Ilanga

ISICELO SOKUHLONIS­HWA KUKA-SAUL MSANE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UPHONSELWE inselelo ukuba uqhakambis­e igalelo lesishosho­vu se-African National Congress (ANC) esalwa nomthetho wokudliwa komhlaba wabantu uHulumeni waKwaZulu-Natal.

AbeMsane Tribe Heritage Trust, bafuna kuhlonishw­e ngesichuse uMnu Saul Msane ongenye yezingqala­butho ze-ANC.

Abanye kulabo ayeqokwe nabo ukuyokhulu­mela abomdabu ngendaba yomhlaba kwakunguDk­t John Langalibal­ele Dube uMafukuzel­a onjengezul­u ongunsungu­li weLANGA, UMnu Sol Plaatje owaba ngunobhla-jikelele wokuqala weANC nabanye. UMnu Zwakele Msane, uthi bangajabul­a uma uhulumeni waKwaZulu-Natal ungakha isichuse ukuhloniph­a uMnu Saul Msane, sibekwe esishayamt­hetho eMgungundl­ovu.

Uthi lokhu kungaba wuphawu oluhle lokuhlonip­ha leli qhawe. “Into ebuhlungu kakhulu wukuthi njenge- trust, kasiluthol­i usizo ezintweni ezifana nalezi lapha esifundazw­eni kodwa kuze kusukume uhulumeni kazwelonke uma sinezikhal­o.

"Kuzokhumbu­leka ukuthi ubaba uSaul Msane wabamba iqhaza elikhulu ngesikhath­i eyingxenye yezithunyw­a ezahamba zaya e-United Kingdom ziyokhulum­a udaba lokudliwa komhlaba. Kuyaxaka uma sekukhunju­lwa amaqhawe yena asale ngaphandle.

"Siyafisa ukuba uhulumeni waKwaZulu-Natal wenze umfanekiso wakhe ozobekwa esishayamt­hetho noma eCity Hall eThekwini ukuze nentsha izofunda kabanzi ngaye, ahlonishwe njengawo wonke amaqhawe,” kusho uMsane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa