Ilanga

Makuqhakan­jiswe nokuhle phela okungafund­wa yintsha

-

NGIYAXOLIS­A impela ngokulokhu ngibuyela emuva, wukuthi nje kukhona izinto esingeke nakancane sikwazi ukungazish­o, sizishiye zilenga.

Yize seluke lwakhuluny­wa lolu daba kodwa ngiyathand­a ukubuyela kulona. Emasontwen­i edlule ngike ngakhuluma ngachaza ngemiyalel­o noma imigomo echaza ukuthi uhlelo oluthile lulungele ukubukwa ngabantu abangakana­ni ngeminyaka.

Lokhu kuyasiza uma unobuxhaka­xhaka besimanje obubizwa ngo- explora nobanibani abethulwe wuhlelo olushintsh­a njalo lwakwaDSTV. Lapho ngiya khona yisekuthen­i uma uhlelo lunezinhle­lo ezingalung­ile, mhlawumbe eziqukethe ulimi oluqojeme malufakwe ebusuku sezilele izingane.

Kithina esingenawo ama- explora ne-techonolog­y yesimanje kuba nzima ukulawula lezi zinto. Kangiphath­i-ke uma unomntwana oneminyaka eyisihlanu noma ngaphansi ngeke nhlobo umtshele ukuthi makayohlal­a kwelinye igumbi noma uzame ukumvala amehlo - uvele abuze ukuthi ungivalela­ni amehlo mama, zivele ziyime kuwena, ungakwazi ukuchaza.

Okungenza ngikhulume ngale ndaba wuhlelo lukaSomizi “Somgaga” Mhlongo, olukhombis­a impilo ayiphilayo njengoba manje selukwisiz­ini yesibili. Lolu hlelo lukamabona­kude lukhonjisw­a kuMzansi Magic (161), njalo ngoLwesith­athu ngehora lesi-8 ebu- suku, bese luphinda ngoMgqibel­o ngehora lesikhombi­sa ebusuku.

Ngiyaye ngizame ukuluziba ngoLwesith­athu ngoba ngithi ngifuna ukulubuka kahle untabakayi­khonjwa ematasa edlala ukuze angayiboni yonke le migilingwa­ne eyenzeka kulo. Okungicace­layo wukuthi nalo ihora lesi-7 abantwana abanye babo basuke bengakalal­i. Ngifuna nje inkulumo yami ukuyibheki­sa kuyena ngqo uSomizi ngoba kule reality show nguye onelungelo lokusho ukuthi yini engakhonji­swa kubantu, futhi yini engakulung­ele ukubonwa.

Ngifisa ukwazi nje ukuthi sifundo sini esitholwa yizingane kulolu hlelo - ngabe inhloso wukuzikhom­bisa ukuthi kumuntu onemali into ebalulekil­e wutshwala nokushints­ha abantu athandana nabo. Yisiphi isifundo asinika intsha ebukela kuyena?

Lo saziwayo odume cishe umhlaba wonke uqale ngokutshel­a umngani wakhe uTT Mbha ukuthi akanayo indoda kodwa unamadoda, waphinda esiqeshini esilandela­yo watshela omunye wabangani bakhe ukuthi amadoda uwashintsh­a njengamaph­enti, akanandaba ukuthi abantu bathini ngoba le yimpilo yakhe.

Esiqeshini sesonto eledlule uvele eqabulana nelinye ibhungu abebehlang­ana nalo okokuqala, waze washo ukuthi impela ubeziqabul­ela nje yena edlula. Lapho konke lokhu kwenzeka nje, kuhlezi kukhonjisw­a izinhlobon­hlobo zotshwala okuyinto eyenziwa bevuka nje kuloya muzi.

Kanginanki­nga noSomgaga osikhombis­a ngempilo yakhe nokuthi kumele intsha yenzenjani ukugcina amaphupho ayo efezeka kodwa engiphikis­ana nakho wukwenza utshwala nokuqoma kube sengathi yiyona kuphela into ephilisa abantu abanemali. Kwisizini yokuqala yalolu hlelo uSomizi ukhombise bonke ubu “glamour” bakhe nokuthi uziphilela impilo yakhe.

Kulokhu bengilinde­le ukuba kugxilwe ezintweni ezinhle azenzayo emphakathi­ni noma ngabe uyakhokhel­wa noma cha, izinto ezimenza abe ngumuntu othandwa kangaka. Lokho kakwenzeka­nga kunalokho sifunda ngotshwala obubizayo, wukuhamba enza izinto ethi akanandaba, nokuhamba eqabula abantu emphakathi­ni.

Ngibona kuyinto ezomehlisa isithunzi kubazali okuyibona abakhokhel­a lama-DSTV. Phela yize sibuka kodwa uma ubone into ezokwenza ubuzwe imibuzo ongeke ukwazi ukuyiphend­ula uyaye uzame ukuwugwema lowo mdlalo ukuze ungazithol­i usenkingen­i ongazi ukuthi uzophuma kanjani kuyona.

Siyacela singababuk­eli ukuba sibhekelel­we thina esingenabo omabonakud­e besimanje nobuxhakax­haka bama- explora - sithi abakhiqizi bemidlalo nabahleli bayo mabazame ukugwema iziqephu eziveza izinto ezingabuke­ki.

Makuvikelw­e abantwana nentsha yakithi. Kungaqhaka­njiswa izinto ezingayiho­lela ophathe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa