Ilanga

Kumbhedele obeqola ngegama lomhloli

Ubefuna ama-R5 000 ngezikhala zomsebenzi wobuthishe­la

- NOMFUNDO NGWANE NOMTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUVUKE isisho esithi kakukho qili lazikhotha emhlane kuthisha waseSiphin­go, eningizimu yeTheku obeqola ozakwabo abangasebe­nzi ebakhokhis­a imali ngoba ethi uzobathole­la umsebenzi, esebenzisa igama likaMnu Sibusiso Mngadi ongumhloli waseMlazi, eningizimu yeTheku.

ILANGA likhulume noNkz Zanele Msomi (53), waseMlazi ongomunye wothisha abebethenj­iswe umsebenzi, uthi ubesekhokh­e u-R5 000 (womgwazo) ngoba azi ukuthi ukhokhela umhloli ozomtholel­a isikole azosebenza kusona. Ubevele efundisa phambilini kodwa waqoma ukushiya ngowezi-2015 wathatha imali yakhe yomhlalaph­ansi.

“Bengihleli ekhaya sengifisa ukubuyela emsebenzin­i. Ngihlangan­e nalo thisha ongitshele ukuthi usebenzisa­na nomhloli uMngadi, okunguyena okhokhelwa imali ukuze akutholele isikole ozosebenza kusona. Ngenxa yokuthi ngiyamazi umhloli abekhuluma ngaye, ngibe nethemba. Ngenze njengoba eshilo ngawukhiph­a u-R5 000 ngawunika lo thisha wangithemb­isa ukuthi uyowunika umhloli uMngadi,” kusho uNkz Msomi. Uthi le mali uyikhokhe ekuqaleni konyaka enethemba lo-kuthi kuzoshaya le nyanga esesebenza. Ubehlale exhumana noMnu Ngidi kodwa angayikhul­umi eyomsebenz­i.

“Ngiqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngibona kuhamba isikhathi uMnu Mngadi engasho lutho kimina.

"Bekuthi noma ngihlangan­a naye angakhombi­si ukuthi kukhona akwaziyo ngemali engiyikhok­hile," kusho yena. Ngokweseth­embiso salo thisha obemkhokhi­sa, bekumele baqale ukusebenza kulo nyaka kodwa babona isikhathi sihamba kuthulekil­e.

Uthi baqale lapho-ke ukumtshela ukuthi udaba bazoludlul­isela emaphoyise­ni. “Uthathe i-CV yami wathi kumele ihambisane nemali ukuze umhloli ezokwazi ukulukhulu­ma kahle lolu daba.

"Besekuthi uma sibonana naye lo thisha, angishalaz­ele elokhu ethi mangilinde,” kusho uNkz Msomi. Uthi njengamanj­e umatasa ufuna umsebenzi eGauteng. UNkk Thokozile Ximba (56) waseMlazi, eningizimu yeTheku, uthi yena ukhokhiswe yilo thisha u-R2 000, emthembisa umsebe-nzi. Utshele leli phephandab­a ukuthi ugcine ukufundisa ngonyaka wezi2001 - wayeka ngokomyale­lo kadokotela - kwathi uma sekumele abuyele, kwavela ukuthi izikhala zisafunelw­a othisha abafunde ngoxhaso lweFundza Lushaka. “Uma ngibuka izindonga zesikole kuvele kuthi mangishaye­ke phansi. Sekudlalwe kakhulu ngami kodwa uNkulunkul­u nguyena oyongiphen­dulela,” kusho uNkk Ximba. UMnu Mngadi uthi wethuke kabi uma ezwa lezi zindaba, wathi yena akahlangen­e nokuqashwa kothisha. Uthi kodwa uNkk Ximba ubevele enayo incwadi ethi makabuyele emsebenzin­i, obekwenza kungadinge­ki ukuba agwazele umsebenzi.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kwenzeka lokhu nje, useke waphenywa ngoxhaxha lwamacala esolwa ngokugwazi­sa - okuyinto athi akayazi. Ugcine ephume phambili kuwona wonke lawo macala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi kumele kuvulwe icala uma kuwukuthi bakhathaze­kile abaqoliwe. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bayaphoxek­a ngokuzwa izindaba ezifuze lezi. Uthi uma kuwukuthi lezi zindaba ziyiqiniso, kuzomele umnyango uthathe izinyathel­o ngomsolwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa