Kuwukhiye ukuxhumana okuhle emsebenzini
UKUXHUMANA ngendlela efanele kuwukhiye empilweni, ikakhulukazi ukuze izinto zihlale zihamba ngononina. Ezindaweni esisebenza kuzona kubalulekile ukuba sixhumane ngendlela efanele nozakwethu nalabo abasiphethe ukuze umsebenzi uqhubeke ngokufanele.
Kuyaye kube yinkinga uma inkulumo noma ukuxhumana kungenzeki ngokufanele ngoba lokho kungabeka inkampani engcupheni ikakhulukazi uma kuzothinta obekumele kwenziwe. Inkampani ingalahlekelwa yizizumbulu zemali uma ukuxhumana phakathi kwezisebenzi kungahlelekile futhi kumahlaphahlapha.
Ngaphandle kokuthi inkampani ilahlekelwe yizizumbulu nezisebenzi nazo zingazithola zilahlekelwa wumsebenzi. Kubalulekile ukuba kube nokuxhumana okuhle phakathi kwabaphathi nezisebenzi ukuze umsebenzi uqhubeke ngaphandle kokuphazamiseka.
Izinkampani eziningi esezithuthukile zinezinhlaka zezokuxhumana kusukela ngaphakathi, kuya kulabo abasebenzisana nayo, kuze kufinyelele nakumakhasimende imbala. Uma kunguwena onenkinga noma ohluleka wukuxhumana nozakwenu emsebenzini ungadala omkhulu umonakalo kuleyo nkampani, ongaholela ekutheni ibhantshi ligcwale umoya.
Ngokubika kweCareers24, imbangela enkulu edala kungaxhumaneki kahle emsebenzini wukusheshe ucabangele uzakwenu ngokumele akwenze ngaphandle kokuba ukhulume naye. Uma utshela uzakwenu ngokumele akwenze qinisekisa ukuthi uyakuqonda okumele akwenze futhi nangendlela okumele akwenze ngayo.
Ungalinge umcabangele ukuthi uyazi ngoba kungenzeka ukuba yena wazi ngenye indlela engasetshenziswa kuleyo nkampani. Nakuba umsebenzi ungafana kodwa izinkampani zinezindlela zazo zokusebenza ezehlukile. Uma kumele uchaze kabanzi yenza kanjalo ngaphandle kokumbukela phansi noma umthathe njengesilima.
Uma kunguwena ongawuqondi kahle umsebenzi kuhle ukuba ubuze ukuze ungenzi okungafanele. Ungalinge futhi ucabange ukuthi bazokuthathisa okwesilima noma okomuntu ongazi lutho ngoba okubalulekile kunoma yimuphi umsebenzi yimiphumela. Ungaziboni ungcono ngoba wazi kakhulu kunozakwenu noma umphendule kabi uma ekubuza.
Nanka amathiphu ambalwa angakusiza uxhumane kahle nozakwenu:
Ungesabi ukubuza uma kukhona ongakuqondisisi ngomsebenzi onikwe wona. Lokhu kuqondiswe kuwona wonke umu- ntu, kakukhethi ukuthi usunesikhathi eside ukuleyo nkampani noma usemusha. Ukubuza kuzokwenza ukuqonde kahle okumele ukwenze ngaphandle kokuhlawumbisela ukuthi kumele wenzeni, futhi kungagwema ukuba wenze okuphambene bese kukongela nesikhathi.
Uma ungumphathi akulona iphutha ukubuza kulabo abangaphansi kwakho uma kukhona nawe lapho ungaqondi khona. Ukuba ngumphathi kakuchazi ukuthi wazi konke ngenkampani nakuba kulindeleke ukuba kube njalo.
Lalelisisa futhi uqinisekise ukuthi awuhlukani nozakwenu ungayitholanga incazelo ephelele ethinta okumele ukwenze. Uma uzakwenu ekhuluma, mnikeze isikhathi futhi ungamngeni emlonyeni.
Ungoti wezokuxhumana, uMarshall Goldsmith, uthi akekho umuntu okujabulelayo ukungenwa emlonyeni esakhuluma. Ukungxambukela uzakwenu esakhuluma kungadala umonakalo emsebenzini futhi kungaholela ekubeni angakwazi ukuqhubeka achaze kahle ngomsebenzi enijutshwe ukuba niwenze. Gwema inkulumo mpikiswano ngomsebenzi.
Masiqinisekise ukuthi sixhumana kahle emsebenzini kusukela kulabo abasemazingeni aphansi kuya kwizikhulu zenkampani ukuze konke kuhambe ngendlela efanele.
Khumbula uma kuxega ngakwezokuxhumana, leyo nkampani isengcupheni yokuwa noma yinini. Njengoba bese ngibikile ngenhla kule ngosi, ukuxhumana kuwukhiye wanoma yini eyenzekayo emhlabeni, hhayi nje emsebenzini kuphela.
Nemishado iyabhidlika uma kungaxhumaneki kahle phakathi kwezithandani.