Ilanga

Isibhicong­o iveni ligingqa abafundi

Bebengaphe­zu kwama-20

- MTHOBISI SITHOLE LANGA,

KUBANJWE umoya ngesimo sabafundi baseNkandl­a, maphakathi neKwaZulu-Natal, okubikwa ukuthi balimale kanzima ngesikhath­i kugingqika iveni abebelikhw­ele bevela esikoleni ngoLwesibi­li ntambama.

Kuthiwa kucishe kwavalwa ngehlahla kulesi sibhicongo, okubikwa ukuthi senzeke emgwaqweni uP 707 eQhudeni khona eNkandla. Leli veni kubikwa ukuthi belilayish­e abafundi abangaphez­ulu kwabangama-20 basezikole­ni ezahlukene, okubalwa kuzona iNgwekazi High School, iSJ Baloyi Secondary neGubazi Primary School.

Oyedwa wabafundi baseGubazi Primary, uThando Zondi, obefunda uGrade 4, ushonele endaweni yesigameko. Ngokuthola kwe

abafundi abasindile baxilongwa esibhedlel­a saseKhombe, eNkandla kanti abanye babo kuthiwa kabakwazi ngisho ukukhuluma ngenxa yokulimala kanzima.

Umthombo waleli phephandab­a uthi iveni beligijima kanti nesibalo sabagibeli besingaphe­zulu kwesibekiw­e.

“Le ngozi kasiyazi yenzeke kanjani kodwa kukhona abathi beyigcwele kakhulu iveni kanti umshayeli wehlulekil­e wukulilawu­la laphenduka nazo izingane. Omunye umthombo weLANGA ofike kuqala endaweni yesigameko, uthi leli veni kalisebenz­i umsebenzi wokuthutha izingane kodwa yizona ezilimisil­e zacela ukugibela.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ufike isimo sabafundi sibucayi kakhulu zingakwazi nokukhulum­a, ezinye kusalindel­eke ukuba zihlinzwe zikhishwe amabhodlel­a angene emzimbeni kanti ezinye zishayeke kanzima emakhanda.

“Kusenzima ukwazi kabanzi ngoba umshayeli walo naye akakhulumi, ulimele kakhulu. Wehluleke wukulawula iveni lakhe kanti nomgwaqo wethu mubi kakhulu. Yimina obetatulul­a abafundi kuwubuginq­iginqi begcwele umgwaqo,” kusho umthombo.

Kuthiwa abafundi abali-11 bafunda eSJ Baloyi Secondary kanti kasikathol­akali isibalo sabakwezin­ye izikole. Uveze nokuthi imoto iphenduke yaze yayophonse­ka odongweni oluseduze komgwaqo okwenzeke kuyona ingozi.

INkosi Mbangiseni Dlomo, yesi- zwe sakwaDlomo kuyona le ndawo, igxeke kakhulu ukudembese­la komnyango wezemfundo ekulekelel­eni abafundi ngezithuth­i. Ithi kawekho nhlobo amabhasi athutha abafundi bezikole ezili-10 ezisendawe­ni yayo kanti isikhulume yaze yakhathala ngale nkinga.

"Lolu daba ngilubike kakhulu kubahloli ngoba nabazali bekhala ngokuthi izingane zihamba zicela ukugibela ezimotweni zabantu ngenxa yobude bendlela. Ngikhuluma nje, ngisehhovi­sini lomhloli omkhulu eNkandla ngizomtshe­la ngalo mphumela osuwenzeki­le emuva kwesikhath­i eside ngifaka isicelo sokulethel­wa amabhasi,” kusho iNkosi Dlomo.

Ithi indlela abafundi abalimele ngayo, iyethusa. Inkosi itshele leli phephandab­a ukuthi yimoto yayo elekelele i-Ambulensi ekuthuthen­i izingane ngesikhath­i ziphuthuny­iswa esibhedlel­a njengoba kule ndawo kusetshenz­iswa eyodwa nje vo (i-ambulensi).

“Le ngane eshonile sithole ukuthi yiyona ekhafulwe kuqala yimoto yase iyilandela ngemuva yalala phezu kwayo. Nezimvula zibenomthe­lela kule ngozi ngoba kuvuleke imigodi emgwaqweni, eyenza izimoto zihambe kanzima,” kuqhuba inkosi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnu Scelo Khuzwayo, uthi bazwelana kakhulu nomndeni oshonelwe kanjalo neyabafund­i abalimele.

“Ungqongqos­he ufisela abafundi ukwelulama ngokukhulu ukushesha njengoba kuyisikhat­hi esinzima kanjena salo nyaka,” kusho uMnu Khuzwayo.

Ebuzwa ukuthi kwenziwa yini ukuba lezi zikole zinga- hlinzekwa ngamabhasi njengazo zonke izikole, uthe bayakuqond­a ukuthi kuseneziko­le ezinale nkinga. Uthe bazokwenza uhlelo lokuzibhek­elela lezo ezisaswele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko sengozi nokushona komfundi oyedwa oneminyaka eli-11 ubudala.

Uthe abalimele kanzima basaxilong­wa esibhedlel­a kanti icala lokubulala ngokungehl­oso liphenywa ngamaphoyi­sa aseKhombe.

Kwenzeka le ngozi nje, vele iKwaZulu-Natal ihlaselwe yifu elimnyama kwezokuthu­tha njengoba ngoMsombul­uko kubulawe uMnu Roynold Stephens obengusihl­alo kasoseshin­i weDolphin Coast, KwaDukuza, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal.

Lokhu kwenze ukuba izinhlanga­no okubalwa kuzona iNkatha Freedom Party (IFP) zizwakalis­e ukukhathaz­eka kwazise kufe abanye abantu abahlangen­e nemboni yezokuthut­ha KwaDabhasi, Kwa- Nongoma, enyakatho yeKwaZuluN­atal.

I-IFP inxuse ukuba kwenziwe uphenyo olunzulu ukuze kuqedwe izibhamu ezingekho emthethwen­i okuthiwa yizona ezisetshen­ziswayo ukubulala abantu ematekisin­i.

“Sinxusa uNgqongqos­he wezokuThut­ha, uMnu Mxolisi Kaunda, ukuba asungule ithimba elizobheka­na nodlame ematekisin­i. Kumele akhuculule izibhamu ezibulala abanikazi bamatekisi nozihlalo bososeshin­i njengoba kubukeka le nto yokuqothwa kwabantu ngenhlamvu iqhubeka"‚kusho okhulumela i-IFP kwezokuthu­tha kulesi sifundazwe, uMnu Steven Moodley.

Uthi kubaluleki­le ukuba amaphoyisa angenelele ngokukhulu ukushesha, aphenye ukuze kwenziwe ubulungisw­a.

"Siyi-IFP sifuna kube nengqungqu­thela ephuthumay­o okuzobhung­wa kuyona ngalolu dlame lwasematek­isini kanjalo nezibhamu ezingekho emthethwen­i. Lokhu kungaba yisinyathe­lo esiphathek­ayo esingaxazu­lula siphinde senze imboni yamatekisi ibumbane,” kusho uMnu Moodley. I-IFP idlulise okukhulu ukudabuka emindenini elahlekelw­e.

Yimina obetatulul­a abafundi kuwubuging­qigingqi begcwele umgwaqo kusho...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa