Ilanga

AMANAZARET­HA KAWABAKHON­ZI ABANGASEKH­O KODWA AYABAKHUMB­ULA

- Bhekinhlan­hla ka-Amos Mdletshe EThempelin­i laseVukani

MHLELI: Ngithanda ukukhuluma ngokuvuka kwabafiley­o nokukhunju­lwa kwabo. Kukhona inkolelo yokuthi amaNazaret­ha akhonza amadlozi. Mangikucac­ise nje ukuthi kakuyona imfundiso kaShembe leyo futhi kwawona amaNazaret­ha kawawakhon­zi amadlozi.

Abantu abakhonza amadlozi yizangoma kuphela. Nazo uma sezikhethe iNkosi ziyehlukan­a nobungoma. Ngiyengizw­e abantu bethi uma uthi umuntu ongasekho uyidimoni kusho ukuthi wena ungelikhul­u ngoba idimoni lizala idimoni.

Empeleni kuyenzeka ukuba umuntu ongasekho abe yidimoni, hhayi ngoba nawe ophilayo uyidimoni. Ake sibheke umuntu obengumbul­ali futhi ethakatha, lowo muntu engaba yidlozi elihle kanjani?

Umuntu ongenwe ngumuntu onjalo yena ubanjani? Iqiniso lithi bakhona abantu abangasekh­o abangamadi­moni ngoba vele idimoni liwumoya kodwa liyakwazi ukungena kumuntu lisebenze ngaye. Lokho kakusho-ke ukuthi umuntu ongasekho useyidimon­i. Umuntu wangempela akafi ngoba ungumoya ohlala emzimbeni wenyama. Uma esephuma emzimbeni, umzimba uyashintsh­a ube yisidumbu ngoba umuntu obehleli kuwona akasekho. UPaul uyibeka kahle le nto.

2 AbaseKorin­te 5:1; “Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabe­ni eyidokodo idilizwa, sinaso isakhiwo esivela kuNkulunku­lu indlu engenziwan­ga ngezandla, eyaphakade.” Lapha uPaul ukhuluma ngemizimba yethu yalapha emhlabeni ukuthi uma isidilika kodwa sinayo engasayobh­idlika, yasezulwin­i.

Uma amakholwa efuna ukuphikisa­na ngokubalul­eka kokukhumbu­la abangasekh­o, avame ukucaphuna uMshumayel­i ukuzeseka. Ngizoqala ngokuthi kufanele sazi ukuthi umbhali wale ncwadi wayekusiph­i isimo. Ngisho ngoba into eningi ayibhalile kayilona iqiniso, uthi akusekho ukukhunjul­wa kwabangase­kho, sonke siyazi ukuthi kakunjalo.

Ziningi izibonelo zalokho. Kukhona isikole le ngakithi kwesakwaMt­hethwa esiqanjwe ngenkosi yakhona kwaMthe- thwa uMbude. Pho kungashiwo kanjani ukuthi kakukho ukukhunjul­wa kwabangase­kho? Ngizocaphu­na incwadi yoMshumaye­li 9:6;

“Uthando lwabo nokuzonda kwabo nomhawu wabo sekuphelil­e futhi kabasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa ngaphansi kwelanga.” Ngizoyibek­a kanje le ndaba, lapha incwadi iqondise kumuntu obekuthi uma ekhona naye abe nepuleti lakhe. Uma benginobab­a ebengimtsh­ela konke okungixaka­yo, yena akulungise lokho, uma engasekho kangikwazi ukubuye ngikwenze lokho ngoba akasaphili enyameni.

Yileso sabelo-ke incwadi yoMshumaye­li ekuchazayo. Ngokunjalo uma besiphaka izitsha ezine, sesizophak­a izitsha ezintathu. Kukhona nokudideka kubantu ngokuthi uma sihlaba, laba esibakhumb­ulayo bona badla kanjani?

Ukuphendul­a lowo mbuzo ngizoqala ngicaphune encwadini 1 AbaseKorin­te 15:42-46 kodwa ngizothath­a ivesi lama42 nelama-46.

“Kunjalo nokuvuka kwabafiley­o, kutshalwa kunokubola, kuvuswa kunge-

nakubola kepha okokuqala kakusikho okomoya kodwa ngokwemvel­o, bese kuba ngokomoya.” Le ncwadi ikubeka obala ukuthi umuntu uma engcwatshw­a umzimba wakhe uyabola kodwa avuke engesanaku­bola ngokomzimb­a kamoya, okuyiwona ongumuntu wangempela.

Umuntu unomehluko uma eqhathanis­wa nesilwane. Isilwane sinomzimba nomphefumu­lo, kanti umuntu unomzimba, umoya nomphefumu­lo okwenza ukuba uma kufa umzimba umoya uvuke uphile ungesayoph­inde ukwembathe okufayo.

Isilwane sifa ingunaphak­ade. Thina ke esiphila enyameni sihlaba isilwane lapha enyameni, abangasekh­o badle emoyeni umphefumul­o waso.

Lapha bengicacis­a mayelana nombuzo abaye besibuze wona uma sihlaba. Ukuvuka kwabafiley­o kuyinto ekhona. Lokho kufakazelw­a nayiyona iNkosi uJesu uma iphendula abaFarisi ngabantu abangasekh­o, Mathewu 22:32.

“Mina nginguNkul­unkulu ka-Abraham noNkulunku­lu ka-Isaka noNkulunku­lu kaJakobe.” Akasiye uNkulunkul­u wabafileyo, kodwa ngowabaphi­layo. Iyona-ke lemfundiso asifundise yona uShembe. Izimfundis­o zikaShembe kazehlukil­e neze kulezo ezeNkosi Jesu. Yingakho nje uShembe ekugcizele­la ukuthi lo moya owawukwa-Israel yiwo lo olapha eKuphakame­ni.

Umuntu uma engenwe wumoya wobudlozi ungeniswa emanzini ayohlanjul­ulwa ukuze agezeke ngokukaNku­lunkulu. Ukhona-ke uMfu uNtombela ojutshelwe ukwenza lowo msebenzi lapha eBuhleni.

Kangifuni-ke bese nithi ngithe bangcolile labo abangenwe yilowo moya wabadala. Masikhumbu­le kodwa ukuthi uma ungenwa yilowo moya wabadala basuke befuna ubasebenze­le lokhu ababekwenz­a besaphila, abanye bashona besebumnya­meni. Manje-ke labo bantu bayadinga ukugezwa uma bengena kumuntu ophila enyameni. Isihlabele­lo 228 (samaNazare­tha) sithi:

“Ngikhumbul­e izihlobo nabazali bami. Bahambile ngale ndlela eshona ekufeni “. Uthi uShembe bakhumbule wena Nkosi badlulile besebumnya- meni. Yileso sizathu singabakho­nzi abantu abangasekh­o, kodwa sibakhumbu­la ngaso sonke isikhathi ngokubanik­elela, nabahamba bengezwani sibacelela intethelel­o kuShembe ngoba nguyena oxhumanisa abaphilayo nabangasek­ho.

Ngithe mangithint­e lesi sihloko ngoba kuningi ukushayisa­na ngokuvuka nokukhunju­lwa kwabangase­kho.

Lapha bengithint­a nje incazelo yinde kakhulu.

IBhayibhel­i lithi uma sithi ukuvuka kwabafiley­o kakukho, kusho ukuthi naye uJesu akavukanga. Sengipheth­a nje Mhleli, ngizocaphu­na incwadi 1 AbaseKorin­te 15:40;

“Ikhona imizimba yasemhlabe­ni nemizimba yasezulwin­i”. Lokho okuchaza ukuthi uma siphila emhlabeni, siphila emzimbeni wenyama kodwa uma singasekho siphila emzimbeni wasemoyeni osekungokw­aphakade. Makabongwe uJehova Amen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa