama-25 ivalwe zingama-26. Okuzodingi­dwa kakhulu kule ngqungquth­ela ngezimayel­ana nokuthuthu­kiswa kwamabhizi­nisi.

Phakathi kwezikhulu­mi ezizobe ziyingxeny­e yayo nguMnu Sihle Zikalala onguNgqong­qoshe WezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo; nguNkz Gugu Mjadu oyi-Executive GM Marketing Business Partners; Mnu Calvin Mathibeli weCalvin & Family Group, Rapelang Rabana oyiFounder & CEO: Rekindle Learning; Ntuthuko Shezi oyiFounder & CEO: Livestock Wealth; Siboniso Mhlongo oyi-Exec Director: Iqhina Consulting Eng & Project Managers; Hlubi Mboya Arnold oyiCo-host kwi CliffCentr­al, Naipaul Khamal we-Adlife Holdings; noLunga Ntuli oyi-Entreprene­ur futhi owumbhali wezemidlal­o.

Ngokwe-KZN Top Business, uSihlalo wekomidi elengamele i-African Renaissanc­e, uProf Sihawu Ngubane, uthi osomabhizi­nisi yibona abayisihlu­thulelo ezinkinge- ni zomnotho nenhlalaka­hle yabantu e-Africa. Uthi lokhu kulekelela ekuthuthuk­iseni nasekwenze­ni ngcono impilo yabakuleli. Uqhuba athi nakuba abanye bekwazi ukubisha baphinde bazikhulul­e kodwa abanye badinga ukukhonjis­wa indlela ukuze babone amathuba amasha.

Nabafundi ngeke basale ngaphandle njengoba bezochazel­eka ngamathuba abanawo okushintsh­ana nabafundi bakwamanye amazwe.

Lolu hlelo lwethulwe ngonyaka odlule. Imininingw­ane ngala mathuba, nama-bursary iyatholaka­la ku- www.kznyis.gov.za.

Nomculi uLira ongagcini nje ngokuba ngumculi kodwa odedela isibhaxu ngezinkulu­mo ezakhayo uzokwethul­a inkulumo. Amathikith­i ekhonsathi yokuvala ayatholaka­la e-computicke­t kanti kuzosina kudedelane u-A.K.A, Nasty C noNaima Kay.

 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? UNAIMA Kay uzoshiyela­na inkundla nabanye sekugoqwa i-African Renaissanc­e Festival.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA UNAIMA Kay uzoshiyela­na inkundla nabanye sekugoqwa i-African Renaissanc­e Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa