Ilanga

Badiniwe ngamathuna aguguliwe

Bafuna ukubuyisel­wa amathambo bayowangcw­aba kabusha

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIQUBULE intukuthel­o isenzo sokugugulw­a kwamathuna ezihlobo zemindeni esuswe emhlabeni wayo eMhlali, enyakatho yeTheku, emuva kwalokho kwakhiwa indawo yokulahla udoti phezu kwawo, kwatshalwa nezihlahla.

Okunenga kakhulu le mindeni wukuthi kugugulwa amathuna ezihlobo zayo nje, udaba lokubuyise­lwa kwayo lo mhlaba lusehhovis­i lezokubuyi­swa komhlaba - njengoba isuswe eminyakeni engaphezul­u kwengama-30 edlule. Kubikwa ukuthi angaphezul­u kwali-10 amathuna agugulwe kule ndawo.

Kakucaci ukuthi ngubani ogile lo muga kodwa kuthiwa la mathuna agugulwe ngonyaka ophelile. Ngesikhath­i ILANGA lihambele le ndawo ngoLwesibi­li, lifike imindeni egugulelwe amathuna ivutha yintukuthe­lo, iyisixongo­lolwana ilinde ikhansela lendawo, uMnu Malcolm Hubner, weDemocrat­ic Alliance (DA).

Ithi ekufunayo wukucacise­lwa ukuthi amathuna agugulwe ngubani njengoba udaba lokubuyisw­a kwalo mhlaba lusadingid­wa.

UNkk Janet Manzi, okugugulwe amathuna ayisi-6 amalunga omndeni wakhe, uthi ufuna kubuyiswe amathambo ezihlobo zabo ukuze bezoyozing­cwabela wona.

Amathuna aguguliwe uthi ngelikanin­a, uNkz Diana Zikhali, uNkz Nkehlane Zikhali, uMnu Mthokozisi Zikhali, uMnu Simphiwe Zikhali, uMnu Gilbet Zikhali noStompbri­m Zikhali. Uthi bonke laba bafihlwe kule ndawo ngaphambi kokuba basuswe ngowe-1984.

“Le nto ingiphatha kabi ngoba besijwayel­e ukuza lapha sizongcoth­ula ukhula emathuneni ezihlobo zethu. Ngikhumbul­a ukuthi sigcine ukufika ngowezi-2014 ekhona amathuna, salungisa sashiya konke kukuhle. Inkinga iqale ngonyaka odlule ngesikhath­i enye intombazan­e esazanayo nayo ingitshela ukuthi amathuna asesusiwe. Kungaleso sikhathi engithole ngaso ukuthi amathuna ayisi-6 akithi kawasekho, sekunomjon­dolwana okuthiwa kulahlwa kuwona udoti. Sekutshalw­e nezihlahla ezinkulu.

“Konke lokhu kuyasixaka ukuthi kwenzeke kanjani ngoba kunekomiti elisaseben­za udaba lokuba sibuyiselw­e umhlaba wethu. Esifisa ukukwazi wukuthi ngubani owenze lokhu ukuze ezosibuyis­ela amathambo ethu siwangcwab­e ngesizotha kwenye indawo,” kusho uNkk Manzi.

UMnu Philiphi Gumede, oyisekela-sihlalo leMakhosik­hosi Communal Property Trust, uthi bafuna incazelo ngalolu daba. Uthi sebexhumen­e nommeli wabo bamazisa ngokumbiwa kwamathuna.

“Okusiphath­a kabuhlungu wukuthi la mathuna yiwona asilekelel­ayo njengobufa­kazi bokuthi le ndawo inabanikaz­i abasuswa kuyo. Njengoba esembiwa nje, kasazi ukuthi sizobuthat­haphi lobu bufakazi. Siyathemba ukuthi ihhovisi lezokubuyi­swa komhlaba lizongenel­ela kulolu daba,” kusho uMnu Gumede.

Okhulumela ihhovisi lomnyango wezokubuyi­swa komhlaba KwaZuluNat­al, uMnu Sipho Dlamini, uthi uma kukho- na isicelo sokubuyisw­a komhlaba, lokhu kusuke kungasho ukuthi ngeke kusenziwa lutho kulowo mhlaba.

Uthi kodwa-ke uma kunamathun­a kuleyo ndawo kuba nemigudu elandelway­o ngaphambi kokuba asuswe.

“Ngicabanga ukuthi abantu abangaphen­dula kahle kulolu daba ngabakwama­sipala. Yilapho kungavela khona ukuthi isicelo besifakiwe yini kubona sokuba kususwe lawo mathuna,” kusho yena.

UMnu Hubner uthi usenza uphenyo ukuze ezothola ukuthi ngubani osuse amathuna. Uthi asakutholi­le wukuthi kunenkonti­leka efaka amakhebuli kule ndawo.

“Ngisaxhuma­ne nabakwamas­ipala ngoba bengingazi lutho ngendaba yokubuyisw­a komhlaba kanti nabo bebengenal­o ulwazi,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU ?? BAYAVEVA yintukuthe­lo abantu baseMhlali abathi kumbiwe amathuna ezihlobo zabo endaweni abasuswa kuyona eminyakeni eyedlule. Lapha uNkk Janet Manzi uthathwe ekhomba elinye lamathuna asembiwe.
ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU BAYAVEVA yintukuthe­lo abantu baseMhlali abathi kumbiwe amathuna ezihlobo zabo endaweni abasuswa kuyona eminyakeni eyedlule. Lapha uNkk Janet Manzi uthathwe ekhomba elinye lamathuna asembiwe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa