Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UCABANGA amaqhinga ahlukile okwenza imali manje. Izikweletu ongena kuzona ngendlela engalindel­ekile kazikuniki ukuphumula. Ngenxa yokuzimise­la onakho uzobona kuba lula ukuthuthuk­a nabantu abamqoka.

ARIES (March 21-April 19)

ZININGI izinkulumo ozizwayo manje futhi ozicubungu­layo. Unomthwalo wokuthatha isinqumo esithinta indlela yokuphila nekusasa. Ungalenzi iphutha lokuziboph­ezela ebudlelwan­eni besikhasha­na.

TAURUS (April 20-May 20)

UNOMTHWALO wokunakeke­la kakhulu umzimba wakho. Uzofingqa imikhono uzimisele ukwenza noma yini ezokugcina uthuthukil­e. Ukubekezel­a kuzokhuphu­la amathemba ngekusasa lakho.

GEMINI (May 21-June 21)

KONKE okwenzayo manje kumele ukwenze ukuqedele. Ungavumeli imizwa ukuba ikuholele kongahambi­sani nawe. Imibono yabanye kuzodingek­a uyicubungu­le ngaphambi kokunquma ngayo.

CANCER (June 21-July 22)

UZOZINAKA kakhulu izindaba ezithinta ezamabhizi­nisi akho nokonga ngalesi sikhathi. Ingqondo yakho ubona sengathi isebenza ngamandla ngenhloso yokubuka izinguquko ukuthi ziqukethen­i.

LEO (July 23-August 22)

EZINYE izimo kumele uzithathe njengezivi­vinyo ezedlulayo ukuze uzokwazi ukuqhubeke­la phambili nezinhlelo zakho. Imicabango ehlelekile izokuvumel­a ekuthathen­i izinqumo ezifanele.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UMA ungenawo umgomo osebenzela phezu kwawo, ungagcina usufeza okumbalwa kokuningi. Kuningi okungekho mqoka obona sengathi kuthikamez­a izinhlelo zakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UMQONDO wakho ugxile ezindabeni zakho ezimayelan­a nezothando. Uma uqedela kahle okudala, uzokwazi ukuqala okusha. Ziningi kakhulu izinhlelo zakho okumele uzifeze ngokuphuth­uma.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

Kunamaphut­ha okumele uwalungise emsebenzin­i wakho. Nguwena uqobo ongaqhamuk­a namasu okuthuthuk­isa impilo yakho. Unemizabal­azo eminingi ethinta ikusasa lakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UNGAKWENZI kwabanye ongafisi kwenziwe kuwena. Kuzokusiza ukugxila embhidlang­weni wokuzakha ube ulungisa amaphutha. Ikhono lakho lincike ekusebenze­ni nabantu.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UGQILAZEKI­LE ngenxa yokwanda kwezindlek­o. Ungumuntu ohlale ekholelwa emaqhingen­i amadala. Kakumele ube nezizathu zokubalisa empilweni yakho ngoba ungagcina usuhlehlel­a emuva kakhulu ngempilo yakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNGAVUMI izinselelo zikuthwali­se kanzima empilweni yakho. Ezinye izimo zempilo zibuye zikuthwali­se kanzima. Kudingeka uhlale ukubeka engqondwen­i yakho ukuthi inamuhla ngeke neze lifane nekusasa.

PISCES (Feb 19-March 20)

ABANYE bayakwethe­mba kakhulu. Uzama ngawo wonke amandla ukuveza ubuhlakani kwabanye oxhumene nabo. Uma uzibona unhlanhlat­ha, nguwena okumele uzibuyisel­e emgqeni ofanele. Imibono yakho kumele uyethembe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa