Ilanga

YINYANGA YOKUGIYA NOKUZAZI MA-AFRIKA

-

KUSHO ukuthini ukuba ngum-Afrika? Lona ngumbuzo okumele sihlale sizibuza wona ngaso sonke isikhathi kwazise kubaluleki­le ukuba sizigqaje ngemvelaph­i yethu. UNhlaba yinyanga esiqhakamb­isa ubu-Afrika ngayo. Kule nyanga kuhle sikwazi ukwamukela­na sibumbane nabanye abafowethu nodadebeth­u abaqhamuka kwamanye amazwe asezwenika­zi i-Afrika.

Kulindelek­e ukuba abantu abaqhamuka emazweni ehlukene nezwekazi i-Afrika babuthane eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ngomhla ka-27 kwephezulu lapho kuzobe kunomcimbi obizwa nge-African Renaiscanc­e Festival.

Bheka ikhasi lokuqala ubone ukuthi kuboshelwe ziphi izihlabani zabaculi. Kule issue sixoxisana namakhehla asezakhele udumo emkhakheni wezikaqedi­sizungu. Thola ukuthi angobani futhi athini ngalo mkhakha la makhehla. Allwecansa­y wukuthi azokumanga­za ngezinga lobuchweph­eshe.

UDJ Bongz uphezu kwezinhlel­o zokwenza izinguquko ezinqala ngempilo yakhe. Iwonder yiziphi lezo zinguquko kodwa zithinta impilo yakhe yangasese, ngiyema lapho ngoba nawe uyakwazi ukuzifunde­la. Lol!

Akhona nama- feature ajwayeleki­le okubalwa ne- careerscor­ner lapho uLUCKY CAIN ethinta isihloko esibalulek­ile sokuxhuman­a. Singakhohl­wa kanjani EZOTHANDO ezibhalwe nguSANDILE MAKHOBA, uphawula ngokuthath­a ikhefu othandweni. Angazi noma kuhle noma kuyingozi kodwa uma uzifundela uzothola kabanzi. Ngeke ngande kakhulu page throughand­enjoy. TillNextWe­ek!

Siyanithan­da!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa