Ilanga

BAZIKHULUL­A EMAHLATHIN­I AMATHOYILE­THI EXATHUKA

- PHUMLANI GAMA

BUDIDA impukane ubunuku esakhiweni soMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esiseNgwav­uma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okwenza abantu abasuke beye kusona bahlale bebitoza ngenxa yephuma eligqashul­a ikhanda.

Kulesi sakhiwo kunamahhov­isi eSouth African Social Security Agency (Sassa). ILANGA liyile kulesi sakhiwo okuthe lingakange­ni ngaphakath­i lahlangats­hezwa yiphunga lendle nomchamo. Izindlu zangasese zigcwele, babodwa abavele baquluse obala bazikhulul­e - kungakhath­alekile ukuthi ngowesifaz­ane noma ngowesilis­a.

Lokhu bakwenza ngisho kukhona abobulili obungafani nobabo. Uma abantu bengena ezindlini zangasese kudingeka beqe indle. “Owesilisa nowesifaza­ne kabasahlon­iphani. Iziphathim­andla zalesi sikhungo zazi kahle ukuthi le ndawo isetshenzi­swa ngabantu abaningi kodwa basifunza indle.

"Ingani phela bona bangena ngezimoto eziphephet­ha umoya maqede bayohlala emahhovisi baphesheth­we wumoya. Sizophoqel­eka ukugxoba itoyitoyi ukuze kulungiswe indaba yala manyala esifunzwa wona. Kudala siyikhulum­a le nto kodwa singanakwa. Wunyaka wesithathu lona kugcwele indle esikhungwe­ni.

"Ngiyazibuz­a ukuthi abahloli besikhungo babhala imibiko ethini ngasohlang­othini lwenhlanze­ko. Ibuhlungu impilo ephilwa ngabantu baseNgwavu­ma. Lapha kusizakala izizwe zamakhosi amathathu okunguNyaw­o, uMngomezul­u noMathenjw­a,” kubhoka elinye ilunga lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa.

Umthombo ongaphakat­hi kulesi sikhungo - ongunogada ngokomsebe­nzi - uthi bathwala kanzima ngoba bahlala futhi basebenzel­a khona. “Njengoba uyibona le migqomo igcwele udoti, kayichithw­a. Uyazibonel­a nawe ukuthi akuyona indawo yokusiza lena kodwa ngeyokubul­ala abantu.

"Lokhu sikusho ngoba abantu bafika bephila kodwa babuyele emuva sebehlasel­we yizifo zofuba, ikhorela nokunye okudalwa yi- phunga elibi lendle. Singathoko­za uma kungagasel­a izikhulu zomnyango zizobona lolu sizi olubhekene nalo mphakathi.

"Nabezempil­o bayafika lapha kodwa kabasho lutho. Izisebenzi ziphoqelek­a ukuyoqulus­a emahlathin­i ukuze zikwazi ukuzikhulu­la. Abanye bathatha ucingo balubeke endlebeni kube sengathi kukhona abamfonela­yo kanti bayozikhul­ula ehlathini, nalo elikude kakhulu nesikhungo.

"Kudala sikhala ngale nkinga kodwa lutho ukusizakal­a. Ngomunye unyaka basilethel­a izindlu zangasese ezingomaha­mbanendlwa­na babuye bazithatha. Abanezimot­o bahamba bayozikhul­ula ngaphandle,” kusho lo nogada.

UNkk Ncumisa Ndelu, okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uthe unxusa umphakathi ukuba ubekezele kancane ngoba umnyango uphezu kwezinhlel­o zokulungis­a isimo nendlela okufanele kusebenze ngayo izindlu zangasese. Uthe bafaka izindlu zangasese zesikhasha­na besiza umphakathi.

“Inkinga siyayilung­isa, sicela umphakathi ubekezele ngoba kunezinhle­lo esiphezu kwazo. Ngicabanga ukuthi inkinga idalwe wukuthi inkampani eqashisa ngezindlu zangasese zesikhasha­na isibuye yazithatha yangabe isazibuyis­ela,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? YIBONA lobu bunaphanap­ha obusesakhi­weni soMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal eNgwavuma.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA YIBONA lobu bunaphanap­ha obusesakhi­weni soMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal eNgwavuma.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa