Ilanga

Inzondo mayingabi yifa kwi- EFF

- Themba Xolani Zikhali, eMbazwana

MHLELI: Iqiniso sifanele ukulikhulu­ma ngisho nangesikha­thi lapho abantu sebelawulw­a yizisu zabo kanye nalapho abanye sebadayisa nangalo. Ngifisa ukubheka kakhulu udaba lwakamuva oseluqubul­e ukukhuluma mayelana nomfelanda­wonye wamaqembu aphikisayo, obizwa ngeNationa­l Foundation Dialogue Initiative.

Kuyezwakal­a ukuthi kunomhlang­ano wokuqala wale mbumba yamaqembu, obuseParkt­own, eGoli lapho abanye bosaziwayo abebeyingx­enye yawo bekunguMnu Thabo Mbeki, uMnu FW de Klerk noMnu Kgalema Motlanthe.

Okungiphat­ha kabi wukuthi abafowethu be-Economic Freedom Fighters (EFF) bamane baduba, bashingila, bashiya lo mhlangano ngenxa yokungaham­bisani nokuba khona kukaMnu De Klerk kulo mhlangano.

Kuyagqama ukuthi ngokomlomo kaMnu Mbuyiseni Ndlozi okhulumela i-EFF, uthi bakhononda ngokuthi uMnu De Klerk waba neqhaza kuhulumeni wobandlulu­lo, okwaphetha ngokuba angajezisw­a. Manje-ke, ngibuka ukuthi le ndlela yokubuka izinto ngamagqubu nangenzond­o, izosithwal­isa kanzima ezweni ngoba kuyosho ukuthi siyophila ngokukhumb­uzana osekwadlul­a.

Mhlawumbe kuhle ngicacise ukuthi kanginalo igqubu kumbe inzondo nge-EEF, ngiyayamuk­ela emicabangw­eni yami yonke njengeqemb­u elinesizat­hu sokuba libekhona embusazwen­i wakithi. Ineqhaza elikhulu esilibambi­le ekuvaleni amanye amagebe nokwakha amasu okunyakazi­sa umbuso weANC osihleli entanyeni sonke kuleli lizwe, ikakhuluka­zi uma ungelona ilunga layo.

Nokho-ke, lapha odabeni lwabe-EFF, bengifisa udaba lukaMnu De Klerk lungabukwa ngamanye amehlo, hhayi lawa awenzondo ngenxa yokuthi kumele siqonde ukuthi uMnu De Klerk wangena esikhundle­ni sobumengam­eli ngenxa yesibindi nekhono lakhe njengalokh­u isimo sombusazwe ngaleso sikhathi sabe sinezinsel­elo eziningi. Ezinye zazo kwakuyilez­i ezilandela­yo :

Isimo sodlame ezweni nemibhikis­ho engapheliy­o.

Ingcindezi yamaqembu aphikisayo nezinhlang­ano zemiphakat­hi eyahlukene­yo.

Isimo esintekent­eke sezinga lomnotho nezinga lobumpofu, ikakhuluka­zi kwabamnyam­a.

Umphakathi omhlophe owabe uphikisana nombono wezinguquk­o zombusazwe wakuleli.

Nesimo senhlukano ngaphakath­i eqenjini elalibusa ngaleso sikhathi, iNational Party (NP). Ngaleyo ndlela lesi simo sasidinga umholi onomqondo okhaliphil­e kwiNP ukuba akwazi ukuhola uhulumeni ezingxoxwe­ni zezinguquk­o embusazwen­i wakuleli, okwaphetha ngokuba kube ngubaba uDe Klerk.

Ngiyacaban­ga ukuthi simelwe ukumbonga ngeqhaza alibamba, ikakhuluka­zi ngo- ba ukumgxeka kungaba lula ngaphandle kokubheka isimo ayebhekene naso ngaleso sikhathi. Kumele singakhohl­wa yizinhlamb­a ayethukwa ngazo ngabanye abamhlophe, ababembiza ngomdayisi ngoba bebona sengathi usecheme nabamnyama njengalokh­u wayephumel­a obala ngodaba lombuso wentando yeningi esho nokusho ukuthi isikhathi sesifikile ukuba lokho makwenzeke.

Siyokhumbu­la nanokuthi eminye yemihlanga­no babemane bayidube ngenxa yeqeqebana lontamoluk­huni ababengafu­ni nakuyizwa eyokuhlala kuxoxwe ngezinguqu­ko ezweni. Manje-ke, uMnu De Klerk kumele sikhumbule ukuthi naye wabe eyinzalo yabo futhi ekhuliswe wadla izithelo zobandlulu­lo nabo kodwa lokho kakumvimba­nga ukuba abone ngendlela eyaphetha ngokuba amandla aweliselwe ezandleni ezintsha ngaphandle kombhobho wesibhamu njengoba abanye babefisa kanjalo.

Kufanele singakhohl­wa ngabanye abaholi ababamba iqhaza kule nkululeko yethu, njengobaba iNkosi Mangosuthu Buthelezi eyayichith­a eyokufuman­a amandla ombuso ngezikhwep­ha nezikhali, kodwa kunalokho wayebelese­le ngodaba lokuxazulu­la izinkinga zombusazwe ngokuxoxa, okuyilona khambi elashabala­lisa umbuso wobandlulu­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa