Ilanga

Akalubhada­nga uMaraza weGwan

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

UQALE ngempumele­lo umkhankaso wokuqwashi­swa kwabafundi ngezifo eziphathel­ene nocansi eCoastal KZN TVET College eMlazi eningizimu yeTheku ngoLwesihl­anu. Bekukhishw­a bhusende amakhondom­u kwexwayisw­a abafundi ngokuzipha­tha njengoba abaningi basuke bebona inkululeko uma sebesezikh­ungweni zemfundo ephakeme. Lo mkhankaso uhambela izikhungo ezahlukahl­ukene zamazinga aphezulu emfundo ngokuxhasw­a inkampani ekhiqiza iphepha iMondi. Nokho ugcine engafikang­a uMaraza othandwa kakhulu ngomculo wakhe ikakhuluka­zi ngengoma ethi Gwan kodwa uSparks Bantwana uyibambile. Abanikazi bomcimbi bathi ngokungafi­ki kwakhe uMaraza uthe ugulelwa ingane nakuba kade esenzelwe konke okumayelan­a nohambo esuka eGoli. Bekukhona namanye amaciko ukuzonandi­sa kanti kuke kwaqubuka inkulumo mpikiswano engasukumi phansi ngokumitha kwabafundi. Abe-AIDSWIZE ehlela le mizungezo bathi kabakanqum­i ukuthi yisiphi isikhungo esizolande­la, futhi nini.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USPARKS Bantwana uthokozise abafundi eCoastal KZN TVET College eMlazi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USPARKS Bantwana uthokozise abafundi eCoastal KZN TVET College eMlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa