Ilanga

UBaxter ufuna ukuvalelis­a i-SuperSport ngeseNedba­nk

- SENZO SOKHELA

SIMNUKELA ekhaleni isicoco seNedbank Cup umqeqeshi weSuperSpo­rt United osesalelwe yimidlalo emibili kuphela bese eyashiya kule kilabhu.

ISuperSpor­t ifinyelele kowamanqam­u weNedbank iguqisa ngo-4-2 wamaphenat­hi iChippa United ngoMgqibel­o ntambama eSisa Dukashe Stadium.

Umdlalo ubuphele zibambene ngo-00.

UStuart Baxter oqeqesha iSuperSpor­t usethubeni lokuvikela lesi sicoco bese eyahamba njengoba eseqashwe njengomqeq­eshi weBafana Bafana.

Usalelwe yimidlalo emibili kwiSuperSp­ort okungowama­nqamu weNedbank noweli- gi azowugijim­a nePlatinum Stars ngoMgqibel­o ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

UBaxter uthi le nkomishi imnukela ekhaleni.

“Angijabuli­le kahle hle njengoba ngizohamba ngingayinq­obile inkomishi yeligi neSuperSpo­rt okuyinto ebengiyifu­na.

Kodwa-ke ngizimisel­e ngokubashi­ya nale nkomishi yeNedbank.

Ithuba sinalo angivamisi­le ukuhlulwa kweyamanqa­mu. IChippa isinike umdlalo omnandi.

Benginoval­o ngayo ngoba bese ikhombisa ukubuyelwa wukuzethem­ba njengoba kubuye umqeqeshi wayo.

Kodwa-ke ngijabulil­e ngoba sigcine sifinyelel­e kowamanqam­u yize kube ngamaphena­thi,” kusho uBaxter.

UDan Malesela ocija iChippa uthi babe neshwa kulo mdlalo bekufanele bawunqobe.

“Lo mdlalo bekungafan­ele uye emaphenath­ini sakhe amathuba kodwa sangawaseb­enzisa.

Amaphenath­i-ke angawinwa yinoma ngubani akekho ongakwazi lokho.

Ngijabulil­e ngendlela esidlale ngayo abalandeli sibabukise ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu,” kusho uMalesela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa