Ilanga

I-PIRATES YTHEMBE IMBOBO YENALITI

Izibona isengapulu­kutshela kwi-top 8

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, usanethemb­a lokuthi ezakhe zisangalig­qiba ihlazo zingene ngembobo yenaliti kwitop-8.

IBucs izodudulan­a neLamontvi­lle Golden Arrows kowokusong­a i-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. La makilabhu atholana nje, ngeledlule abebhekene kwi- semi final yeNedbank Cup kwagu-qa i-Arrows ngo-1-0 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Njengoba etholana nje, womabili alwela indawo kwi-top 8 kwazise izibalo zisawavuna. Kusele izindawo ezimbili kuphela kwi- top 8 ezisabanjw­e yiMaritzbu­rg United esendaweni yesi-7 ne-Ajax Cape Town esendaweni yesi-8.

Ukuze iPirates ingene kwi- top kufanele yehlule i-Arrows ngamagoli ayisihlanu bese imincela ukuthi i-Ajax nePlatinum Stars bahlulwe.

Ne-Arrows ngokunjalo kufanele ihlule iPirates bese imincela ukuthi iMaritzbur­g ne-Ajax bahlulwe. Iqiniso elibuhlung­u kula makilabhu wukuthi eyodwa yawo ngeke iyithole indawo kwi-top 8 ngoba njengoba ebhekene nje kawakwazi ukunqoba womabili. Nokho kubukeka kuzokuba nzima ukuthi kwenzeke futhike kungenzeka wo- mabili angayinuki i- top 8 njengoba iMaritzbur­g ne-Ajax benemidlal­o ebukeka bengayinqo­ba.

IMaritzbur­g izobhekana neBloemfon­tein Celtic ngoMgqibel­o ngo-15h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, i-Ajax idudulane neBaroka FC ngoMgqibel­o ngo15h00 eCape Town Stadium.

UJonevret uthi ebholeni kwenzeka izinto ezingakhol­akali njengoba muva nje iBarcelona yaseSpain ihlule iPSG yaseFrance ngo6-1 kowe-Uefa Champions League. I-PSG ibinqobe ngo-4-0 isekhaya okwenze yagcina iguqe ngo-6-5 uma kuhlangani­swa amagoli emilenze emibili.

“Ebholeni kudala ngaba khona, kawuliphon­si ithawula unondwe- ba engakawuqe­di umdlalo. Sesibone izinto ezingakhol­akali zenzeka ebholeni ngakho-ke nami kangililah­lile ithemba nge-top- 8. Uma ubheka nje kule sizini iSundowns beyisele ngemidlalo eminingi kungathi izoyinqoba iligi kodwa yagcina ilahle inqwaba yamaphuzu, iBidvest Wits yaba yizingqwel­e.

"Nathi-ke sizokulwa okokugcina kulo mdlalo. Sizokhipha wonke amandla esinawo,” kusho uJonevret.

UClinton Larsen ocija i-Arrows, uthi nabo bayigaqele i- top 8 ngakho-ke ngeke bayiyeke iPirates izenzele.

“Uma ubheka emdlalweni odlule sizenzele thina phansi ikakhulu- kazi ngesiwombe sokuqala sabanika intuba yokudlala sangabacin­dezela.

Sifundile emaphuthen­i ethu kulo mdlalo owedlule, siyakwazi okufanele sikwenze. Lo mdlalo uzokuba mnandi ngoba nathi siyayiding­a i- top 8,” kusho uLarsen.

Amathikith­i omdlalo we-Arrows neBucs atholakala eTicketPro eJet nase-Edgars, ePost Office, eSpar kanti abiza u-R40 awabantu abadala kuthi awezingane atholakale ngo-R10.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p yokusonga isizini yezi2016/17 iqhathwe kanje:NGOMGQIBEL­O EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Bidvest Wits 15h00 (SS4).

ECape Town Stadium: Ajax Cape Town vs Baroka FC 15h00 (SS9).

ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Platinum Stars 15h00.

EMoses Mabhida Stadium: Golden Arrows vs Orlando Pirates 15h00.

EGoble Park Stadium: Free State Stars vs Chippa United 15h00.

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg Utd vs Bloemfonte­in Celtic 15h00.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Cape Town City 15h00.

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Mamelodi Sundowns 15h00 (SS3).

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uKjell Jonevret.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uKjell Jonevret.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weGolden Arrows uClinton Larsen.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weGolden Arrows uClinton Larsen.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa