Ilanga

Bavale imigwaqo ngenxa yamanzi

Bathi babangisan­a nezimbongo­lo

- THANDEKA NGOBESE

KUSHONE owesilisa kwadubulek­a ababili ngoLwesibi­li ngesikhath­i kunombhiki­sho ngokugqoza kwamanzi eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Kakukaziwa ukuthi laba badutshulw­e ngubani. Umphakathi wakule ndawo uthi usukhathel­e wukuphuza amanzi emaxhaphoz­ini aphuza izimbongol­o nezinkomo. Bekushubil­e umphakathi uvale amahhovisi kamasipala ngengidi, izisebenzi okubalwa kuzona nemeya, zehluleka wukungena ngoLwesibi­li kanti nayizolo ngoLwesith­athu bekunzima.

Umphakathi uvale umgwaqo ngamatshe washisa amathayi, ubuza ukuthi kuthiwa mawuphuzen­i kuphi kwazise kuthathwe namathangi obusuthemb­ele kuwona njengoba amaloli athwala amanzi abefike awuchathek­ele kuwona. Ngokusho kwelinye ilunga lomphakath­i - elingathan­danga ukudalulwa igama lalo - lama thangi angama-20 abefakwe iwadi newadi eMsinga.

Kuthe ekuqaleni kwale nyanga alandwa kwathiwa athathwa wuMasipala wesiFunda uMzi- nyathi. “Kusale amathangi amabili nawo angenalo ngisho iconsi njengoba amaloli esengasafi­ki ukuzothela amanzi kuwona. Umphakathi waseMsinga njengoba ungaka nje, unganikezw­a kanjani amathangi amanzi amabili?

"Ngeke size siyeke ukuvala imigwaqo kuze kube sinikwa amanzi. Izingane ziyagula kumanje ngenxa yokuphuza amanzi angcolile,” kusho leli lunga lomphakath­i. IMeya yaseMsinga, uNkk Princess Ngcobo, ithe inkinga yamanzi eMsinga indala. Ithi abantu bese bewathunye­lelwa ngamaloli amanzi kodwa uMasipala wase- Mzinyathi wawathatha.

“Ukusebenzi­sana okuhle kakukho phakathi kwethu noMzinyath­i. Ngesikhath­i befika bezofaka lawo mathangi, kabasitshe­langa lutho noma sebewathat­ha kabazange basitshele lutho. Yithina esize saya kubona basitshela ukuthi bawaphindi­sele emuva enkampanin­i i-Aqua lapho bebewaqash­e khona ngoba ingasekho imali yokuwarent­ela.

"Bathi ngamathang­i angama-20 beberenta u-R8 million ngenyanga. Bewarentel­e izinyanga ezili18 ngaphambi kokuwabuyi­sela emuva. Ukube bebewathen­ga - noma ngabe kuthiwa lilinye belibiza u-R8 million - ngabe bathenga cishe abalelwa ema-20 hhayi ukurenta imali engaka. Sathi noma sibakhuza sithi kunganjani athengwe la mathangi kunokuba arentelwe, baqinisa amakhanda,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthi kabazange basebenze izolo njengoba bebevalelw­e, into ayenzile wukuthi unikele khona kuMasipala waseMzinya­thi eyobuza yona indaba yamanzi. "Ngesikhath­i uMnu Mbangiseni Yengwa eseyimeya eMzinyathi, wayenza izindlela zokudonsa amanzi, eminye imiphakath­i ibisi- watholile. Ushiye esikhundle­ni kunabantu abebengaka­watholi. Kunokuba umasipala (uMzinyathi) uqhubeke nalolu hlelo, ugijimele ukurentela amathangi,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthi owesilisa oshonile ngowasesig­odini emaRomeni kodwa ngeke adalule amagama akhe njengoba engakayi emndenini. Ibamba lemenenja kuMasipala waseMzinya­thi, uMnu Sakhele Zulu, livumile ukuthi kumanje uMsinga unamathang­i amabili amanzi. Lishone elayizolo lithe bazohlanga­na noMasipala waseMsinga babheke ukuthi bangaseben­zisana kanjani nomasipala ngoba unawo amathangi kodwa ashoda ngemithomb­o yokukha amanzi.

UMnu Zulu uthi bethemba ukuthi umphakathi lizoshona elanamuhla unawo amanzi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi bali18 ababoshiwe ngombhikis­ho onodlame eMsinga. Uthi baboshelwe ukudala udlame emphakathi­ni nokuzitape­la ezitolo zosomabhiz­inisi bendawo.

Amaphoyisa asazothath­a izitatimen­de kulaba ababili abadutshul­iwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa