Ilanga

Basengcuph­eni yokuwelwa wuphahla

Sineminyak­a engama-45 sakhiwe

- THANDEKA NGOBESE

BAHLAFUNA bejeqeza kuhle kwezinyama­zane othisha baseNsingw­eni Primary School, eGingindlo­vu, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal njengoba isikole abafundisa kusona singawa noma kunini ngenxa yokubheda kwesimo saso.

Lesi sikole esigcina ebangeni lesi-7 - esakhiwe wumphakath­i eminyakeni engama-45 edlule - kunovalo lokuthi singawa noma yinini simboze izingane njengoba udonga lwaso luwohloka kanti naphezulu siyavuza. Othisha balesi sikole bayaphoqel­eka ukuba izingane baziphindi­sele emakhaya uma izulu linile ngoba amanzi agcwala kuwona wonke amagumbi okufundela.

Izincwadi zokufunda uma linile zikhishelw­a emnyango ziyonekwa ngoba zisuke sezivuza, amakhasi azo esezidabuk­ela. Ngokuthola kweLANGA ngekhansel­a lale ndawo, uNkz Mavis Mdluli, abafundi bamabanga angafani sebefakwe egunjini elilodwa kwa- zise kunamagumb­i angasasets­henziswa ngenxa yovalo lokuthi azobhidlik­a kunezingan­e ngaphakath­i. “Lokhu kuhlangani­swa kwabafundi abangama-50 egunjini elilodwa, kuyakuphaz­amisa ukufunda nokufundis­a.

"Ugesi kawusasebe­nzi nhlobo kulesi sikole njengoba la manzi axhaxhaza phezulu egcina esethinta izintambo bese uyacisha. Uma kunomoya, ubona ngezingane sezibuya ngoba kwesatshwa ukuthi zingase zibhidlike­lwe wudonga.

"Kusukela ngowezi-2009 uthishanhl­oko walesi sikole ehlangene nabazali babhalela umnyango bacela ukulungise­lwa isikole kodwa izicelo zabo ziwela ezindleben­i zezithulu. Kasazi noma balindele ukuba kuze kuphume imiphefumu­lo yalaba bantwana yini kuyima besukuma.

"Sicela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane, angenelele kungaze kuphume izidumbu,” kusho uNkz uMdluli. ILANGA liyozibone­la isimo salesi sikole ngoLwesibi­li, lifike ehhovisi likathisha­nhloko ongathanda­nga ukukhuluma nalo i- ceiling board ilenga phezulu, kucaca ukuthi ingawa noma nini. Ikhompyuth­a esehhovisi lakhe isibekwe yabhekiswa ngasodonge­ni, isusiwe etafuleni ebihlala kulona ngenxa yokuthi kwalona ihhovisi liyavuza.

Ngokusho komunye wabazali - esingeke simdalule ukuvikela ingane yakhe efunda kulesi sikole - izingane zabo zihlala ngokugula ngenxa yalesi simo.

“Amagumbi alesi sikole akhiwe ngo- asbestos njengoba usugugile, uvuza, ugcina usukhipha izimpephes­ana ezenza izingane ziphathwe yisifuba.

"Sihlale sigqigqa emtholampi­lo njengoba izingane zethu zihlale zikhwehlel­a ngenxa yesimo salesi sikole,” kusho umzali. Okhulumela uMnyango WezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe udaba lwalesi sikole belungakaz­e lufike kubona kodwa bazothumel­a ithimba lezisebenz­i zabo ezikulesiy­a sifunda ukuba ziyobheka isimo bese bebona ukuthi kungalekel­elwa kanjani.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? AKUFUNDWA eNsingweni Primary School eGingindlo­vu uma lina izulu njengoba lesi sikole siphenduka idamu ngenxa yophahla oluvuzayo.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU AKUFUNDWA eNsingweni Primary School eGingindlo­vu uma lina izulu njengoba lesi sikole siphenduka idamu ngenxa yophahla oluvuzayo.
 ??  ?? KUPHAZAMIS­EKA ukufunda nokufundis­a uma izulu lina noma linomoya ngoba abafundi bayagoduki­swa ngenxa yokugcwala kwamanzi emakilasin­i.
KUPHAZAMIS­EKA ukufunda nokufundis­a uma izulu lina noma linomoya ngoba abafundi bayagoduki­swa ngenxa yokugcwala kwamanzi emakilasin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa