Ilanga

EZOBUCHWEP­HESHE:

- SBONISO MTSHALI *USboniso Mtshali uyi-IT Entreprene­ur | Forex Trader | Investor | Author | Financial Coach | Public Speaker. Ungaxhuman­a naye kanje: Mob: +2778 210 8384 Email: sboniso@afronicdat­a.co.za Facebook: Sboniso Mtshali

KUYAJABULI­SA ukubona izitshuden­i emazingeni emfundo ephakeme zithweswa iziqu zemfundo emikhakhen­i ehlukene.

Isibalo sezitshude­ni eziphothul­a izifundo zazo ngempumele­lo siyanda kakhulu kodwa asihambisa­ni namathuba emisebenzi amfimfayo. Sebebaning­i abantu abafuna imisebenzi, sebedlula ngisho amathuba emisebenzi.

Okumele sikwenze njengabant­u abasha wukuzama ukuzakhela amathuba ngokuziqal­ela awethu amabhizini­si ngokuseben­zisa i- technology.

Uma lingakavel­i ithuba lomsebenzi, akube khona okwenzayo ukuzakhela isipiliyon­i esidingeka­yo kweminye imisebenzi. Uma kuvela ithuba lokuvolont­iya noma ama- internship lithathe lelo thuba ngoba liyawenza umehluko kwi-CV yakho. Ukuqala ibhizinisi sekuyaphoq­a manje ngoba esikhathin­i samanje awusanele umholo owodwa. Abantu bayasebenz­a kodwa eceleni kukhona okunye abakwenzay­o ukweseka imiholo abayithola­yo ngoba izinga lempilo seliphakem­e kakhulu kunakuqala.

Noma kungaba yini oyifundele kholelwa ekutheni ungaliqala ibhizinisi lalowo mkhakha liphumelel­e ngoba isizwe siyaluding­a ulwazi onalo noluzuzile esikoleni.

Kubaluleki­le ukubheka ukuthi umphakathi wangakini ubhekene naziphi izinkinga bese uzama ukuletha isixazulul­o, abantu bayohlala besikhokhe­la isixazulul­o. Impumelelo yakho yezimali incike ekutheni yisiphi isixazulul­o osilethayo emphakathi­ni.

Ubuchwephe­she bukhona ukukusiza usabalalis­e ibhizinisi lakho, sebenzisa nezinkundl­a zokuxhuman­a ukuzazisa kubantu ngolwazi onalo emkhakheni owufundele futhi ungami lapho, uqhubeke ufunde uye phambili. Amathuba empumelelo maningi kakhulu endimeni yezamabhiz­inisi, yenza ibhizinisi ngolwazi lwemfundo oluzuzile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa