Bakhala ngokubukelwa phansi ondunankulu
Sekunezinyanga bengaholelwa
BAYAVUTHA ondunankulu bamakhosi abasola uHulumeni waKwaZulu-Natal ngokubashaya ngesithende ungabaholeli ngoba kuthiwa kazikho izigodi abaziphethe.
Bathi lokhu okwenziwa kubona kufana nokuthi babukelwa phansi ekubeni benza umsebenzi onzima wokuba ngamehlo amakhosi.
Kubikwa ukuthi ukungayinuki inkece kwalezi zandla zokuphosa zamakhosi, kuqale kulo nyaka emuva kokuba sekunyuswe imali eholwa yizinduna nondunankulu, isuka ku-R1 000 yafinyelela ngaphezulu kuka-R7 000.
Undunankulu wesinye sezizwe zaseMkhanyakude, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal - ocele ukuba ligodlwe igama lakhe ngenxa yokuvikela ubukhosi angaphansi kwabo - uthi lokhu okwenziwa kubona kuyafana nokuthi bahlukunyeziwe, kwabukelwa phansi nezithunzi zabo.
Uthi kuzomele uhulumeni uyibhekisise indaba yokuthi kubaluleke ngani ukuba undunankulu abe nesigodi sakhe ngoba owakhe umsebenzi (undunankulu) wukusondelana nenkosi kanti nezinduna zibika kuyena konke okwenzekayo - kwazise uwumlomo wenkosi.
“Uhulumeni uyasihlukumeza kakhulu. Ibuhlungu le nto oyenzayo ngoba likhulu iqhaza esilibambile ukubhekelela umphakathi nokuqinisekisa inhlalakahle esizweni,” kusho yena.
Omunye undunankulu ongowesizwe esiseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, naye ocele ukungadalulwa, uthi izinyanga ezimbili akaziholelanga, ubebanjelwe imali yaze yangena ngenyanga ephelile nakhona ingaphelele.
Utshele ILANGA ukuthi kubukeka kunempi emnyangweni kahulumeni esophe ukubukela phansi ondunankulu.
“Inkosi iyilwile le ndaba kwaze kwaba kungena imadlana kanti eyezinye izinyanga icwilile. Ngiyehla ngiyenyuka ngizama ukuyilungisa le nkinga,” kusho lo ndunankulu.
Okhulumela indlunkulu esizweni sakwaMdluli KwaNibela, eMkhanyakude, enyakatho-mpu- malanga yeKwaZulu-Natal, uMntwana uZigi Mdluli, uthi nabo banayo inkinga yokungaholi kukandunakulu wabo, uMnu Mjaphane Mkhize.
“Naye utshelwe ukuthi akanaso isigodi ekubeni esewusebenze iminyaka eyisi-9 lo msebenzi, ehola u-R1 000 kodwa uma sekunoshintsho kwezezimali wasala ngaphandle. Kanginalo ulwazi ngamanye amakhosi,” kusho uMntwana uMdluli.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lennox Mabaso, uthi bona kabathinteki ekutheni iyiphi induna nondunankulu okumele ahole noma engaholi.
Utshele leli phephandaba ukuthi bona basebenza ngohlu oluthunyelwe ngamakhosi lwabantu okumele baholelwe.
“Amakhosi yiwona athatha izinqumo ngezinhlaka zawo, okwethu njengohulumeni wukuba siqinisekise ukuthi zikhona izigodi ezilethwe wubukhosi kuthina. Abanenkinga mabakhulumisane namakhosi abo,” kusho uMnu Mabaso.