Ilanga

U-DA GAMA UBABAZA IKHONO ALIBONE KWAZULU-NATAL

- MFANAFUTHI NDLOVU

AKAWUVALI umlomo u-Owen da Gama ngekhono alibone KwaZulu Natal behlwaya ikhono ohlelweni olubizwa ngeNedbank Ke Yona obelwenziw­a ngoMgqibel­o ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UDa Gama ungomunye wabaqeqesh­i abahlwaya ikhono ezweni lonke besebenzis­a lolu hlelo lweKe Yona.

Uhambisana no-Ephraim “Shakes” Mashaba, Khabo Zondo noMike “Sporo” Mangena.

UDa Gama uthi kulesi sifundazwe bavamise ukuthola ukhilimu wabadlali.

“Kwezinye izifundazw­e engingabal­a kuzona iGauteng uthola kakhu- lu abadlali basesiswin­i kanti lapha KwaZulu Natal uthola kuzona zonke izindawo.

Kulesi sifundazwe siba nesibalo esiningi sabadlali abazohlolw­a bese sithola ulozolo lwabadlali,” kusho uDa Gama.

Uncome abakwaNedb­ank ngalolu hlelo wathi luyasiza ukuvukuza abadlali abancishek­ile ithuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa