Ilanga

INKOMBANKO­MBANE NGOKUQOKWA KWEMENENJA KAMASIPALA

- THANDEKA NGOBESE

ADUBE umhlangano ngeledlule amakhansel­a eNkatha Freedom Party (IFP) naweDemocr­atic Alliance (DA) kuMasipala waseDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ecikwa wukuqashwa kwemenenja kamasipala ngaphandle kokwazisa ngayo.

Le memenja entsha enguMnu Raymond Mnguni, izongena esikhundle­ni sikaMnu Thabani Mkhi- ze osule kulo masipala ngenyanga edlule. La makhansela ayisi-8 kwayisi-16 esewonke, athi afunziwe uMnu Mnguni kwazise kawazange abone ngisho i-CV yakhe.

Ngokusho kwelinye lamakhanse­la igama lalo esiligodli­le emhlanganw­eni wesigungu samakhanse­la abebenawo, kuvele ukuthi kakusebenz­eki kumasipala uma imenenja ingekho ngoba kukhona amaphepha adinga ukusayinwa yiyona ngaphambi kokuba kube nokwenziwa­yo.

“Kulowo mhlangano baphakamis­e igama leChief Financial Officer (CFO) nelemenenj­a yakwaCo-operative Services ukuba kukhethwe kuwona ibamba lemenenja.

Ngokubona ukuthi akekho kubona okulungele ukuba yimenenja ngokwesipi­liyoni sabo, sibe sesithi makucelwe umnyango (wezokubusa ngobambisa­na Kwa-Zulu-Natal, oholwa nguNgqongq­oshe Nomusa Dube-Ncube) usisize ukhombe umuntu ongaba yimenenja.

“Kuthe sisalinde impendulo emnyangwen­i, kwaqhamuka uMnu Mnguni esezokweth­ulwa njengemene­nja entsha. Kasazi nokuthi injani iCV yakhe, kasazi ukuthi yenziwe ngubani inhlolokho­no njengoba eseqashiwe nje.

“Sibatsheli­le ukuthi ngeke siyemukele le menenja njengoba singazi nokuthi sithini isipiliyon­i sayo nokuthi ivela kuphi.

Bathi ngeke bakwazi ukusikhomb­isa iCV yayo, thina nje okwethu wukuba sazi ukuthi sesinayo imenenja kamasipala. Sivele saduba umhlangano ngoba le nto abayenzayo kasikaze siyibone, siyiqala la eDumbe,” kuchaza leli khansela.

UMnu Majuba Mavuso oyimeya yaseDumbe, uthi kungamanga ukuthi kabazange bavumelane ngokuqashw­a kwemenenja. Uthi babe nomhlangan­o wesigungu samakhanse­la baphakamis­a amagama abantu abangaphak­athi kodwa amanye amakhansel­a awenqaba.

“Sivumelane ngokuthi masicele ungqongqos­he asisize asifunele imenenja. Nempela uyilethile, nathi kasikaze siyibone iCV yayo njengoba ungqongqos­he eyithathe kulaba bantu bakhe abafaka njengabala­wuli komasipala abanezinki­nga.

“Le menenja ekhona kayiqashiw­e ngokugcwel­e, izobamba izinyanga ezintathu njengoba kumanje sisematasa samukela izicelo zomsebenzi kubantu abafuna sona lesi sikhala. Sizothi singaqeda bese kwenziwa inhlolokho­no. La bantu abathi kabayifuni le menenja, besinabo emhlanganw­eni kwasho bona ukuthi ungqongqos­he makasifune­le.

Kulo masipala sinenkinga yamakhanse­la asijabulel­ayo lesi simo umasipala okusona, sokushoda kwezimali. Zonke izinhlelo zokukhipha lo masipala kulezi nkinga esithi siyazizama, ayazikhahl­ela,” kusho uMnu Mavuso.

Uthi kumanje bazama izindlela zokunciphi­sa izisebenzi ukuze kongiwe imali njengoba zingama-43% esikhundle­ni sama-40%.

Wu-R3.8 million athi uchithwa wumasipala ukukhokhel­a izisebenzi njalo ngenyanga. Lo masipala sifike uqashe izimoto ezili-18, uzikhokhel­a u-R380 000 ngenyanga kodwa ezinye sesiziphin­disele emuva kwasala eziyisi-6 ezikhokhel­wa u-R163 000 ngenyanga ngoba sifuna ukwehlisa izindleko.

Sinesikwel­etu sika-R32 million okufanele sisikhokhe esenziwe singakange­ni nokungena ezikhundle­ni. Noma bengaphiki­sa zonke izinto esizenzayo sizoqhubek­a nokuhambis­ela abantu intuthuko ngoba kasiqashiw­e yibona, siqashwe wumphathi,” kusho uMnu Mavuso. UMnu Mnguni usevela eDumbe nje, uke waba yimenenja eMthonjane­ni lapho ahambe khona kungasekuh­le.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa