Ilanga

Kugqugquze­lwa ababhali ukucikoza ngesiZulu

I-UKZN nethuba eliyinqgay­izivele

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUSHUNYAYE­LWA ivangeli lokuba ababhali bacikoze ngesiZulu ukuze kwakheke isizwe esifundile kutshaleke nesiko lokufunda, ikakhuluka­zi kubafundi baseNingiz­imu Afrika. I-University of KwaZulu-Natal (UKZN) isinxuse osonkondlo ukuba bakhiphe amangwevu babhale izinkondlo ezizogqugq­uzela abantu ukuba bathande izilimi zomdabu.

Umqondisi wehhovisi lokuhlelwa nokuthuthu­kiswa kolimi kule nyuvesi, uDkt Langa Khumalo, uthi ucwaningo luveza ukuthi izinga lokufunda liphansi entsheni yaseNingiz­imu Afrika, okuyikhona abafuna ukulwa nakho.

Uthi leli thuba kumele balithathe ngazo zombili ababhali kwazise izinkondlo ezihlabahl­osile zizoshicil­elwa encwadini yenyuvesi. Utshele leli phephandab­a ukuthi isihloko okusetshen­zwa ngaphansi kwaso sithi “Umsoco wolimi” okuhloswe ngakho ukuba umbhali aveze noma ngabe yini ngokubalul­eka kolimi lwesiZulu. “Ngokwezimi­so zenqubomgo­mo nohlelo lolimi kule nyuvesi, wukuba siluphakam­ise silubeke kwelinye izinga njengoba ezinyangen­i ezedlule kade sethula ngokusemth­ethweni izincwadi zezindaba ezimfushan­e ebesizibha­lelwe ngabafundi.

“Ngalokhu sigqugquze­la isiko lokubhala nokunikeza ababhali ithuba lokuba baveze imizwa yabo,” kusho uDkt Khumalo. Uthi isifiso sabo esikhulu wukuba lezi zinkondlo uma sezishicil­elwe encwadini eyodwa, inikwe umnyango wezemfundo emazingeni aphansi ukuba uyisebenzi­se nasezikole­ni ukuze kuzokuba nokuxhuman­a kwezinga lemfundo yasenyuves­i neyesamazi­ngeni aphansi.

Ngokwenqub­o-mgomo yalo mncintiswa­no, kakuvumele­kile ukuba umbhali awungenele ngenkondlo esetshenzi­siwe ngaphambil­ini kolunye ushicilelo, kungenelwa ngenkondlo eyodwa futhi kakuvumele­kile ukuba ibhalwe ngesandla.

Abaphumele­le bazothintw­a yinyuvesi. Ifomu lokungenel­a lihambisan­a nombhalo wombhali, liyatholak­ala ku: http://ulpdo.ukzn. ac.za noma uzihambise­le mathupha emahhovisi okuthuthuk­iswa nokuhlelwa kolimi ophikweni lwaseHowar­d College, eThekwini kuyona le nyuvesi. Kuyavalwa ukuthunyel­wa kwezinkond­lo mhla zili-15 kuNhlangul­ana (June).

Ngalokhu sigqugquze­la. isiko lokubhala nokunikeza ababhali ithuba lokuba baveze imizwa yabo kusho uDkt Khumalo. Uthi isifiso sabo esikhulu wukuba...

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa