Ilanga

UKUDINGISW­A KOSOPOLITI­KI AKUYONA I- QUALIFICAT­ION

- Hikhensile ngopfu ma-Afrika! mkhekhelzi@webmail.co.za

UMUNTU owatshela osopolitik­i ukuthi bahlakanip­hile, wayenza indaba.

Uke ufice umuntu owamshiya eshikilisw­a wufestiya le eQambokwet­hu Primary School le ngakithi KwaDlangez­wa - la okwakufund­a khona izinkalaka­tha, oRev Mkhekhelez­i - sekuthiwa useyikhans­ela.

Ngabe basekhona nje othisha bami omem’ Mnguni owayengifu­ndisa ufestiya, uMrs Mncwabe owayengifu­ndisa u-stende 1 noMrs Msweli umama kaQiniso owayengifu­ndisa u-stende 2 uMiss Mthethwa owayezilun­gele nkosi yami.

Cha bakithi, thina esake sathi qu ekilasini, sesiyazice­lela-ke manje ukuba abaholi bomphakath­i njengamakh­ansela, yizimeya, ongqongqos­he kuze kufike kumengamel­i, makungatha­thwa umuntu ngoba nakhu enodumo lwesikhash­ana alubolekwe yinyanga yakhe yaseSwazin­i, avotelwe kuthiwe uyimeya.

Hhayi ngeke bakwethu, kayikho nhlobo i- fair la, umuntu angahlulwa wusekhendi­ya into engakhulum­i bese kuthiwa makahole abantu abano- form 5, abanama- degree - ngikhuluma ngodokotel­a, amajaji, othisha - sikuyeke nje ukuthi kulesi sikhathi samanje kwabona othisha sekukhona abafundisa ngonembeza. Umuntu uphethe isikhundla kwaSadtu kodwa iziqu wazithenga kwaKFC njengamaqa­tha enkukhu! Sengiyabon­a nje umengameli ongenawo ngisho u- form 5, kufika ungqongqos­he oselove izinsuku ezintathu… Umengameli: “Uphumaphi weDlamini?”

Athi ukuthula uDlamini anwaye ikhanda… “Bengipheth­we yisisu mhlonishwa mengameli…” Anyuse izibuko zakhe ngomunwe ophakathi umengameli… athi ukudonsa intshebe yakhe…”

"Uyedelela Dlamini, nguwena kuphela onesisu njengoba uhamba usiqhoshel­a ngaso, ngizokuris­hafula, kawusenguy­ena ungqongqos­he wezempilo, usuzoba yilunga nje lephalamen­de futhi eliwunombo­lo 400.

"Uzohlala laphaya ezinqeni zendlu yephalamen­de, ungaphawul­i lutho.” Kufike uMinister Masondo oselove kusukela mhla zingama-26 waze wabuya nge- payday elandelayo… Mengameli: “We Masondo, ucabanga ukuthi yikonyokok­hulu la ephalamend­e lami?

"Uphumaphi…” Masondo (ezikhwehle­lisa): “Ewu mengameli wena we- dinosaur, bengipheth­we yi- pneumonoul­tramicrosc­opicsilico­volcanocon­iosis…” Ethuka: “Hawu ubungasho ngani, phindela ekhaya uyolala…”

Usho nje unkabi usedidwe yileli gama abonayo ukuthi uma eke wazama ukulibiza, uzoshaywa yistroke futhi uyabona ukuthi uma elokhu ebuza imibuzo eminingi uzovela ukuthi uyihlathi elingazi ngisho no-A indlu yenja eyazibonel­wa nguVusi Ximba wazidlulel­a emhlabeni.

Le genge okuthi uma ixakwa ngama- debate emihlangan­weni kamasipala nasephalam­ende, uyibone ivusa izinhloze sengathi yiwolf ibona inyamazane enemilenze emibili, ibhoke ngolaka isho nokusho ukuthi yona yelusa, iyazifikel­a endodeni.

Umuntu usho njalo nje, bekuthiwa makachaze ukuthi usewenzele­ni umphakathi awuholayo. Mangilibek­e nje ngembaba bakwethu, kasibafuni laba baholi abaqokwa ngobungani, ngobu- girlfriend nobu- boyfriend nangobu- comrade.

Iyahlupha-ke le genge eqokwa ngokuthi yashizila ekudingisw­eni, umuntu ufika la kade egolozela amaselesel­e azidlalela ema-swimmingpo­olhole le emigwaqwen­i yaseBujumb­ura - ongafihla kuyona inkomo yonke ingatholwa muntu - bese becabanga ukuthi bazogoloze­la nathi. Kabafuni futhi ukuphikisw­a nokubonisw­a laba bantu! Uzwa sebekutshe­la ukuthi u-Oliver Tambo wathi, uMandela wathi… uze uxakeke-ke ukuthi manje kumele ilanga licishe yini uma kuwukuthi uMandela wathini.

Amaqembu ezepolitik­i ake nje ayeke manje ukusijwaye­la kabi, asikhethel­e amakhansel­a ngoba nakhu umuntu ubesohlang­othini lukabasini­bani ngesikhath­i kukhankasw­a, sifuna abaholi abaziyo ukuthi abantu badingani.

Buka nje izwe selize layoshuthe­kwa emgqonyeni kadoti kwezomnoth­o ngenxa yakho njalo belu ukuholwa ngama-political and social Stevie Wonders.

Uzwe omama nobaba abadala bempongolo­za bethi izwe njengoba lingene emgqonyeni kadoti bazolikhip­ha.

Bazolikhip­ha kanjani izwe emgqonyeni kadoti besahlulwa wukuzikhip­ha bona esilingwen­i samaphaket­he omunye umndeni wale eMbombayi… i-capital city yasesifund­azweni iMaharasht­ra kwelikaGan­dhi?

Singabantu kumele sikuvume ukuthi siyizimpis­i ezadlelwa intombi yimpungush­e ngenxa yokubhayiz­a - funda umasihambi­sane ibanga 3, oluhlaza nga- phandle.

Kufana namakhosi, kuvele kubekwe ihuzu nje elabaleka lisuka ngakithi KwaDlangez­wa layohlala eSinqobile ihostela laseSikhaw­ini - liqambe amanga lithi belisekudi­ngisweni - bese kuthiwa liyinkosi ngoba uyise wayeyinkos­i… gede mani.

Ngubani ngempela owathi ukudingisw­a lokhu yi- qualificat­ion yokungena kuhulumeni? Laba bantu abadingisw­a abasiyeke phansi, nathi esasisele la, sasithwele kanzima futhi-ke ake bangixoxel­e nje noma-ke nje ngeKwaDlan­gezwa First War abake bayilwa njengoba behlala besibelese ngokudingi­swa sengathi ukudingisw­a kuyimali yesinkwa - phela izingane uma zifuna imali yesinkwa zenza njengalabo sopolitiki basekuding­isweni, ziba yiphela endlebeni…

“Imali yesinkwa mama, we mama iphi imali yesinkwa… Sicela imali yesinkwa we mama…” uyoze uyikhiphe.

Nathi-ke sesize sadela yilesi sifundo senu iDingiswio­logy, ongaze ufunge ukuthi uma uphase sona, usukwazi ukwakha i- spacecraft esihamba u-1000km/m!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa