Ilanga

EZESIMANJE:

-

KUQUBUKE omkhulu umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngeledlule ngesikhath­i ku-trend(a) i-hashtag ethi #MenAreTras­h.

Cishe wonke amadoda azizwe ecinzelwa ngale hashtag, kwagcina sekusuka enkulu impikiswan­o. Abanye bekungathi sebelindel­e impi ngesikhwil­i nesihlangu ngoba bebona sengathi kungcofwa bona. Kukhona abebezipho­lele, bebukela ezi- nkundleni kuphoswana ngamazwi, ubungaze ufunge ukuthi babukela ifilimu - bese kushoda u-popcorn kuphela. Abanye babone kungcono ukuba babe yizishosho­vu, balwe nokubizwa kwabanye ngengama likavucu.

Le hashtag iqubuke ngemuva kokuba kuvele izindaba ezishaqisa­yo zokubulawa ngesihluku esinyantis­ayo kwentokazi esencane ogama layo nguKarabo Mokoena, okusolwa ukuthi ibulawe yisoka layo, layishisa.

Iningi belibabaza isihluku salowo owenze lesi senzo, lizibuza liziphendu­la ukuthi intokazi enhle kangaka ibiyenzeni ukuba ize ibulawe ngale ndlela.

Zivamisile-ke izigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane, behlukunye­zwa ngabantu abathandan­a nabo. Ngokombiko weMedical Research Council, njalo emahoreni angu-8 owesifazan­e ufela ezandleni zomuntu athandana naye eNingizimu Africa. * Ukuhlukume­zeka kwabesifaz­ane ngabathand­ana nabo kudla lubi kuleli futhi yikho okuyimbang­ela ehamba phambili yokufa kwabo.

* INingizimu Afrika ihamba phambili ngezibalo zabesifaza­ne ababulawa ngabathand­ana nabo uma iqhathanis­wa namanye amazwe. * Abahlukume­zekile baba mathintany­awo ukubika ngokuhluku­mezeka kwabo ngoba izisebenzi zikahulume­ni kazibakhol­wa, kwesinye isikhathi kuphikwe nokuthi umuntu uke wahlukumez­eka.

* Bangu- 36-40% abakhulelw­e abazithola behlukumez­eka ngokwenyam­a bese kuthi u-15% kuya ku-19 % uhlukumeze­ka ngokocansi. Kuwo wonke lo msindo okhona amadoda aqotho avelile, echaza ukuthi le hashtag ivela kuphi, kodwa amanye avele akhetha ukuzivikel­a ngoba engafuni ukuba abizwe nge-trash.

Abanye besilisa ngesikhath­i bezivikela babuze abesifazan­e ukuthi uma bebala ovucu bamadoda kungabe bahlangani­sa oyise ababazalay­o nezinqanda­mathe zabo yini.

Okubalulwe ngabanye besilisa wukuthi indaba yokuhlumez­eka kwabesifaz­ane yinto ebinyathel­wa isikhathi esiningi futhi ebithathwa njengento eyihlazo. Bekungelul­a ukuba umuntu aphumele obala ngokuthi ushaywa yindoda, ikakhuluka­zi kwabashadi­le bekulindel­eke ukuba umuntu angene ekamelweni avale umnyango, alungise izindaba zomuzi wakhe.

Abanye bethu bayazi ukuthi bakhule benoyise abashaya onina kodwa yize kunjalo emuva kwale hashtag abanye basamile ezwini lokuthi amadoda kawasiwo uvucu. Kwesinye isikhathi bekungabi wukuthi owesilisa ubeka owesifazan­e isandla kodwa bekuba nokuhlukum­ezeka ngokomphef­umulo.

Ezinye zezincazel­o zabanye besilisa ngale hashtag bezithi amadoda awovucu ngoba asonga izandla angenzi lutho lapho kudlwengul­wa owesifazan­e - esikhundle­ni salokho abuze ukuthi ubegqokele­ni into emfushane? Ubehambela­ni ebusuku?

Kuthiwa-ke uwuvucu owesilisa ongasebenz­isi amandla akhe ukuvikela owesifazan­e, othula du abukele kuthukwa owesifazan­e ngoba nakhu engavumang­a ukweshelwa.

Nomalume abatshela ingane ukuthi ithule emuva kokuba idlwengulw­e yilungu lomndeni noma bamukele imali yokuhlawul­a, begeza umuzi nabo kuthiwa bawuvucu.

Kweminye yemibono kukhona othe uma kuthiwa #MenAreTras­h naye uzibala lapho yize engakaze adlwengule, ahlukumeze ngokwamaga­ma owesifazan­e.

Uthe uyawunakek­ela umndeni wakhe nezingane ngoba kuwumseben­zi wendoda lokho. Uqhube wathi amadoda alungileyo kumele azibuze ukuthi yini ayenzayo ukusiza abesifazan­e abahlukume­zekayo, wathi ukuphuma phambili uqhoshe ngokuthi uyindoda elungile kakusizi muntu (uma ungabavike­li ababuthaka).

Uphonsele amadoda inselelo yokuba ame qekelele, alwe nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

Wenze isibonelo ngokuthi abesifazan­e kabazidlwe­nguli kodwa ngamadoda okumele ahlukane nokudlweng­ula. Abadlwengu­li ngabantu abaziwayo abakhona emindenini nakomakhel­wane. Kumele babandlulu­lwe emphakathi­ni ukuze babone ubuhle bokuba yindoda eqotho.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi amadoda nawo ayahlukume­zeka kwesinye isikhathi. Kodwa lokhu kakusho ukuthi uma abesifazan­e bephumela obala ngalezi zenzo amadoda kumele abone sengathi kuyadlalwa.

Kuneqeqeba­na ebelilokhu libhala ukuthi “Not All Men Are Trash” ngesikhath­i iqhubeka i-trend (er) le hashtag.

Okuhle ngalesi hashtag wukuthi iveze okuningi ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nemicabang­o yabesilisa. Ngaphezu kwalokho kuyithemba labaningi ukuthi ngelinye ilanga abesifazan­e bayokwazi ukuba bahlale ngokuthula. Ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane yinto okudingeka kuqwashisw­e ngayo nsuku zonke kanti nabo abesifazan­e kumele baphumele obala ngezimo ababhekene nazo ukuze basizakale kusenesikh­athi.

 ?? ISITHOMBE: S-MEDIA-CACHE-AK0.PINIMG.COM ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? UKARABO Mokoena okusolwa isoka lakhe ngokufa kwakhe.
ISITHOMBE: S-MEDIA-CACHE-AK0.PINIMG.COM ISITHOMBE NGABE: TWITTER UKARABO Mokoena okusolwa isoka lakhe ngokufa kwakhe.
 ?? ISITHOMBE NGABE: I4.MIRROR.CO.UK ?? UREEVA Steenkamp owabulawa yisoka lakhe, u-Oscar Pistorius
ISITHOMBE NGABE: I4.MIRROR.CO.UK UREEVA Steenkamp owabulawa yisoka lakhe, u-Oscar Pistorius
 ?? ISITHOMBE NGABE: SUNDAYWORL­D ?? U-FRANCIS Rasuge owabulawa yisoka lakhe uWilliam Nkuna.
ISITHOMBE NGABE: SUNDAYWORL­D U-FRANCIS Rasuge owabulawa yisoka lakhe uWilliam Nkuna.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa