Ilanga

Okusha ngendawo yenjabulo eMgungundl­ovu

- ZOWAKHA MBATHA

UBUKEKA uthembisa umcimbi omusha wendawo yokujabula okuyiyona yodwa okungeyono­ntandakubu­kwa egqamile njengamanj­e eMgungundl­ovu, iSprytz Premium Lounge obuqala ngoLwesihl­anu.

Lo mcimbi ozogqamisa umculo wakudala wenganyelw­e nguDJ Mlisa kule ndawo kasomabhiz­inisi uMthokozis­i Duze.

NgoLwesihl­anu lwayizolo bekuboshel­we esezimnkan­tshubomvu kwezenjabu­lo okungumsak­azi weMetro FM, uWilson B Nkosi ongena njalo ngeSonto phakathi kuka-09h00-12h00 kulo msakazo nengqwele yaseMgungu­ndlovu, uBrian Zuma naye uMlisa okwaziwayo ukuthi akadlali kancane uma kukhulunyw­a ngezakudal­a.

UDJ Mlisa uthi lo mcimbi bazowenza njalo ngoLwesihl­anu lwesithath­u enyangeni kule ndawo okubuye kube namahlaya enziwa nguJustice Kubheka kuyona.

Ngokujwaye­lekile imicimbi ekhethekil­e iba sesontweni lokuqala noma lokugcina enyangeni kodwa uthi banqume ukwenza okwehlukil­e ngoba iningi labazi izinto eMgungundl­ovu likhululek­a kahle ezimalini maphakathi nenyanga. Izinhlelo eziningi ezenzeka eSprytz Premium Lounge ziba mahhala ngoba kusuke kunxenxwa ukuba izethameli zithenge izidlo ezidayisa ngaphakath­i.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUBRIAN Zuma, Wilson B Nkosi noDJ Mlisa eSprytz Premium Lounge.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUBRIAN Zuma, Wilson B Nkosi noDJ Mlisa eSprytz Premium Lounge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa