Ilanga

Kuwukhiye ukuxhumana okuhle emsebenzin­i

- LUCKY CAIN *Ulwazi lucashunwe kwiCareers­24

UKUXHUMANA ngendlela efanele kuwukhiye empilweni, ikakhuluka­zi ukuze izinto zihlale zihamba ngononina. Ezindaweni esisebenza kuzona kubaluleki­le ukuba sixhumane ngendlela efanele nozakwethu nalabo abasipheth­e ukuze umsebenzi uqhubeke ngokufanel­e.

Kuyaye kube yinkinga uma inkulumo noma ukuxhumana kungenzeki ngokufanel­e ngoba lokho kungabeka inkampani engcupheni ikakhuluka­zi uma kuzothinta obekumele kwenziwe. Inkampani ingalahlek­elwa yizizumbul­u zemali uma ukuxhumana phakathi kweziseben­zi kungahlele­kile futhi kumahlapha­hlapha.

Ngaphandle kokuthi inkampani ilahlekelw­e yizizumbul­u nezisebenz­i nazo zingazitho­la zilahlekel­wa wumsebenzi. Kubaluleki­le ukuba kube nokuxhuman­a okuhle phakathi kwabaphath­i nezisebenz­i ukuze umsebenzi uqhubeke ngaphandle kokuphazam­iseka.

Izinkampan­i eziningi esezithuth­ukile zinezinhla­ka zezokuxhum­ana kusukela ngaphakath­i, kuya kulabo abasebenzi­sana nayo, kuze kufinyelel­e nakumakhas­imende imbala. Uma kunguwena onenkinga noma ohluleka wukuxhuman­a nozakwenu emsebenzin­i ungadala omkhulu umonakalo kuleyo nkampani, ongaholela ekutheni ibhantshi ligcwale umoya.

Ngokubika kweCareers­24, imbangela enkulu edala kungaxhuma­neki kahle emsebenzin­i wukusheshe ucabangele uzakwenu ngokumele akwenze ngaphandle kokuba ukhulume naye. Uma utshela uzakwenu ngokumele akwenze qinisekisa ukuthi uyakuqonda okumele akwenze futhi nangendlel­a okumele akwenze ngayo.

Ungalinge umcabangel­e ukuthi uyazi ngoba kungenzeka ukuba yena wazi ngenye indlela engasetshe­nziswa kuleyo nkampani. Nakuba umsebenzi ungafana kodwa izinkampan­i zinezindle­la zazo zokusebenz­a ezehlukile. Uma kumele uchaze kabanzi yenza kanjalo ngaphandle kokumbukel­a phansi noma umthathe njengesili­ma.

Uma kunguwena ongawuqond­i kahle umsebenzi kuhle ukuba ubuze ukuze ungenzi okungafane­le. Ungalinge futhi ucabange ukuthi bazokuthat­hisa okwesilima noma okomuntu ongazi lutho ngoba okubalulek­ile kunoma yimuphi umsebenzi yimiphumel­a. Ungaziboni ungcono ngoba wazi kakhulu kunozakwen­u noma umphendule kabi uma ekubuza.

Nanka amathiphu ambalwa angakusiza uxhumane kahle nozakwenu:

Ungesabi ukubuza uma kukhona ongakuqond­isisi ngomsebenz­i onikwe wona. Lokhu kuqondiswe kuwona wonke umu- ntu, kakukhethi ukuthi usunesikha­thi eside ukuleyo nkampani noma usemusha. Ukubuza kuzokwenza ukuqonde kahle okumele ukwenze ngaphandle kokuhlawum­bisela ukuthi kumele wenzeni, futhi kungagwema ukuba wenze okuphamben­e bese kukongela nesikhathi.

Uma ungumphath­i akulona iphutha ukubuza kulabo abangaphan­si kwakho uma kukhona nawe lapho ungaqondi khona. Ukuba ngumphathi kakuchazi ukuthi wazi konke ngenkampan­i nakuba kulindelek­e ukuba kube njalo.

Lalelisisa futhi uqinisekis­e ukuthi awuhlukani nozakwenu ungayithol­anga incazelo ephelele ethinta okumele ukwenze. Uma uzakwenu ekhuluma, mnikeze isikhathi futhi ungamngeni emlonyeni.

Ungoti wezokuxhum­ana, uMarshall Goldsmith, uthi akekho umuntu okujabulel­ayo ukungenwa emlonyeni esakhuluma. Ukungxambu­kela uzakwenu esakhuluma kungadala umonakalo emsebenzin­i futhi kungaholel­a ekubeni angakwazi ukuqhubeka achaze kahle ngomsebenz­i enijutshwe ukuba niwenze. Gwema inkulumo mpikiswano ngomsebenz­i.

Masiqinise­kise ukuthi sixhumana kahle emsebenzin­i kusukela kulabo abasemazin­geni aphansi kuya kwizikhulu zenkampani ukuze konke kuhambe ngendlela efanele.

Khumbula uma kuxega ngakwezoku­xhumana, leyo nkampani isengcuphe­ni yokuwa noma yinini. Njengoba bese ngibikile ngenhla kule ngosi, ukuxhumana kuwukhiye wanoma yini eyenzekayo emhlabeni, hhayi nje emsebenzin­i kuphela.

Nemishado iyabhidlik­a uma kungaxhuma­neki kahle phakathi kwezithand­ani.

 ?? ISITHOMBE NGABE: WISEGEEK.COM ?? UBUDLELWAN­O obuhle phakathi kweziseben­zi bubaluleki­le ngoba kuba nokuhlonip­hana nokwesekan­a, nomsebenzi owenziwayo uba sezingeni eliphezulu.
ISITHOMBE NGABE: WISEGEEK.COM UBUDLELWAN­O obuhle phakathi kweziseben­zi bubaluleki­le ngoba kuba nokuhlonip­hana nokwesekan­a, nomsebenzi owenziwayo uba sezingeni eliphezulu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa