Badiniwe ngamathuna aguguliwe
Bafuna ukubuyiselwa amathambo bayowangcwaba kabusha
SIQUBULE intukuthelo isenzo sokugugulwa kwamathuna ezihlobo zemindeni esuswe emhlabeni wayo eMhlali, enyakatho yeTheku, emuva kwalokho kwakhiwa indawo yokulahla udoti phezu kwawo, kwatshalwa nezihlahla.
Okunenga kakhulu le mindeni wukuthi kugugulwa amathuna ezihlobo zayo nje, udaba lokubuyiselwa kwayo lo mhlaba lusehhovisi lezokubuyiswa komhlaba - njengoba isuswe eminyakeni engaphezulu kwengama-30 edlule. Kubikwa ukuthi angaphezulu kwali-10 amathuna agugulwe kule ndawo.
Kakucaci ukuthi ngubani ogile lo muga kodwa kuthiwa la mathuna agugulwe ngonyaka ophelile. Ngesikhathi ILANGA lihambele le ndawo ngoLwesibili, lifike imindeni egugulelwe amathuna ivutha yintukuthelo, iyisixongololwana ilinde ikhansela lendawo, uMnu Malcolm Hubner, weDemocratic Alliance (DA).
Ithi ekufunayo wukucaciselwa ukuthi amathuna agugulwe ngubani njengoba udaba lokubuyiswa kwalo mhlaba lusadingidwa.
UNkk Janet Manzi, okugugulwe amathuna ayisi-6 amalunga omndeni wakhe, uthi ufuna kubuyiswe amathambo ezihlobo zabo ukuze bezoyozingcwabela wona.
Amathuna aguguliwe uthi ngelikanina, uNkz Diana Zikhali, uNkz Nkehlane Zikhali, uMnu Mthokozisi Zikhali, uMnu Simphiwe Zikhali, uMnu Gilbet Zikhali noStompbrim Zikhali. Uthi bonke laba bafihlwe kule ndawo ngaphambi kokuba basuswe ngowe-1984.
“Le nto ingiphatha kabi ngoba besijwayele ukuza lapha sizongcothula ukhula emathuneni ezihlobo zethu. Ngikhumbula ukuthi sigcine ukufika ngowezi-2014 ekhona amathuna, salungisa sashiya konke kukuhle. Inkinga iqale ngonyaka odlule ngesikhathi enye intombazane esazanayo nayo ingitshela ukuthi amathuna asesusiwe. Kungaleso sikhathi engithole ngaso ukuthi amathuna ayisi-6 akithi kawasekho, sekunomjondolwana okuthiwa kulahlwa kuwona udoti. Sekutshalwe nezihlahla ezinkulu.
“Konke lokhu kuyasixaka ukuthi kwenzeke kanjani ngoba kunekomiti elisasebenza udaba lokuba sibuyiselwe umhlaba wethu. Esifisa ukukwazi wukuthi ngubani owenze lokhu ukuze ezosibuyisela amathambo ethu siwangcwabe ngesizotha kwenye indawo,” kusho uNkk Manzi.
UMnu Philiphi Gumede, oyisekela-sihlalo leMakhosikhosi Communal Property Trust, uthi bafuna incazelo ngalolu daba. Uthi sebexhumene nommeli wabo bamazisa ngokumbiwa kwamathuna.
“Okusiphatha kabuhlungu wukuthi la mathuna yiwona asilekelelayo njengobufakazi bokuthi le ndawo inabanikazi abasuswa kuyo. Njengoba esembiwa nje, kasazi ukuthi sizobuthathaphi lobu bufakazi. Siyathemba ukuthi ihhovisi lezokubuyiswa komhlaba lizongenelela kulolu daba,” kusho uMnu Gumede.
Okhulumela ihhovisi lomnyango wezokubuyiswa komhlaba KwaZuluNatal, uMnu Sipho Dlamini, uthi uma kukho- na isicelo sokubuyiswa komhlaba, lokhu kusuke kungasho ukuthi ngeke kusenziwa lutho kulowo mhlaba.
Uthi kodwa-ke uma kunamathuna kuleyo ndawo kuba nemigudu elandelwayo ngaphambi kokuba asuswe.
“Ngicabanga ukuthi abantu abangaphendula kahle kulolu daba ngabakwamasipala. Yilapho kungavela khona ukuthi isicelo besifakiwe yini kubona sokuba kususwe lawo mathuna,” kusho yena.
UMnu Hubner uthi usenza uphenyo ukuze ezothola ukuthi ngubani osuse amathuna. Uthi asakutholile wukuthi kunenkontileka efaka amakhebuli kule ndawo.
“Ngisaxhumane nabakwamasipala ngoba bengingazi lutho ngendaba yokubuyiswa komhlaba kanti nabo bebengenalo ulwazi,” kusho yena.