KUGQUGQUZELWA ABALIMI UKUBA BADLE NGOLUDALA
BEBENGANGOZULU eya eMakheni abalimi baKwaMhlabuyalingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, behambisana namalunga omphakathi emashini ebingoLwesihlanu olwedlule yokugqugquzela ukuba kudliwe ngoludala kule ndawo, kuhlukanwe futhi nomanyolo wesimanje nezitshalo - phecelezi, genetically modified organisms.
Le mashi ebisuka edolobheni eManguzi yaze yayophelela eNkantolo yesiZwe sakwaTembe, KwaNgwanase, ibiholwa yinhlangano ebhekelele abalimi besifunda uMkhanyakude, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal, iBio-Watch, ibambisene neneMandulo Project ezinze eNgwavuma.
Iningi lamalunga alezi zinhlangano angabantu asebekhulile.
Athi aqale lo mkhankaso ukugqugquzela umphakathi ukuba ukhuthalele ukusebenzisa umquba wemfuyo, utshani nemfucuza ekhishwa emagcekeni emizi. Axwayisa ngokuthi umanyolo wesimanje ubulala inhlabathi, okwenza kudingeke umnikazi wensimu angene ephaketheni minyaka yonke ukuze akwazi ukulima - umquba wemfuyo kawunazo izindleko.
UNkk Ntombithini Ndwandwe (57), ofunde uhla lwezikhalo zamalunga alezi zinhlangano, uthe banxusa umnyango wezolimo kule ndawo ukuba ubambe iqhaza ekugqugquzeleni umphakathi ukuba ukhuthalele ukusebenzisa umquba wemfuyo, wutshani nemfucuza.
“Siyanxusa ukuba umnyango ubambisane nathi ekufundiseni umphakathi ngokukhuthalela ukusebenzisa umquba wemfuyo notshani ukuze ukwazi ukuvundisa amasimu awo. Lokhu kwenza ukuba ungabhekani nezindleko eziningi zokuthenga umanyolo futhi kungenza kunciphe inani labantu elihlala libheke uhulumeni ukuba ulenzele izinto.
"Ngaphandle kokukhuthaza ukuba kuvundiswe inhlabathi, sinxusa umphakathi ukuba ungakuyeki ukulima izinto ezinika amafutha emizimbeni yabantu futhi ezivikela nasezifeni eziningi.
"Ukuyekwa kwezitshalo ezifana nomngomeni, amabele, izinhlumayo, udonca nezinye eziningi, kwenza intsha ekhula namuhla ingabi nalwazi ngalezo zinto nokuthi zinamiphi imithelela emizimbeni,” kusho uNkk Ndwandwe. Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguMnu Leornard Mthembu ophethe ihhovisi lomnyango wezoLimo eManguzi.
UMnu Lawrence Mkhaliphi, oyimenenja kwaBio-Watch, uthi umkhankaso wabo usazosabalala ezindaweni eziningi zaKwaZuluNatal ngenhloso yokuvikela nokugcina umlando nemvelaphi yabantu abansundu.
“Kasixabene namuntu kodwa sifuna ukuba kugcinwe umlando nokuba intsha ekhula namuhla ibe nolwazi ngezinto esikhule ngazo thina ngezikhathi zethu.
"Ngaphandle kokubheka ezolimo, sibuye sibheke kabanzi imilando namagama ezindawo nemifula emikhulu. Siyaye sihambele leyo (mifula) okuthiwa kakungenwa kuyona. Nezindawo sibheka lezi ezinamagama athe phecelezi,” kusho uMnu Mkhaliphi.
Ugogo Nomangisi Tembe (68) waseManguzi, uthi nakuba kuhlasele isomiso kodwa yena akanankinga ensimini yakhe njengoba kumanje kuluhlaza cwe izitshalo.
“Okwenza lokho wukuthi kangi- yena umuntu ohlala elindele uhulumeni kodwa ngiyazenzela. Njalo uma ngikhipha udoti egcekeni, ngiwulahla ensimini. Ngihamba ngingena imizi yabantu ngicela umquba wemfuyo.
"Uma inhlabathi ivundile kasikho kakhulu isidingo sokuba ungakhalela amanzi ngoba amadumbe ayakhula nje ngaphandle kwenkinga, nezitshalo zezishebo ziyagcineka. Uma ufake umanyolo kudinga ufake amanzi ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
Angilindi uhulumeni angenzele yonke into. Ngiyenza nami.