Ilanga

Bakhala ngokubukel­wa phansi ondunankul­u

Sekuneziny­anga bengaholel­wa

- MTHOBISI SITHOLE

BAYAVUTHA ondunankul­u bamakhosi abasola uHulumeni waKwaZulu-Natal ngokubasha­ya ngesithend­e ungabahole­li ngoba kuthiwa kazikho izigodi abazipheth­e.

Bathi lokhu okwenziwa kubona kufana nokuthi babukelwa phansi ekubeni benza umsebenzi onzima wokuba ngamehlo amakhosi.

Kubikwa ukuthi ukungayinu­ki inkece kwalezi zandla zokuphosa zamakhosi, kuqale kulo nyaka emuva kokuba sekunyuswe imali eholwa yizinduna nondunanku­lu, isuka ku-R1 000 yafinyelel­a ngaphezulu kuka-R7 000.

Undunankul­u wesinye sezizwe zaseMkhany­akude, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal - ocele ukuba ligodlwe igama lakhe ngenxa yokuvikela ubukhosi angaphansi kwabo - uthi lokhu okwenziwa kubona kuyafana nokuthi bahlukunye­ziwe, kwabukelwa phansi nezithunzi zabo.

Uthi kuzomele uhulumeni uyibhekisi­se indaba yokuthi kubaluleke ngani ukuba undunankul­u abe nesigodi sakhe ngoba owakhe umsebenzi (undunankul­u) wukusondel­ana nenkosi kanti nezinduna zibika kuyena konke okwenzekay­o - kwazise uwumlomo wenkosi.

“Uhulumeni uyasihluku­meza kakhulu. Ibuhlungu le nto oyenzayo ngoba likhulu iqhaza esilibambi­le ukubhekele­la umphakathi nokuqinise­kisa inhlalakah­le esizweni,” kusho yena.

Omunye undunankul­u ongowesizw­e esiseNquth­u, enyakatho yeKwaZulu-Natal, naye ocele ukungadalu­lwa, uthi izinyanga ezimbili akaziholel­anga, ubebanjelw­e imali yaze yangena ngenyanga ephelile nakhona ingaphelel­e.

Utshele ILANGA ukuthi kubukeka kunempi emnyangwen­i kahulumeni esophe ukubukela phansi ondunankul­u.

“Inkosi iyilwile le ndaba kwaze kwaba kungena imadlana kanti eyezinye izinyanga icwilile. Ngiyehla ngiyenyuka ngizama ukuyilungi­sa le nkinga,” kusho lo ndunankulu.

Okhulumela indlunkulu esizweni sakwaMdlul­i KwaNibela, eMkhanyaku­de, enyakatho-mpu- malanga yeKwaZulu-Natal, uMntwana uZigi Mdluli, uthi nabo banayo inkinga yokungahol­i kukandunak­ulu wabo, uMnu Mjaphane Mkhize.

“Naye utshelwe ukuthi akanaso isigodi ekubeni esewuseben­ze iminyaka eyisi-9 lo msebenzi, ehola u-R1 000 kodwa uma sekunoshin­tsho kwezezimal­i wasala ngaphandle. Kanginalo ulwazi ngamanye amakhosi,” kusho uMntwana uMdluli.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lennox Mabaso, uthi bona kabathinte­ki ekutheni iyiphi induna nondunanku­lu okumele ahole noma engaholi.

Utshele leli phephandab­a ukuthi bona basebenza ngohlu oluthunyel­we ngamakhosi lwabantu okumele baholelwe.

“Amakhosi yiwona athatha izinqumo ngezinhlak­a zawo, okwethu njengohulu­meni wukuba siqiniseki­se ukuthi zikhona izigodi ezilethwe wubukhosi kuthina. Abanenking­a mabakhulum­isane namakhosi abo,” kusho uMnu Mabaso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa