Ilanga

Ugwaze iphoyisa kubangwa umgwaqo

Belisabuka umonakalo emotweni yalo

- PHUMLANI GAMA

USASHAQEKI­LE umphakathi waseMbazwa­na, KwaMhlabuy­alingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesehlaka­lo sokuhlasel­wa kugwazwe iphoyisa emuva kombango womgwaqo ngoMgqibel­o.

UConst Mduduzi “Dubula” Gumede (33), ungeniswe kwesinye sezibhedle­la zaseThekwi­ni kukubi emuva kokugwazwa amanxeba amabili ekhanda nguMnu Celumusa Masuku (19).

Wehlelwa yilo mshophi nje, ubehamba ngemoto yakhe ephuma emsebenzin­i elibangise kubo oLakeni, khona eMbazwana, njengoba bekunomseb­enzi wesintu. Kubikwa ukuthi uhlangane noMnu Masuku naye obehamba ngemoto. Indaba isuke sekufanele lezi zimoto zidedelane kwazise indawo ebezihamba kuyona kayiyinhle.

Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba, umsolwa wenqabile ukudedela leli phoyisa, lagcina ligudla izihlahla nezinguzun­ga zamatshe.

Lokhu kuholele ekubeni imoto kaConst Gumede ilimale, okuthe uma ema ebheka ukuthi umonakalo ungakanani, wabhozonye­lwa nguMnu Masuku obengasadl­e nkobe zamuntu, wamgwaza.

“Ngendlela okwenzeke ngayo, umfowethu (uMnu Gumede) engizalwa naye emndenini, uvele wakhohlwa ngisho yisibhamu somsebenzi obekufanel­e asisebenzi­se ngoba phela kusho ukuthi umsolwa ubevele emcuphile njengoba emzume ebheke phansi. Kasazi ukuthi kumanje kuzophetha kanjani ngempilo yomfowethu esibhedlel­a eThekwini,” kusho umthombo.

ILANGA lixoxe nephoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a esiteshini samaphoyis­a aseMbazwan­a eliveze ukuthi kakusona esokuqala lesi sigameko sokuhlasel­wa kwephoyisa.

“Sisebenza kanzima lapha eMbazwane, sidelelwa ngabafana abancane ngoba bethembe ukuthi umthetho wezwe uyabavikel­a. Ukuba uDubula uziphindis­ele nje, ngabe usenkingen­i kumanje ngoba uhlaka olusingath­a amacala abhekene namaphoyis­a, i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (IPID), beluzobhek­ana naye.

“Abanye bagabisa ngokuthi banemithi yokulumba lapho beshaywe khona.

Konke lokhu ngeke sikubekeze­lele thina ngoba kwehlisa isithunzi sethu. Ukugwazwa kwalo mfana esisebenza naye kwe-nza siphelel- we ngonembeza nathi.

“Kumanje kuvuleke isikhala emsebenzin­i,” kusho leli phoyisa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa aseMbazwan­e aphezu kophenyo. Uthe kuvulwe icala lokugwazwa kwephoyisa ekhanda langeniswa esibhedlel­a kukubi.

“Kuboshwe umlisa (19) ngecala lokugwaza iphoyisa ekhanda, kumanje lisesibhed­lela.

“Umsolwa uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasoBonjen­i ngoMsombul­uko. Icala lihlehlele usuku olungaziwa ukuba afake isicelo sebheyili,” kuphetha uGwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa