Abaholi abansundu bahlotshiswe kabi
MHLELI: Kunento exakayo uma kukhulunywa ngabaholi bendabuko abangama-Afrika. Isikhathi esiningi abaholi bendabuko, ikakhulukazi abasemandulo, bathathwa njengabantu ababengalungile futhi ababebusa ngegazi.
ISilo uShaka kaSenzangakhona, iLembe, njalo uma kukhulunywa ngaso, umuntu ufikelwa ngumbulali owayengenanembeza, owabulala abantu kungenasizathu futhi enonya olwesabekayo.
Ngamafuphi, iLembe - ngokubekwa ngababhali abamhlophe - libi ngisho ukwedlula uSathane uqobo.
Kakukuningi okulitusayo iLembe yize lenza okuningi.
ILembe ngokwami kwakungumphrofethi owayethunywe nguNkulunkulu, okwathi uma eseqede lokhu ayekuphathisiwe wabe esehamba. Uma kuwukuthi iLembe lalilibi ukwedlula bonke abantu, bona abelungu babengcwele yini?
Buka u-Adolf Hitler owabulala amaJuda ayizigidi eziyisi-6 wawagqiba ezwa emgodini ngoba ewasola ngokuthi yiwona acekela umnotho phansi.
Ngabe lokho kwakuyisenzo esingcono ukwedlula okwakwenziwa yiLembe?
Nansi iMpi yoKuqala yoMhlaba yowe-1914 neyesibili ngowe-1939, lapho kwabhujwa khona kepha kakubatshazwa kodwa kuyatuswa. Buka abaholi base-Europe ababebusa ngegazi o-Otto von Bismark, Mussolini, Napoleon nabanye bayaqhakanjiswa, bangcweliswe babizwe ngamaqhawe bese kuthi abaholi abansundu bahlotshiswe kabi.
Masikhumbule ukuthi ngisho noNkulunkulu izimpi wayezisekela ngezikhathi zesivumelano sokuqala. Lokho phela uNkulunkulu wayekwenza ngenhloso yokuthi esizweni sakwa-Israel kwakuzozalwa uJesu Kristu. Yini manje kubukeke kukubi uma kungabantu abamnyama?
Nokho bakhona nabamnyama abanalowo mqondo ongemuhle uma kuphathwa indaba yeLembe. Laphayana kwiGenesis sithola abantu bakha umbhoshongo waseBhabheli. Inhloso yabo kwakuwukuhlala ndawonye besondelane.
Yingakho bagcina sebekhuluma ulimi olulodwa.
UNkulunkulu akakuthandanga lokho ngoba umhlaba wakhe wayewudale waba banzi ngoba efuna ukuba abantu basakazeke nezwe lonke. Wathumela izingelosi zakhe zabahlakaza abantu bagcwala umhlaba wonke. Ekuhlakazweni kwabo baqala bakhuluma izilimi ezahlukene, bengezwani uma bekhuluma.
Yingakho nombhali waphesheya wathi “the world is too much with us” okuwukuthi umhlaba ubanzi kakhulu kunathi thina bantu. Namanje kasikawugcwalisi.
Yingakho sithola abantu baseMozambique bebaleke beholwa yindodana kaZwide kaLanga, uSoshangane, amaNyasa aseMalawi, amaBhaca, ngabantu bakaMzilikazi eZimbabwe nezinye izizwe.
Buka nje ngisho amaSwazi athi galo yephuka esefikile umfo kaSezangakhona, yingakho imbongi yakomkhulu ithi: ‘’Wathi esadl’ ezinye waphanda futhi wadl’ ezinye.’’ Ngamanye amazwi, ngokunyakazisa izizwe nezizwana, iLembe lase lifeza yona inhloso kaNkulunkulu ngokuthi abantu bagcwale umhlaba.