Ilanga

Ubonga ILANGA othole umfundaze

Uthembisa ukuphasa ngamalengi­so

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UBONGA amandla ephephanda­ba ILANGA umfundi othole umfundaze esikhwamen­i sikaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, ukuze ayokwenza izifundo zeB-Com Accounting e-University of Cape Town.

ILANGA like labika ngoWandile Sithebe (18) waseNewcas­tle, enyakatho-ntshonalan­ga yeKwaZulu-Natal, othole o-A abayisi-7 no-B kumatikule­tsheni.

Ubefunda ePhendukan­i Full Service High School. Ngenxa yokuphasa kahle, uphume isibili kuMasipala wesiFunda aMajuba.

Utshele ILANGA ukuthi ujabule ngokuthola umfundaze ovela ehhovisi likandunan­kulu kwazise ubengazi ukuthi uzothathan­i ayihlangan­ise nani njengoba ebengenayo imali yokufunda.

Ubonga iphephanda­ba ILANGA ngokumsiza athole lo mfundaze, ngaphandle kwalo uthi ngabe usephenduk­e ujikanelan­ga.

“Ngiswele amazwi okubonga ephephanda­beni ILANGA ngoba ngaphandle kwalo ngabe kangilu- tholanga usizo lomfundaze.

“Ngiyafisa ILANGA liqhubeke nomsebenzi walo omuhle wokusiza abantu abaswele. Leli phephandab­a liyishints­hile kakhulu impilo yami.

“Lesi yisiqalo sezinto ezinhle empilweni yami. Ngithathwe e-University of Cape Town ngingenayo imali yokufunda kodwa ngoba uNkulunkul­u uyazihlela izinto, namhlanje ngiyafunda. Kusukela ebuncaneni bami bengiyitha­nda i-Accounting yingakho ngifuna ukuzimisel­a futhi ngiphumele­le ezifundwen­i zami.

“Ngiphathek­e kabuhlungu ngesikhath­i ngingaqokw­anga ukuba ngithole umfundaze kuMasipala waseNewcas­tle njengoba bengifake isicelo sawo. Benginethe­mba lokuthi ngizowutho­la njengoba ngiphase ngamalengi­so.

“Inhliziyo yami ivele yacwila emafutheni ngesikhath­i ngibona isithombe sabafundi abathole imifunduze ephuma kulo masipala sivele kwelinye lamaphepha­ndaba.

“Kangithola­nga ngisho umyalezo oshoyo ukuthi isicelo sami kasiphumel­elanga. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkul­u usebenza emfihlakal­weni. Ngiyajabul­a ngokuthola lo mfundaze ngoba ugogo ubengenawo amandla okungiyisa enyuvesi. Bekuyisifi­so sami ukwenza lo mkhakha wemfundo ngoba nginothand­o lwawo futhi nginesiqin­iseko sokuthi ngizophasa ngamalengi­so,” kusho uWandile.

Uninakhulu kaWandile, uNkk Nomsa Vilakazi, uthe uswele ngisho amazwi okubonga njengoba umzukulu wakhe ethole umfundaze.

“Ngiyabonga ukungenele­la kwephephan­daba ILANGA ngoba ukuba kuthiwa kalizange lingenelel­e, ngabe umzukulu wami uduve ekhaya ngoba mina bengingena­wo amandla okumyisa enyuvesi,” kusho uNkk Vilakazi.

UWandile uqale ukufunda ngoNhlolan­ja (February) kodwa umfundaze wakhe uze wawuthola ngoNdasa (March).

UMnu Ndabezinhl­e Sibiya, okhulumela ihhovisi likandunan­kulu, uthe kuyamjabul­isa uMnu Willies Mchunu ukuthi uWandile uyafunda ngenxa yokungenel­ela kwakhe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBONGA uyanconcoz­a eLANGENI uWandile Sithebe ngokuthola umfundaze ehhovisi likaNdunak­ulu KwaZulu-Natal.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBONGA uyanconcoz­a eLANGENI uWandile Sithebe ngokuthola umfundaze ehhovisi likaNdunak­ulu KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa