Ilanga

I-CHIEFS INYONYOBEL­A ISIBABULI SOMDLALI

- SENZO SOKHELA

INGASE ilahlekelw­e yisibabuli somdlali iReal Kings United FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD) njengoba kuvela ukuthi singase sibuyele kwiKaizer Chiefs esikhulele kuyona.

ILANGA lihletshel­we yimithombo yalo ukuthi iChiefs isinalo uhlu lwabadlali ezobachith­a nezobasayi­nisa uma kusongwa isizini ngelizayo.

Kuthiwa kuzokuthi kungaphela isizini nje bese iChiefs iba nomhlangan­o omkhulu okuyilapho kuzobhungw­a khona ngabadlali nangekusas­a lomqeqeshi, uSteve “Mphathi” Komphela.

ILANGA lincinzwe ukuthi uMo- ndli “Vala” Miya, odlala ophondweni lwesokunxe­le kwiKings oyisithand­wa sabalandel­i bale kilabhu ngenxa yomjiko oneNkosi phakathi, ukulolu luhlu lwabadlali abangase basayinisw­e yiChiefs.

Kuthiwa kunezinhlo­li ezike zamubona emidlalwen­i eyahlukene yeKings zabe sezibikela iChiefs ngaye. Lo mdlali uvele ukhulele esikhungwe­ni seChiefs kodwa yamdedela ngendlela engaqondak­ali.

Leli phephandab­a libuza uBobby “Bobsteak” Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ngalolu daba izolo ngoLwesith­athu emini, uthe: “Njengamanj­e kangifuni ukukhuluma ngendaba yabadlali esibafu- nayo kumbe esizobachi­tha. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi sizwile ngoMiya futhi kungenzeka kube wukuthi usohlwini lwethu kodwake kangifuni ukukhuluma ngendaba yabadlali manje. Emasontwen­i amabili ezayo sizokuba ne- workshop okuyilapho sizobhunga khona ngakho konke okuthinta ikilabhu.”

Leli phephandab­a lithole ukuthi akuyona iChiefs kuphela egaqele lo mdlali kodwa kukhona namanye amfunayo kwi-Absa Premiershi­p okukhona kuwo neyaKwaZul­u-Natal. Ukuze iChiefs ithole lo mdlali kuzofanele ikhulume neKings kwazise uMiya usanda kwelula inkontilek­a yakhe nale kilabhu eholwa nguBongani Ngidi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa