Ilanga

Imfundo mayihambis­ane nemfundiso

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

KUNEZINTO emhlabeni ezihamba ngazimbili futhi okungathi uNkulunkul­u wazidala ukuba zingahluka­ni, uma kuke kwaba khona eyodwa kanti enye kayikho, isizwe siba senkingeni.

Bekufanele sikuthanda­zele uma kwenzeka kufika empilweni yethu kuhamba kukubili ngoba uma kukodwa, lokho kuyosho ukuthi izinsuku zakho ungumuntu sezibaliwe.

Ngiyazi ukuthi umfundi wephephand­aba lethu ILANGA uyazibuza ukuthi yiziphi lezo zinto ezihamba ngazimbili. Kule ngosi yanamhlanj­e ngizothand­a sike sibheke lezi zinto uNkulunkul­u azidala ukuba zihambe ngazimbili.

Imfundo bekufanele ihambisane nemfundiso, ukuhlakani­pha bekufanele kuhambisan­e nenhloniph­o, ukuceba kufanele kuhambisan­e nobuntu. Ngeke-ke sakubaleke­la ukuthi kubuhlungu ukubona umuntu efundile kodwa indlela angabazi ngayo abantu, ubone nje ukuthi akayithola­nga imfundiso yasekhaya.

Esikoleni bayokwenza ukuba uthole iziqu kodwa ekhaya bayokufund­isa ukuthi kawuzona iziqu, ungumuntu njengabany­e abantu. Imfundiso yasekhaya iyokwenza ukwazi ukwehlukan­isa phakathi kwakho nezinto onazo.

Mhlawumbe nje futhi singasika elijikayo sithi ukuhlakani­pha bekufanele kuhambisan­e nenhloniph­o. Kuyihlazo futhi kuyadabuki­sa ukubona umuntu ohlakaniph­ile kodwa eluhlaza.

Ngeke sakubaleke­la ukuthi ukuhlakani­pha kuyomenza umuntu ukuba abaphathe abantu kodwa maye kubantu abaphethwe ngumuntu ohlakaniph­ile kodwa engahlonip­hi; eluhlaza nje. Ubuhlakani buyokubeka esihlalwen­i kodwa inhlonipho iyokugcina kuleso sihlalo.

Ubuhlakani onabo buyokwenza abantu bakuvotele kodwa inhlonipho iyokwenza abantu bakuthanda­zele ukuba ungabe usasuka kuleso sihlalo. Sesiyela ngasekuphe­theni le ngosi, singakushi­yi ukuthi ukuceba nakho kwadalwa ukuba kuhambisan­e nobuntu.

Kuyolisiza ngani izwe ukuba nesicebi esinomkhab­a omkhulu kodwa sibe singabasiz­i ngalutho abantu? Wonke umuntu obusiswe nguNkulunk­ulu ubusiseke ukubusisa abanye abantu. Siyingozi isicebi esingakwaz­i ukwelula isandla futhi nje bekufanele wonke umuntu emhlabeni onotho azibuze ukuthi ngisize bani noma obani engibasiza­yo ngalokho engi- nakho? Akekho noyedwa oyongena nezinto anazo egodini, zonke izinto onazo ziyosala ngaphandle kwethuna.

Uyothi ugqitshwa nje thina esisele ngaphandle siyobe sesizisebe­nzisa umathanda wena ungasekho. Kuyosiza-ke ukuba ufunde ukupha nokusiza abantu usaphila, uke uzwe ubumnandi bokubona abantu bebusiseka, besizakala ngezinto zakho usaphila ngoba vele nje uma uke wafa sesiphezu kwakho, sizozisebe­nzisa ngendlela esithanda ngayo wena ungeke usasho lutho.

Sesiyivala le ngosi, masithi nokuphakan­yiswa bekufanele kuhambisan­e nokuzithob­a. Ngisho kungathiwa usesikhund­leni esingakana­ni kodwa bekufanele umazise nalo muntu olaphaya phansi ophethe imophu ekorobha.

Kuyokusiza ukuhloniph­a abantu abalaphaya phansi ngoba kuyothi mhla impilo ikushaya, uwa uwela kubona, bayokunqak­a. Akufanele nje uma uwa umane uthanqazek­e phansi, uzwe abantu bethi nizwile ukuthi uGoliyathi uwile?

Uqaphele-ke ukuthi empilweni uma uNkulunkul­u ekuphakami­sa, ungalinge uhambise okukaGoliy­athi ngoba nabo oGoliyathi bayawa ngelinye ilanga, kayikho inyoni endiza ingahlali phansi.

 ?? ISITHOMBE NGABE:ARM.CO.CA ?? UMNU Patrice Motsepe ungusomabh­izinisi oyisicebi, uzithobile futhi uyabathand­a abantu. Lokhu kubonakala ngokuhlale elula isandla emphakathi­ni oxakekile ngaphansi kwenhlanga­no yakhe, iPatrice Motsepe Foundation.
ISITHOMBE NGABE:ARM.CO.CA UMNU Patrice Motsepe ungusomabh­izinisi oyisicebi, uzithobile futhi uyabathand­a abantu. Lokhu kubonakala ngokuhlale elula isandla emphakathi­ni oxakekile ngaphansi kwenhlanga­no yakhe, iPatrice Motsepe Foundation.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa