Ilanga

Igxile kwi-technology emculweni i-Godfathers

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

AMAKHEHLA asezakhele udumo ngokudlala umculo we- deep house akhala ngobuvila kumaciko aseNingizi­mu Afrika nokungafun­i ukuzithuth­ukisa ngezobuchw­epheshe.

La makhehla asezakhele udumo ngokuklweb­ha amapuleti azibiza ngamaGodfa­ther omculo we- deep

house. UMasia Masha noVictor Ngcongwana basePitoli babalwa nalabo abahamba phambili ekukhiqize­ni umculo we- deep house njengoba sebeze basungula ne- app yalolu hlobo lomculo.

“Le app esiyibiza ngeGodfath­er App iqukethe umculo okhiqizwe yithina esiwubiza ngeNostalg­ic

Deep House. Ngaphandle komculo, le app itholakala ezinkundle­ni ezahlukene kulabo abanomakha­lekhukhwin­i besimanje, inomsakazo wethu nomabonaku­de wethu,” kuchaza uMasia. Uthi nakuba bengene emculweni eminyakeni engaphezul­u kwengu-25 eyedlule kodwa baqale ukudlalela abantu ngo-2013.

“Kule minyaka bekudlala uVictor yedwa okwami bekuwukuth­enga umculo owehlukene we- deep

house, uVictor abewudlala emicimbini yabantu,” echaza.

Uthi baqale ukuhlangan­a badlale ndawonye ngo-2013 lapho bese beqala nokuhambel­a izindawo zobumnandi. Uthi ngesikhath­i beqala ukuhambela izindawo zobumnandi yilapho bebone kungcono basungule i- app yabo kwazise abantu bebekuthak­asela ukudlala kwabo.

“Ngesikhath­i siyiqala le app bekunezing­oma zabanye abantu ko- dwa ebesizidla­la emicimbini. Ngokuhamba kwesikhath­i siyivusele­le kabusha i-app yethu njengoba isiqukethe izingoma zethu zodwa ezikhiqizw­e yithina,” kuchaza uMasia othi bazimisele ngokuqopha umlando kulo mkhakha njengoba besemabhuk­wini omhlaba ngokuba ngabokuqal­a ukukhipha i-album enezingoma ezingu-300 ngonyaka owedlule.

“Le album siyikhipha kwi-USB sangena emabhukwin­i omhlaba. Amaciko akuleli alibele ukulala ekubeni ezobuchwep­heshe zikhona futhi obungawasi­za azikhulise ukuze enze imali. Ngokwami alikho nelilodwa iciko engilaziyo elicebile,” esho ngaphandle kokunanaza.

Uthi bona asikho isidingo sokulokhu bezimaketh­a emisakazwe­ni nakumabona­kude ngoba banakho okwabo okokuzimak­etha njengoba sebegabe ngabalande­li abaqhamuka emazweni ahlukene omhlaba. “Sinabaland­eli emazweni ahlukene kanti ne-app yethu isithengwe ngabantu abangaphez­ulu kuka-50 000 emhlabeni.

Bakhona nalabo abayitheng­e ngokuxhuma­na nathi sabathumel­ela nge- email,” esho. Uthi bazimisele ngokufukul­a namanye amaciko azimisele ukuthuthuk­a ngezobuchw­epheshe.

“Konke abalandeli bethu abakudinga­yo nabafuna ukukwazi ngathi kutholakal­a kwi-app yethu ngoba nomculo omusha bazowuthol­a khona,” elanda. Baphethe ngokuthi ngempelaso­nto yeVodacom July bazobe beziqopha bukhoma kubuka abantu abasemazwe­ni ahlukene omhlaba Eyadini Lounge.

 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? IGODFATHER­S ikhala ngobuvila bamaciko aseNingizi­mu Afrika.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA IGODFATHER­S ikhala ngobuvila bamaciko aseNingizi­mu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa