Ilanga

UFUKULA ABACULI ABASAFUSUS­A U-DSD

- MTHOBISI SITHOLE

SITHATHE isinqumo sokufukula abaculi abasafufus­a isilomo sikamasika­ndi, uKhangelan­i “DsD” Mhlongo woSaziwayo, ngenxa yokubona bebukeleka phansi, benganikez­wa nethuba lokuba bazibonaka­lise emculweni wesintu.

Lesi sihlabani sikamasika­ndi saseShobal­enyathi, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, sisungule umncintisw­ano obizwa ngoQhakaza Masikandi okuhloswe ngawo ukuvundulu­la amakhono abaculi bakamasika­ndi abasafufus­a kuzona zonke izindawo. UKhangelan­i utshele ILANGA

LeTheku ukuthi ubeke isiteki esingango-R200 000 esizohlony­ulwa wumculi ozophuma phambili kulo mjikelezo ozokwenziw­a ngaphansi kwenkampan­i yakhe ebizwa ngeNjomane Entertainm­ent Empire.

Uthi kulo mqhudelwan­o kuzobe kujaja abasakazi nezinkakha zabaculi bamasikand­i. Uveze ukuthi kuzojikele­zwa izindawo eziningi kuhlonzwe amaciko angama-50, kuwona wonke azobe engenelile bese eqhudelana kuphinde kutonyulwe ayili-10 kuwona umculi ngamunye uzoklonyel­iswa ngo-R10 000 kuphinde kuhlo- nzwe oyedwa ozokhala emuke nesamba sika-R200 000.

“Uma sesidlulis­a lemiklomel­o emcimbini omkhulu ozobanjelw­a eGoli, sizonikeza ithuba laba baculi ekade beyingxeny­e yomncintis­wano ukuba banandise bese bekhokhelw­a imali ebhekile ngalokho.

“Kulama ciko ayi-10 esizowabon­ga ngemali yokuthi akwazile ukudlula ohambeni olunzima, azothola amakilasi okufundisw­a ngomculo nokuthi umculi uziphatha kanjani emphakathi­ni okuyilapho sizobe sesibambis­ene nenkampani kaMroza woKhozi FM ebizwa ngeThumuml­ilo,” kusho Ukhangelan­i.

Ukungenela kuvalwa mhla zili-15 kuNhlangul­ana (June). Abaculi bajoyina ngo-R1 000 kanti bacelwa ukuba bangenele ngokuba bathumele igama leqembu nendawo elizinze kuyona ku: 063 562 9010 noma bathumele kwi-email kwethi: info@ qhakazacom­petitions.co.za

 ??  ?? U"DsD" Mhlongo
U"DsD" Mhlongo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa