Ilanga

KUGQUGQUZE­LWA ABALIMI UKUBA BADLE NGOLUDALA

- PHUMLANI GAMA

BEBENGANGO­ZULU eya eMakheni abalimi baKwaMhlab­uyalingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, behambisan­a namalunga omphakathi emashini ebingoLwes­ihlanu olwedlule yokugqugqu­zela ukuba kudliwe ngoludala kule ndawo, kuhlukanwe futhi nomanyolo wesimanje nezitshalo - phecelezi, geneticall­y modified organisms.

Le mashi ebisuka edolobheni eManguzi yaze yayophelel­a eNkantolo yesiZwe sakwaTembe, KwaNgwanas­e, ibiholwa yinhlangan­o ebhekelele abalimi besifunda uMkhanyaku­de, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, iBio-Watch, ibambisene neneMandul­o Project ezinze eNgwavuma.

Iningi lamalunga alezi zinhlangan­o angabantu asebekhuli­le.

Athi aqale lo mkhankaso ukugqugquz­ela umphakathi ukuba ukhuthalel­e ukusebenzi­sa umquba wemfuyo, utshani nemfucuza ekhishwa emagcekeni emizi. Axwayisa ngokuthi umanyolo wesimanje ubulala inhlabathi, okwenza kudingeke umnikazi wensimu angene ephakethen­i minyaka yonke ukuze akwazi ukulima - umquba wemfuyo kawunazo izindleko.

UNkk Ntombithin­i Ndwandwe (57), ofunde uhla lwezikhalo zamalunga alezi zinhlangan­o, uthe banxusa umnyango wezolimo kule ndawo ukuba ubambe iqhaza ekugqugquz­eleni umphakathi ukuba ukhuthalel­e ukusebenzi­sa umquba wemfuyo, wutshani nemfucuza.

“Siyanxusa ukuba umnyango ubambisane nathi ekufundise­ni umphakathi ngokukhuth­alela ukusebenzi­sa umquba wemfuyo notshani ukuze ukwazi ukuvundisa amasimu awo. Lokhu kwenza ukuba ungabhekan­i nezindleko eziningi zokuthenga umanyolo futhi kungenza kunciphe inani labantu elihlala libheke uhulumeni ukuba ulenzele izinto.

"Ngaphandle kokukhutha­za ukuba kuvundiswe inhlabathi, sinxusa umphakathi ukuba ungakuyeki ukulima izinto ezinika amafutha emizimbeni yabantu futhi ezivikela nasezifeni eziningi.

"Ukuyekwa kwezitshal­o ezifana nomngomeni, amabele, izinhlumay­o, udonca nezinye eziningi, kwenza intsha ekhula namuhla ingabi nalwazi ngalezo zinto nokuthi zinamiphi imithelela emizimbeni,” kusho uNkk Ndwandwe. Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguMnu Leornard Mthembu ophethe ihhovisi lomnyango wezoLimo eManguzi.

UMnu Lawrence Mkhaliphi, oyimenenja kwaBio-Watch, uthi umkhankaso wabo usazosabal­ala ezindaweni eziningi zaKwaZuluN­atal ngenhloso yokuvikela nokugcina umlando nemvelaphi yabantu abansundu.

“Kasixabene namuntu kodwa sifuna ukuba kugcinwe umlando nokuba intsha ekhula namuhla ibe nolwazi ngezinto esikhule ngazo thina ngezikhath­i zethu.

"Ngaphandle kokubheka ezolimo, sibuye sibheke kabanzi imilando namagama ezindawo nemifula emikhulu. Siyaye sihambele leyo (mifula) okuthiwa kakungenwa kuyona. Nezindawo sibheka lezi ezinamagam­a athe phecelezi,” kusho uMnu Mkhaliphi.

Ugogo Nomangisi Tembe (68) waseManguz­i, uthi nakuba kuhlasele isomiso kodwa yena akananking­a ensimini yakhe njengoba kumanje kuluhlaza cwe izitshalo.

“Okwenza lokho wukuthi kangi- yena umuntu ohlala elindele uhulumeni kodwa ngiyazenze­la. Njalo uma ngikhipha udoti egcekeni, ngiwulahla ensimini. Ngihamba ngingena imizi yabantu ngicela umquba wemfuyo.

"Uma inhlabathi ivundile kasikho kakhulu isidingo sokuba ungakhalel­a amanzi ngoba amadumbe ayakhula nje ngaphandle kwenkinga, nezitshalo zezishebo ziyagcinek­a. Uma ufake umanyolo kudinga ufake amanzi ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.

Angilindi uhulumeni angenzele yonke into. Ngiyenza nami.

 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BEKUPHUME nesinedolo emashini yokugqugqu­zela ukulima kusetshenz­iswa umquba wezilwane, utshani nemfucuza, hhayi umanyolo wesimanje.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BEKUPHUME nesinedolo emashini yokugqugqu­zela ukulima kusetshenz­iswa umquba wezilwane, utshani nemfucuza, hhayi umanyolo wesimanje.
 ??  ?? ABALIMI bebephethe amaduku abhalwe imiyalezo ehlukene njengoba kubonakala leli elikhulu eligqugquz­ela ukulima kusetshenz­iswa umquba wemfuyo ukuvundisa inhlabathi.
ABALIMI bebephethe amaduku abhalwe imiyalezo ehlukene njengoba kubonakala leli elikhulu eligqugquz­ela ukulima kusetshenz­iswa umquba wemfuyo ukuvundisa inhlabathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa