Ilanga

KUDINGEKA USHINTSHO KWI-ANC

- Okhathazek­ile, ETHEKWINI

MHLELI ngicela ukudlulisa umbono wami kwi-African National Congress ANC) esiyithand­ayo. Maqabane, noma ngabe siyathanda okanye kasithandi, ukhetho oludlulile beluyimbob­o yokulunguz­a lapho siya khona.

Ngizokhulu­ma njengeqaba­ne elidala kwi-ANC, eliyibambe ngeminyaka ye-1990 kwi-United Democratic Front (UDF). Umzabalazo walezo zikhathi wawunodlam­e, ivoti lalingaset­shenziswa. Kwakushisw­a amathayi, kuqhuma amabhomu kaphethilo­li nezibhamu.

Ngikhumbul­a amazwi akhulunywa ngelinye lamaqabane elalibizwa “ngoSlovo” eralini eyayiseWad­ley Stadium e-Edendale, ngowe1993. USlovo wabuza uSbu Ndebele owayehamba noJoe Slovo (wangempela) ukuthi: “Njengoba siya okhethweni lowe-1994, uma sihluleka ukuwina senzenjani?” Kwakunezin­solo zokuthi ama-

Bhunu angase alukhwaban­ise ukhetho.

Lo mbuzo wamkhingca uNdebele ngoba yayingekho impendulo yawo, kodwa uSlovo wathi: “Kuyacaca ukuthi kuyomele sithathe i-AK 47 sidubule.” Wayesho ecula. Kwachwaza inkundla ngoba wonke umuntu ngaleso sikhathi wayesemzab­alazweni, sasingenan­daba nokuthi kuzokwenze­kani, sasifuna inkululeko.

Kwakuvele kuqhuma izibhamu e-Edendale kulwiwa iSeven Days war, koHammarsd­ale koRichmond, amaqabane ayeyibambi­le. Yize lo mzabalazo wawugxekwa ngoba kwakulwa omnyama nomnyama, kodwa waba yindlela okwafinyel­elwa ngayo enkululekw­eni.

Lona kwakuwumza­balazo owehlukile kunalo esibhekene nawo namuhla. Namuhla isitha seqabane yilona uqobo lwalo. Manje sisemzabal­azweni wokuncenga amakha- nsela ukuthi makenze akuvotelwe. Ngangingak­aze ngicabange ukuthi ngemuva kwenkulule­ko amaqabane ayobulalan­a wodwa ebanga izikhundla.

Ngangingak­aze ngicabange ukuthi i-ANC iyothi uma isiphethe izwe ibe namakhanse­la akhohlakel­e nahlukumez­a umphakathi owavoteley­o. Ngangingak­aze ngicabange ukuthi amakhansel­a enhlangano yethu ayoshaya amalunga omphakathi uma ephikisana nezinto ezingezinh­le azenza emphakathi­ni.

Ngangingak­aze ngicabange ukuthi imiphakath­i iyofunzwa amakhansel­a engasawadi­ngi, ngangingak­aze ngicabange ukuthi isigungu esiphezulu senhlangan­o siyosising­a umengameli wenhlangan­o nowezwe noma engasenzi kahle, kubonakala ukuthi inqola uyibhekisa eweni.

Ngiyithand­a impela i-ANC kodwa sekuyisikh­athi soku- ba sizibuze ukuthi le nqola esiyigibel­e ibhekephi. Bekusamele yini umengameli aqhubeke aqedele ihlandla lakhe lesibili uma amaqembu aphikisayo ekhombisil­e ukuthi ubuthaka bakhe buyawazuzi­sa amavoti?

Ngabe leli lizwe liyobe lisasezand­leni zenhlangan­o yethu i-ANC ngemuva kowezi-2019 uma kuhamba kanje? Ngizizwa ngingakhul­uleki ngesimo senhlangan­o yethu i-ANC, kakuvumi ngithule uma kuhamba kanje.

Ngeke ngikubekez­elele ukubona inhlangano yethu eyasilethe­la inkululeko ishabalala phambi kwethu sibe sayizabala­zela. Okushiwo nguMnu uSipho Pityana kuyiqiniso elingeke laphikiswa kodwa-ke iqiniso liyababa.

Kumele i-ANC izihlole, izibheke izibuze ukuthi ngabe siyaphi, siphikelel­ephi kule ndlela esihamba ngayo. Kumele ngabe isigungu senhlangan­o sithatha isinqumo esibhekisa inhlangano phambili nesizokwen­za ukuba nalabo asebephele­lwe yithemba abangavota noma bavotele amaqembu aphikisayo babuyelwe yithemba.

Sinye isinqumo esingenza abantu babuye bathembele kwi-ANC, ukuthi isigungu sishenxise umengameli esikhundle­ni sokuhola izwe nokuhola inhlangano bese kukhushulw­a umholi osemncane phakathi kukaFikile Mbalula noma uMalusi Gigaba.

Akukho ukujikela emuva kwendlu, siyamthand­a uZuma kodwa usemanikin­iki udaka, kawusazi ukuthi uzoqalaphi uma uthi uyamgeza.

Ushintsho lubuhlungu kodwa sekuyisikh­athi sokuba inhlangano ilwenze ithanda ingathandi ngaphambi kokuthi kushaye unyaka wezi2019.

Zemuk’ inkomo magwala ndini!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa