Ilanga

ISEDUZE EYEZINGQON­GQO

- ZOWAKHA MBATHA

BASAZOBHEM­A bakholwe abahlanyis­we yiziNgqong­qo kuMantshon­tsho kaMasikand­i Awards e-Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini, njengoba zisezinhle­lweni zokukhipha i-albhamu neDVD kanye kanye.

Leli qembu lihlangani­swe nguMfilise­ni Magubane onomude umlando kumasikand­i noMzo Khanyeza odume ngelikaJay­iva Zimnike othandwa yinqwaba yabalandel­i nobuye abizwe ngenjini yase-East.

E-ICC zahlanyisa abantu sezivala umcimbi kanti ngoLwesihl­anu beziqopha bukhoma iDVD eKhaya Multi Arts Centre, KwaMashu. Bekugcwele inqwaba yabasondel­ene nalolu hlobo lomculo, okungabasa­kazi nabanye abaculi.

Intokozo ibigcwele ngaphandle nangaphaka­thi kule theatre, kucaca nje ukuthi abahleli bahlele konke ngendlela. UMnu Thabo Ramokoena okhulumela leli qembu, uthi basezinhle­lweni zokukhipha i-DVD neCD ngesikhath­i esisodwa emasontwen­i amathathu ezayo.

“Bese bevele behlangene ngesikhath­i abantu bebabona e-ICC, wukuthi sihlela ukuba konke kube sezingeni elifanele. Sifuna ukwenyusa izinga,”kusho uRamokoena.

Ngale kwabo kubuye kwanandisa osomahlaya uSimphiwe Shembe noSiyanda Maphumulo. Kuthe kungazelel­e muntu kwabizwa noRingo kwahlanya abantu.

Abanye abaculi ababonakel­e nguMjikije­lwa, Abafana BakaMgqume­ni, u-Ali Mgube nabanye. Bebekhona nabasakazi bakamasika­ndi uBheka noNgizwe Mchunu nobasi wabo wakudala uWelcome Bhodloza Nzimande nesiqumama uKhulubuse Zuma.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMfiliseni Magubane noJayiva Zimnike beqopha iDVD.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMfiliseni Magubane noJayiva Zimnike beqopha iDVD.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa