UFUKULA ABACULI ABASAFUSUSA U-DSD
SITHATHE isinqumo sokufukula abaculi abasafufusa isilomo sikamasikandi, uKhangelani “DsD” Mhlongo woSaziwayo, ngenxa yokubona bebukeleka phansi, benganikezwa nethuba lokuba bazibonakalise emculweni wesintu.
Lesi sihlabani sikamasikandi saseShobalenyathi, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, sisungule umncintiswano obizwa ngoQhakaza Masikandi okuhloswe ngawo ukuvundulula amakhono abaculi bakamasikandi abasafufusa kuzona zonke izindawo. UKhangelani utshele ILANGA
LeTheku ukuthi ubeke isiteki esingango-R200 000 esizohlonyulwa wumculi ozophuma phambili kulo mjikelezo ozokwenziwa ngaphansi kwenkampani yakhe ebizwa ngeNjomane Entertainment Empire.
Uthi kulo mqhudelwano kuzobe kujaja abasakazi nezinkakha zabaculi bamasikandi. Uveze ukuthi kuzojikelezwa izindawo eziningi kuhlonzwe amaciko angama-50, kuwona wonke azobe engenelile bese eqhudelana kuphinde kutonyulwe ayili-10 kuwona umculi ngamunye uzoklonyeliswa ngo-R10 000 kuphinde kuhlo- nzwe oyedwa ozokhala emuke nesamba sika-R200 000.
“Uma sesidlulisa lemiklomelo emcimbini omkhulu ozobanjelwa eGoli, sizonikeza ithuba laba baculi ekade beyingxenye yomncintiswano ukuba banandise bese bekhokhelwa imali ebhekile ngalokho.
“Kulama ciko ayi-10 esizowabonga ngemali yokuthi akwazile ukudlula ohambeni olunzima, azothola amakilasi okufundiswa ngomculo nokuthi umculi uziphatha kanjani emphakathini okuyilapho sizobe sesibambisene nenkampani kaMroza woKhozi FM ebizwa ngeThumumlilo,” kusho Ukhangelani.
Ukungenela kuvalwa mhla zili-15 kuNhlangulana (June). Abaculi bajoyina ngo-R1 000 kanti bacelwa ukuba bangenele ngokuba bathumele igama leqembu nendawo elizinze kuyona ku: 063 562 9010 noma bathumele kwi-email kwethi: info@ qhakazacompetitions.co.za