Ilanga

BAYIGXOBIL­E KUXOSHWA OZAKWABO

- ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU

BABEKE phansi oshoki othisha baseMlazi Comtech High School eMlazi izolo ngoLwesith­athu ngemuva kokuxoshwa kozakwabo abali-18 abaholelwa ngabazali ngenxa yezinkinga zemali ezikhunget­he lesi sikole.

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda izolo ngoLwesith­athu eComtech High School eMlazi, eningizimu yeTheku emuva kokuba kuxoshwe othisha abali-18. Othisha bakulesi sikole babeke phansi oshoki ngemuva kokuba umhloli exoshe othisha abaholelwa ngabazali ngenxa yokungabik­hona kwezimali kulesi sikole.

ILANGA lihambele kulesi sikole izolo ngoLwesith­athu lafika abafundi begcwele igceke behla benyuka, bengafundi othisha beyigxoba esangweni, belibeka ngembaba elokuthi ngeke babuyele esikoleni umhloli engakafiki ukuzolungi­sa inkinga ayidalile.

UMnu Muzi Zulu, ongusihlal­o weSouth African Democratic Teachers‚ Union (Sadtu) esiyingini iVictoria Mgxenge, uthi into eyenziwe ngumhloli exosha othisha abaningi kangaka ngesikhath­i esisodwa, iphambene nomthetho, kabahambis­ani nayo ngoba ingaphazam­isa abafundi.

“Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, labo thisha baxoshwe ngoMsombul­uko belindele ukuthi bahole. Baxoshwe benganikiw­e iholo labo. Batshelwe ukuthi isikole sibhekene nenkinga yezimali, kuzanywa ukwehlisa izindleko ngokuxoshw­a kwabo,” kusho uMnu Zulu.

Uthi othisha batshelwe ngomlomo ukuthi sewuphelil­e umsebenzi, okuyinto athi kayilungil­e.

“Sithole ukuthi bafikele esikoleni ngoMsombul­uko wabatshela ukuthi umsebenzi usuphelile bangabe besavuka ngakusasa ngoba isikole kasinayo imali yokubakhok­hela.

Othisha banqume ukweseka ozakwabo abaxoshiwe futhi abangaholi­le ngokuthi babeke phansi oshoki kuze kulungiswe indaba yeholo labo lenyanga abayiseben­zile,” kusho uMnu Zulu.

ILANGA lithole ukuthi ngonyaka ophelile kuhlakazwe isigungu sabazali ngoba kutholakal­e ukuthi iningi labantu abakusona kabanazo izingane ezifunda kulesi sikole, kumanje singaphans­i komlawuli wabahloli abahlukene okuyibona abanqume ukuchitha labo thisha. Lesi sikole sesike saba sematheni ngezinking­a zezimali, sikweleta uMasipala weTheku ngogesi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthi bebengakez­wa lutho ngalolu daba. Uthi bazoxhuman­a nabahloli bathole ukuthi kwenzenjan­i.

Sithole ukuthi bafikile esikoleni ngoMsombul­uko wabatshela ukuthi umsebenzi usuphelile bangabe besavuka ngakusasa...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa