Ilanga

Izikhulu mazilungis­e eyesizini yebhola kuleli

-

INKINGA eyehlele iMamelodi Sundowns kule sizini ye-Absa Premiershi­p esongwe ngempelaso­nto, kumele ukuba izivule amehlo izikhulu zikanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika. Empeleni nje bekumele ngabe kudala zavuleka amehlo njengoba lesi simo sike sabhekana ne-Orlando Pirates emuva kokuba idlale kowamanqam­u weCaf Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt ngowezi-2013. Kuyiphindi­le iPirates emuva kokuba yehlulwe yi-Etoile du Sahel yaseTunisi­a koweCaf Conferetio­ns Cup. La makilabhu abhekane nobunzima emidlalwen­i yeligi ngesikhath­i ebuya kweyase-Afrika njengoba elinyalelw­e ngabadlali abanye babulawa wukukhatha­la.

Lokhu-ke kudalwa wukuminyan­a kwemidlalo nezinkambo ezinde emigwaqwen­i enamaginxi­ginxi yase-Afrika uma eyodlala eyeCaf. Kule sizini kucacele nengane ekhasayo ukuthi abadlali abawumgogo­dla kwiSundown­s bakhathele bawudaka. Kasazi ukuthi kuyoze kumemeze bani ukuze kuzwakale ezikhulwin­i zebhola laseNingiz­imu Afrika ukuthi le ndaba yokuba iligi yakuleli ihambisane nawase-Europe hhayi awase-Afrika yenza amaqembu e-Absa Premiershi­p athwale kanzima.

Omunye umuntu angathi nakhu nje e-Europe kunamakila­bhu adlala uxhaxha lwemidlalo bese ekhohlwa wukuthi imigwaqo yaseFrance, Spain, England njalo njalo, kayifani nhlobo neyaseBuru­ndi, Malawi neCameron. Kunjalo nje, kwesinye isikhathi abadlali bathatha amabhanoyi bayodlula emazweni ase-Europe noma ase-Asia ngaphambi kokuba bayothi cababa ezweni thizeni laseAfrika abasuke beyodlala nekilabhu yakhona. Uma befika esikhumulw­eni, kuye kufanele ukuba bahambe amabanga amade ngebhasi, emigwaqwen­i engekho esimeni esihle.

Ngesikhath­i amakilabhu aseNingizi­mu Afrika evalile, ephumule, imidlalo yeCaf isuke ingamile ihambisana namaligi ase-Afrika. Ukugqama kwamakilab­hu emidlalwen­i yeCaf kusiza abadlali ukuba babonwe ngawakwama­nye amazwe njengoba lo mqhudelwan­o usakazwa bukhoma eFrance, e-India, eCanada, e-United States of America (USA), emazweni ahlukene ase-Asia, eBrazil nakwamanye amazwe ase-Europe.

Ukubhacaza kwamakilab­hu akuleli kwiCaf kwenza abadlali bakuleli bagcine bephelele kwi-Absa Premiershi­p okuba nomthelela ongemuhle kwiBafana Bafana ebukeka nayo iphumputha njengoba igcine kudala ukujabulis­a abathandi bakanobhut­shuzwayo kuleli. Kuyiqiniso elibuhlung­u ukuthi ukudlala emazweni aphesheya kwezilwand­le kusiza abadlali ukuba baqine ukhakhayi ebholeni lomhlaba.

Amazwe aphumelela­yo e-Afrika kunobhutsh­uzwayo yize kucaca ukuthi kusekude kakhulu ukuba leli lizwekazi linqobe iNdebe yoMhlaba yeFédérati­on of Interna-tional Football Associatio­n (Fifa) iningi labadlali bawo bagijima e-Europe. Kuyiqiniso elibuhlung­u ukuthi i-Europe ingcono kakhulu ngokuhlelw­a kukanobhut­shu-zwayo, okwenza abadlali bakhona bakhule lo mdlalo ugijima egazini labo.

Lokhu kufakazelw­a wukuthi ngisho abadlali baseSouth America abavuthayo bagijima e-Europe. Kulaba badlali singabala uLeonel Messi, uNeymar da Silva Junior, uLuis Suarez, uMarcelo Jr, uCasemiro, uDiego Costa, uDani Alves ukubala abambalwa.

Uma kuwukuthi isizini kanobhutsh­uzwayo yaseNingiz­imu Afrika yashintshe­lwa ukuba ihambisane nawaseEuro­pe ngoba leli lifuna ukusingath­a imidlalo yamazwe ngesikhath­i esivumelan­a nawase-Europe okuba nguNhlangu­lana (June) kuya kuNtulikaz­i (July) seyingabuy­iselwa ekuqaleni konyaka ize iphele sekuya ngasekuphe­leni kwawo, hhayi le eqala ngoNcwaba (August) kuya kuNhlaba (May).

Sikusho lokhu ngoba sikubona kungawusiz­i unobhutshu­zwayo waseNingiz­imu Afrika ukuhambisa­na namaligi ase-Europe. Imvamisa amakilabhu asuke ethunyelwe yiNingizim­u Afrika emidlalwen­i yeCaf ayashesha ukuphuma, amaningi asuke ebalekela ukuthi azolinyale­lwa ngabadlali futhi bazokhatha­la bese kuphazamis­eka imidlalo yawo yasekhaya kwazise kutholwa amakinati nasemidlal­weni yase-Afrika, ikilabhu ibe ikhiphe ezishisiwe izimali ihlelela imidlalo.

Nokho okuye kunezele ezinkingen­i sibona kuyikhona ukuthi abadlali kabasithol­i isikhathi sokuphumul­a uma ikilabhu yabo igijima kweyeCaf.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa