UGONYULUKE NGOMJOLO UFAKAZI
UCHIPHIZE izinyembezi ufakazi wombuso eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ngesikhathi ethula ubufakazi emacaleni abhekene noMnu Sfiso Mthembu (39) waseVerulam, enyakatho yeTheku.
UMnu Mthembu ubhekene namacala amane okungelokweba, elokubulala uMnu Sandile Khathi, elokubulala uMnu Mthokozisi Ndlovu nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe mhla zili-14 kuNhlolanja (February) wezi-2015.
UNkz Nombulelo Mbokazi, ongunina wengane kaMnu Mthembu, utshele inkantolo ukuthi uqale ukuba nobudlelwano nommangalelwa kusukela ngowezi-2011 kuya kowezi-2015. Uthe ubemjolela ummangalelwa nomunye wesilisa oshadelwe.
“Ngosuku lwesigameko uSfiso ubone umyalezo kumakhalekhukhwini wami ovela esokeni lami, u-Ayanda Khathi, othi ‘wenzani love.’ Ucele ukuba ngibeke isandla sami ngaphansi kwesibele sakhe sangakwesobunxele ukuze ngizozwa ukuthi inhliziyo yakhe ibhakuza kangakanani. Ube esengibuza ukuthi ngabe ngiyamjolela yini.
“Ngizwe ngolabhabha wempama ngesikhathi esengibuza lo mbuzo okwesibili. Ngimbonile ukuthi uthukuthele ngendlela eyisimanga njengoba uvele wadumisa imoto. Ngesikhathi imile emgwaqweni ilinde ukuwela, ngivule isicabha ngaphuma imoto isisuka ngoba ngibonile ukuthi udinwe ugane unwabu. Ngifonele umama ngamcela ukuba angilande.
“Ngesikhathi singena esangweni ekhaya, ngibone uSfiso esilandela ngemoto. Utshele umama ukuthi ngiyamjolela, nami ngase ngiyabhoboka kumama ukuthi naye (uSfiso) uyangijolela futhi uhlala nomunye unina wengane yakhe. Umama ucele ukuba siyikhulume le ndaba. Siye emotweni wangibuza imibuzo ngoAyanda nokuthi ngiqale nini ukujola naye. Ube esethi angifonele u-Ayanda ngimtshele ukuthi into esihlanganisile isiphelile. Ngimtshele ukuthi ngizohlukana no-Ayanda kodwa ngeke ngihlukane naye ngoba kusho yena. Ube esethi umama uyangibiza.
“Ngesikhathi ngiphuma emotweni ngibone ngemoto ihlehla iphuma ngesivinini. Bekunesikhwama sami, u-R800 nomakhalekhukhwini bami ngaphakathi emotweni. Ngizamile ukufonela u-Ayanda ngomakhalekhukhwini kamama ngifuna ukumazisa ukuthi izingcingo zami kazikho kimina kodwa owakhe ubungangeni.
“Ngesikhathi u-Ayanda esifonela, kumakhalekhukhwini kamama, ngimcele ukuba angilande kodwa wangitshela ukuthi ukude uzocela umzala wakhe, uSandile, ukuba angilande. Ngithole ucingo oluvela kudadewabo kaSfiso ngosuku olulandelayo engibuza ukuthi ngilale kanjani ngoba yena akalalanga. Kuthe kusenjalo, kwafona u-Ayanda engitshela ukuthi uSandile ushonile, udutshulwe nguSfiso,” kusho uNkz Mbokazi.
Umshushisi, u-Adv Krishen Shah, ubuze uNkz Mbokazi ukuthi uqale nini ukuba nobudlelwano noMnu Khathi.
Uthe akanaso isiqiniseko noma bekungowezi-2014 yini. U-Adv Shah ube esembuza ukuthi lukhona yini usuku lapho eke wabona khona ummangalelwa ephethe isikhali.
UNkz Mbokazi uthe: “Yebo, esikhathini esidlule uke wasikhipha isibhamu wasibeka emathangeni akhe. Uthe ufuna ukwenza izincwadi ezimgunyaza ukuba abe nesibhamu ngoba abangani bakhe ababili bashone ngaso, manje naye ufuna ukuzivikela njengoba ebuye abe ngumshayeli wamatekisi.” UMnu Mthembu uyawaphika womane amacala athweswe wona yinkantolo. Icala liyaqhubeka.