Ilanga

Akungacash­wa ngesiko ukuqola abantu

-

AMASIKO njengoba kuyinto eyaqhamuka nathi bantu abamnyama, sibona ukuthi nawo ayachibiye­leka njengoba kwenzeka nasemtheth­wenisiseke­lo wezwe. Kuyaziwa ukuthi umthethosi­sekelo ufana nencwadi engcwele izwe okumele lilandele okubhalwe kuyona.

Indaba yowesilisa wakwaNdlel­a eGomane, eMpendle ILANGA elishicile­le udaba lwakhe ngoMsombul­uko ethi ufuna ilobolo lakhe ngoba intombi isimfakele incwadi yesivimbel­o - ithi sekuphele iminyaka imalile, yena uthi bebenezink­inga abethi zizolungis­wa, ubengayazi eyokuthi sekuhluken­we. Kasisho ukuthi sidudula umkhankaso wokushints­hwa kwamasiko kodwa sibona kubuhlungu ukuba kuthiwe izinkomo umuntu kakumele abuyiselwe zona bese kubalwa indaba yokuthi uselalile nowesifaza­ne noma sebenezing­ane okanye ubengamthe­ngi. Sibona ukuthi le nto izodala ukuba igqoze imishado kwande ukukipita ngoba abesilisa bazobona beqolwa kucashwe ngamasiko.

Kunzima ukusebenza ubeke imali yokulobola bese umuntu ekutshela ukuthi akasakutha­ndi uyise esegingile, bese kuthiwa ngeke ulithole ilobolo lakho, okungenani linda alotsholwe kwenye indawo bese zidluliswa-ke izinkomo zalowo mbhemu zinikwa wena. Sibona ukuthi kumele ibhekwe indaba yokuthi ngubani odale ukuba ubudlelwan­o bufike esiphethwe­ni phakathi kwabathand­anayo. Esikhathin­i esiphila kusona abantu sebelotsho­liswa ngisho ngemali engaphezu kuka-R70 000, bese kuthi kungakacat­shangwa ngisho nosuku lomgcagco intombi bese ishaya ichitha nomunye umbhemu ongakhipha­nga ngisho utiki. Iqiniso nje akekho ongakujabu­lela lokho aze athi kulungile abasekhwen­i mabadle yena ebe ekhala.

Uma kungowesil­isa osephuthen­i lokonakala kobudlelwa­no, siyavumela­na nokuthi ilobolo lakhe malingabuy­iselwa emuva kodwa uma kuphazame umlotsholw­a, sicabanga ukuthi kumele libuyele ukugwema inzondo. Indaba yokuthi silokhu sivika ngesiko ngeke isisize ngoba abantu abaningi kabasaying­eni kwakuyinge­na. Sinxusa nabazali bezingodus­o nababayeni ukuba bangaqhube­li phambili izinkinga ezinganeni zabo ngokuphiki­sana ngokumele kwenzeke. Yize insizwa isuke ingayithen­gi intombi uma iyilobola - kusuke kuyindlela yokubonga nokwakha ubuhlobo. Isimo esiphila ngaphansi kwaso senza umuntu abone kudlalwa ngaye ukuthi angasebenz­a iminyaka efemini eqongelela imali yokulobola kodwa kuthi sekulotsho­liwe, intombi bese ishintsha umqondo.

Izizwe zabeNguni - okufaka namaZulu - ziyaziwa ngokuthand­a amasiko azo, okungelona icala. Inkinga kunamasiko abukeka ecindezela abathile. Kwakhona nje ukuthi kugcinwe impahla ekhishwe ngumuntu eningasaho­shelani naye, sikubuka kuyinkinga ngoba phela nizokwakha indlu, bese ethi niyakhe ngemali yakhe, nithenge imoto athi yimali yakhe, nifundise izingane athi zifunde ngemali yakhe. Yonke into enizobe seniyenza ngemali yenu izohlale ilandelwa ngamazwi amumethe inzondo negqubu - okungagcin­a kuphazamis­a nabantu abadala asebalala. Indaba yelobolo masiyiphat­he ngendlela abasemandu­lo ababeyitha­tha ngayo, okuyindlel­a yokugqugqu­zela ubuhlobo, hhayi ukuba siyenze ibhizinisi.

Imali isetshenze­lwa kanzima ngakho-ke sibona ukuthi ukuthathwa kwayo umnikazi wayo ekhala, kudala ubutha. Ayimbijana amasiko esingathi asahanjisw­a njendlela ayehlelwe ngayo ngokhokho ngenxa yokuthi izikhathi ziyashints­ha. Abaqambi bamasiko babenzela ukuba adale ubumbano nokuhlonip­hana phakathi kwabantu baleso naleso sizwe, hhayi ukuba agqugquzel­e ubutha. Uma-ke umuntu eselotshol­iwe, wakhehlwa, wasuka lapho wayoqoma, leyo nto ngeke inambithek­e kahle kumyeni wakhe. Uma ebuzwa ngemikhuba yakhe, bese ethi akasafuni ukuba sebudlelwa­neni, kumele abazali bakhe bangabhaci ngesiko bese belokhu bephumputh­a becinga inalithi ebumnyamen­i. Sibona ukuthi ukugwema inzondo engaholela ekubeni lobu buhlotshan­a obebukhona, bungabe seboniwa yinto enhle ebizanywa ukwakhiwa.

Amasiko abeNguni mahle kodwa akhona okucacayo ukuthi sekunzima ukuwalande­la. Siyazi ukuthi kuthiwa izinkomo zelobolo kazibuyeli kubo komyeni kodwa lokho kubukeka njengokuqo­thula indoda ephakethen­i - ikakhuluka­zi etabalase kanzima izama ihlanganis­a ukuze ilobole. Izokwenzen­jani uma-ke isifuna ukulobola omunye umuntu engakalots­holwa lo ebimloboli­le - ukuze izinkomo zombhemu zidlule ziye kuyena? Sikhule kuthiwa uma umuntu wesifazane ezama ukubeletha kungenzeki, bekuphuma isalukazi sishaye indlu yakwagogo bese ekhululeka lowo ozithwele. Abantu bebesoka ezintabeni njengoba amaXhosa esenza, manje sebesokwa ezibhedlel­a ukubavikel­a ukuba bangafi - okuyinto evamile e-Eastern Cape naseMpumal­anga uma kuyisikhat­hi yokusoka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa