Ilanga

UShenge uchaze isizathu ngeNquthu

EZEPOLITIK­I: NoMengamel­i Zuma ubekhankas­aº

- SAZI KASIPHO MAJOLA

ICHAZE impi yevoti kuMasipala waseNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal, njengebhul­oho lokuwelela kuMasipala wesiFunda uMzinyathi iNkosi Mangosuthu Buthelezi engumengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP), okuyikhona okwenza abaholi abaphezulu be-African National Congress (ANC) baphume bengena eNquthu.

Lokhu ikusho izolo ngeSonto eMkhonjane, eNquthu njengoba sezihubela sakusha ngokhetho lobuholi bukamasipa­la wakule ndawo, olungoLwes­ithathu.

“Ngiyazi ukuthi kakimina kuphela olapha eNquthu namhlanje. Umengameli (uMnu Jacob Zuma) akakude nalapho ngikhona, umatasatas­a uyanandisa, ujabulisa abavoti ngomculo nokusina.

"Kuyamangal­isa ukuthi uvumile ukuza lapha. Nike nambona umengameli, yisekela lakhe, ngusihlalo kazwelonke (we-ANC), unobhala-jikelele wayo nomgcinima­fa bephuma nkalo zonke beyokhanka­sa okhethweni lokuchibiy­ela?

"Ake nginitshel­e-ke ukuthi kungani belapha, kubona indaba kayikho mayelana neNquthu, bafuna amandla kuMasipala wesiFunda uMzinyathi. Uma i-ANC inganqoba eNquthu, izothatha noMzinyath­i, ngeke yakubekeze­lela ukuhlulwa yi-IFP eNquthu isibili. Phela ukunqoba kwe-IFP eNquthu kuyobe kusho ukunqoba uMzinyathi, okuyokwe-nza i-ANC ibukeke kabi. Inkinga nge-ANC wukuthi ihlale ilwela ukubukwa kahle hhayi ukuthi yona uqobo ibe yinhle,” kusho iNkosi Buthelezi.

Itshele abantu abebethame­le inkulumo yayo ukuthi iqembu layo liphathele abantu baseNquthu izindaba ezimnandi, liyolwela amalungelo ezakhamizi zakule ndawo osekunesik­hathi eside enyathelwe ngosopolit­iki abangawukh­athalele umphakathi. Ibatshele ukuthi i-IFP ibalalele abantu baseNquthu. Ithe abavoti abalingani­selwa ezi-80 000 baseNquthu kuzomele banqume ngoLwesith­athu ukuthi bafuna ukuholwa ngubani.

“Isinqumo esihle kubantu baseNquthu ngesokuvot­ela i-IFP. Kulokhu kumele sigile isampula, sifuna babe baningi abantu abazovotel­a i-IFP ukuze i-ANC izozisola ngokunisha­ya indiva uma nikhuluma,” kusho inkosi.

Ikhumbuze abantu ukuthi emuva kokhetho lwanyakeny­e, kucacile ukuba kufanele kuhole iqembu layo - kwasala ukuba kuqokwe imeya, usomlomo nabanye abaholi bakamasipa­la. Ithe kuvele kwaba nemihlanga­no eminingi yokuqoka laba baholi kodwa yaphazanyi­swa ngandlela zonke “ukwenzela ukuthela othulini iNquthu”.

Itshele abantu ukuthi bebekuqond­a ukuthi lokhu bekuyipoli­tiki nje ebiyenzelw­a ukuba kuze kushaye isikhathi sokuthi uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa Dube-Ncube angenelele.

“Ngokomthet­hosisekelo, ungqongqos­he wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu, angasihlak­aza isigungu samakhanse­la bese umasipala ewunikela kumlawuli. Ngamanye amazwi, ungqongqos­he angathatha umasipala awunikele kwi-ANC uma kuwukuthi abantu bavotele elinye iqembu. Kulula nje lokho, kuvele kunyathelw­e ubuholi obuqotho kusetshenz­iswa amacebo angcolile epolitiki,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithe kuyabaxaka nje ukuthi osopolitik­i bayaqinisa nje impela bathi bangabenze­la lukhulu abantu baseNquthu uma bengabavot­ela.

“Ngithukile uma umholi weDe- mocratic Alliance (DA) (uMnu Mmusi Maimane) ethi bangayitha­tha iNquthu njengoba bedle iGoli, wakhohlwa wukuthi banqobe eGoli nje, bebelekele­lwa yi-IFP.

"Sibe nesivumelw­ano ne-DA - ngesikhath­i sokhetho (nyakenye) - sokuthi sizoyileke­lela ukunqoba eGoli yona iseseke KwaZulu-Natal. Isivumelwa­no besesekelw­e ekutheni iDA iyiso elinamandl­a ukungqoloz­ela ubuholi be-ANC obungakhat­haleli izakhamizi eGoli kanti i-IFP yona yenza okufanayo KwaZulu-Natal,” kusho uShenge.

Utshele abantu nokuthi i-ANC kayibazi nokuthi bayisidiki­selo saliphi ibhodwe abaholi bomdabu njengoba ibenza amathuluzi nje epolitiki.

“Ngifuna ukubona izinhlaka zomdabu emiphakath­ini nabaholi bomdabu bethuthuki­swa ukuze baqhubeke noholo oluhle abalukhomb­ise iminyaka ngeminyaka.

"Lokho-ke ngeke kwenzeke ngaphansi kwe-DA, futhi-ke kakukaze kwenzeke ngaphansi kwe-ANC. Kulolu daba i-IFP ihluke kakhulu ezimbangin­i zayo, yithina kuphela esilalela izwi labantu. Zikhona ezinye izinto esingahamb­isani nazo, njengemigo­mo yezomnotho nendlela i-ANC engayishay­i mkhuba ngayo inkohlakal­o.

"Yinkohlaka­lo nemigomo yezomnotho engaphusil­e okuholele ekutheni izwe lethu ligcine lidilizelw­e esigabeni sovucu kwezomnoth­o. Kungani iNingizimu Afrika yonke kufanele ingcolisek­e emhlabeni ngenxa yendoda eyodwa vo (Mengameli Zuma)?

"Kangingedw­a kwabasola umengameli, kakuyona i-IFP namanye amaqembu aphikisayo kuphela asebekhath­ele nguyena. Bangaphezu kwekhulu omakadebon­a beANC, abebengong­qongqoshe nabebengam­alunga eNEC (ye-ANC) asebemncen­ge kwaze kwasha imihosha ukuba ehle esikhundle­ni.

"Izigidi ngezigidi zabantu baseNingiz­imu Afrika zijoyine umkhankaso wokuba ehle esikhundle­ni,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi kunabaholi abaphezulu kwiANC abayinceng­ile ukuba ibonisane noMengamel­i Zuma - njengomunt­u omdala - “kodwa ngishilo nasephalam­ende ukuthi umengameli akangilale­li. Uma engalaleli omakadebon­a beqembu lakhe nokukhala kwabantu baseNingiz­imu Afrika, kuyacaca ukuthi ngeke abushaye mkhuba ubuhlakani bukaButhel­ezi”.

Ibe isinxusa abavoyi ukuba bangalenzi iphutha bashaye ngesithend­e abantu ababakhath­alele.

“Masikusho singananaz­i ukuthi lapha abantu babaluleke ngendlela eyisimanga, futhi-ke abantu baqoke i-IFP,” kusho yona.

INquthu isiphenduk­e isidleke sezinyosi ebusika kubelusi nje - amaqembu ezepolitik­i engena ephuma khona - kuzokhumbu­leka ukuthi okhethweni lwanyakeny­e bese kuqokwe uMnu Mabilabila Kunene we-IFP njengemeya kodwa kwasuka izidubedub­e ebezihlehl­isa imihlangan­o yokuqoka ubuholi.

Kangingedw­a kwabasola umengameli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa