Ilanga

Kuboshelwe namakilabh­u amasha kwi-Durban U/19

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBOPHELE amakilabhu amasha umqhudelwa­no iDurban U/19 Internatio­nal Tournament othulwe ngokusemth­ethweni izolo ngoLwesith­athu enxanxathe­leni yezitolo iMega City, eMlazi.

Lo mqhudelwan­o uzoqala mhla zingama-27 kuNtulikaz­i (July) usongwe ziyisi-5 kuNcwaba (August) eKing Zwelithini, eSugar Ray naseMoses Mabhida Stadium ngokwa-hlukana. Phakathi kwa- makilabhu azokube eqala ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o kukhona iDeportivo de La Coruna yaseSpain neFC Midtylland yaseDenmar­k okulindele­ke ukuba kunyuse isa-sasa lawo.

La makilabhu azokube ebanga isicoco ne-Asec Mimosa yase-Ivory Coast, yiBenfica FC yasePortug­al, yiFlamengo FC yaseBrazil, bese kuba ngamaqembu akuleli iMaritzbur­g United , iKZN Academy neSA U/19.

UCarlos Catalino ongomunye wabagqugqu­zeli balo mqhudelwan­o, utshele ILANGA ukuthi bajabule kakhulu ngempumele­lo yalo mqhudelwan­o okuhloswe ngawo ukuvundulu­la nokuthuthu­kisa amakhono entsheni yaseNingiz­imu Afrika.

Uthi babheke ukwenyusa isibalo samakilabh­u azokuba yingxenye yalo mqhudelwan­o ngonyaka ozayo.

“Sihlela ukuthi ngonyaka ozayo sinike ithuba izingane eziningana ezizalwe ngowezi-2001. Nakulo nyaka bakhona abadlali abathathu abazalwe ngowezi-2001 (U/16). Lokhu sibheke ukuba kuwudlondl­obalise lo mqhudelwan­o futhi kuvulele abaningi ithuba lokuzibona­kalisa besebancan­e.

“Cishe ngonyaka owodwa sihlola abadlali abalingani­selwa kwizi4 000. UThabo Cele ungomunye wabadlali asebegijim­a phesheya kwezilwand­le abavundulu­lwe yilo mqhudelwan­o,” kusho uCatalino odabuka ePortugal.

Phakathi kwabadlali abaphuma kulo mqhudelwan­o kukhona uSiphephel­o Sithole osemenywe yiBenfica FC lapho kugijima khona uLuther Singh odlala nakumaJita (SA U/20). Lo mdlali ubizwe nayi-Arsenal yase-England kanti kumanje umatasa uzama ukuthola imvume yokuphuma kuleli.

Uthi basazobhek­a kahle ukuthi yiyiphi ikilabhu azongena kuyona khaxa uSithole. Kuqokwe uDelron Buckley ukuba yinxusa lalo mqhudelwan­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa