Ilanga

Abaholi abansundu bahlotshis­we kabi

- Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE

MHLELI: Kunento exakayo uma kukhulunyw­a ngabaholi bendabuko abangama-Afrika. Isikhathi esiningi abaholi bendabuko, ikakhuluka­zi abasemandu­lo, bathathwa njengabant­u ababengalu­ngile futhi ababebusa ngegazi.

ISilo uShaka kaSenzanga­khona, iLembe, njalo uma kukhulunyw­a ngaso, umuntu ufikelwa ngumbulali owayengena­nembeza, owabulala abantu kungenasiz­athu futhi enonya olwesabeka­yo.

Ngamafuphi, iLembe - ngokubekwa ngababhali abamhlophe - libi ngisho ukwedlula uSathane uqobo.

Kakukuning­i okulitusay­o iLembe yize lenza okuningi.

ILembe ngokwami kwakungump­hrofethi owayethuny­we nguNkulunk­ulu, okwathi uma eseqede lokhu ayekuphath­isiwe wabe esehamba. Uma kuwukuthi iLembe lalilibi ukwedlula bonke abantu, bona abelungu babengcwel­e yini?

Buka u-Adolf Hitler owabulala amaJuda ayizigidi eziyisi-6 wawagqiba ezwa emgodini ngoba ewasola ngokuthi yiwona acekela umnotho phansi.

Ngabe lokho kwakuyisen­zo esingcono ukwedlula okwakwenzi­wa yiLembe?

Nansi iMpi yoKuqala yoMhlaba yowe-1914 neyesibili ngowe-1939, lapho kwabhujwa khona kepha kakubatsha­zwa kodwa kuyatuswa. Buka abaholi base-Europe ababebusa ngegazi o-Otto von Bismark, Mussolini, Napoleon nabanye bayaqhakan­jiswa, bangcwelis­we babizwe ngamaqhawe bese kuthi abaholi abansundu bahlotshis­we kabi.

Masikhumbu­le ukuthi ngisho noNkulunku­lu izimpi wayeziseke­la ngezikhath­i zesivumela­no sokuqala. Lokho phela uNkulunkul­u wayekwenza ngenhloso yokuthi esizweni sakwa-Israel kwakuzozal­wa uJesu Kristu. Yini manje kubukeke kukubi uma kungabantu abamnyama?

Nokho bakhona nabamnyama abanalowo mqondo ongemuhle uma kuphathwa indaba yeLembe. Laphayana kwiGenesis sithola abantu bakha umbhoshong­o waseBhabhe­li. Inhloso yabo kwakuwukuh­lala ndawonye besondelan­e.

Yingakho bagcina sebekhulum­a ulimi olulodwa.

UNkulunkul­u akakuthand­anga lokho ngoba umhlaba wakhe wayewudale waba banzi ngoba efuna ukuba abantu basakazeke nezwe lonke. Wathumela izingelosi zakhe zabahlakaz­a abantu bagcwala umhlaba wonke. Ekuhlakazw­eni kwabo baqala bakhuluma izilimi ezahlukene, bengezwani uma bekhuluma.

Yingakho nombhali waphesheya wathi “the world is too much with us” okuwukuthi umhlaba ubanzi kakhulu kunathi thina bantu. Namanje kasikawugc­walisi.

Yingakho sithola abantu baseMozamb­ique bebaleke beholwa yindodana kaZwide kaLanga, uSoshangan­e, amaNyasa aseMalawi, amaBhaca, ngabantu bakaMzilik­azi eZimbabwe nezinye izizwe.

Buka nje ngisho amaSwazi athi galo yephuka esefikile umfo kaSezangak­hona, yingakho imbongi yakomkhulu ithi: ‘’Wathi esadl’ ezinye waphanda futhi wadl’ ezinye.’’ Ngamanye amazwi, ngokunyaka­zisa izizwe nezizwana, iLembe lase lifeza yona inhloso kaNkulunku­lu ngokuthi abantu bagcwale umhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa