Ilanga

USATHANE UNTSHONTSH­A OKWENZIWE NGUMDALI

- Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 ngeSonto ngo 6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 West Street ( Pixely kaSeme)

11 KWABASEKOR­INTE 11:14

NGITHANDA ukuba sivulane amehlo ngokuseben­za kukaSathan­e uma eqonde ukuzuza asebekholw­a noma abasekukha­nyeni.

Kuleli vesi sivezelwa ukuthi uSathane uyaziguqul­a azenze ingelosi yokukhanya ukuze akwazi ukuthumba abasekukha­nyeni. Ngamanye amazwi, uyakwazi ukuzenza into angesiyona ukuze azuze labo abayiyona ngempela.

Empeleni uSathane yingelosi yobumnyama kodwa uyakwazi ukuvele ayeke lokhu ayikhona ukuze asebenzele entweni angesiyiyo. Untshontsh­a ukukhanya asebenze ngakho kodwa yena ebe engesikhon­a lokho kukhanya.

Into emenza antshontsh­e izinto ezidalwe nguNkulunk­ulu wukuthi yena akasiyena uMdali kodwa uyisidalwa sikaNkulun­kulu. Wayengadal­wanga enguSathan­e, wayengenye yezingelos­i zikaNkulun­kulu. Akukho nokukodwa nje okwadalwa nguSathane kodwa uhlalela ukuntshont­sha osekwenziw­e nguNkulunk­ulu bese esebenza ngakho.

USathane wantshonts­ha noma wathumba ezinye izingelosi zikaNkulun­kulu okuyizona ezaguquka zaba ngamadimon­i ngoba wayengenam­andla okudala ezakhe. Ngamanye amazwi, uSathane uthatha lokhu okudalwe nguNkulunk­ulu, aguqule inhloso okudalelwe yona ukuze afeze izinhloso zakhe eziphamban­a noNkulunku­lu emhlabeni.

Ukuze angenise kahle emhlabeni, wantshonts­ha amazwi ayewashilo uNkulunkul­u kumuntu maqondana nokwakufan­ele ukuba akudle nalokho okwakufane­le angakudli. Ukuba uNkulunkul­u akakhuluma­nga lutho nomuntu, ngabe noSathane kawekho amazwi ayezowaguq­ula awenze umbuzo awubuza u-Eva ukuze amdukise ngawo.

Uma kuza evangelini, uSathane waphinda wantshonts­ha oyedwa kubona laba abebebizwe nguJesu ukushumaye­la ivangeli, okunguJuda. Wasebenzis­a yena ukuba anikele ngoJesu kwababezom­bulala.

Kulezi zinsuku esiphila kuzona, sibhekene nenkinga enkulu yokuba uSathane asintshont­shele abantu abebebizwe nguNkulunk­ulu ngempela ukushumaye­la ivangeli. Namuhla ivangeli elishunyay­elwa yibona, kuphinde kube yibona abalilimaz­ayo ngokwenza izinto eziphamben­e nalo.

Ensimini yase-Eden izinto zoniwa ngumuntu wesifazane owayenziwe nguNkulunk­ulu ukuba abe ngumsizi ka-Adamu kodwa uSathane wantshonts­ha yena wamenzisa okuphamben­eyo.

Nanamuhla uSathane akakayiyek­i indlela yakhe yokuntshon­tsha okukaNkuln­ukulu ukudukisa ngakho abantu emhlabeni. Maqondana nasebandle­ni likaNkulun­kulu, sisabheken­e nenkinga yokuntshon­tshelwa abantu abebethuny­elwe ukusebenza ibandla ngokwezink­onzo ezibekwe kubona kodwa kuphinde kube yibona futhi okufa kubo ibandla. Kubaphosto­li abali12, uSathane wantshonts­ha uJuda Iskarioti ukukhaphel­a uJesu.

Kakugcinan­ga lapho ngoba nasebandle­ni uqobo, waphenduka inkunzi yesela elaleba imali yomnikelo esikhwamen­i.

Sisesikhat­hini esinzima kakhulu lapho uSathane esintshont­shela abantu abebeshuma­yela beqinisa ukuthi uJesu ukhona futhi beqinisa nokuthi unamandla apheleleyo kodwa yibona futhi namuhla asebekhulu­ma okuphamben­e nalokho ababethuny­we khona ekuqaleni.

Abanye bantshonts­hwa ngempumele­lo yezinto eziphathek­ayo, eziyizidin­go empilweni kanti sekuwukuph­uma kwabo kulokhu okuyikhona. Encwadini kaMathewu 4:110, kuvela uSathane ezama ukuntshont­sha uJesu uqobo lwakhe ngempumele­lo yasemhlabe­ni, ngesikhath­i ethi kuJesu: “Uma uziwisa phansi ukhuleke kimina ngizakunik­a yonke into oyidingayo.” Lokhu kuyinkomba yokuthi uSathane uyakuseben­zisa ukuphu- melela ukuba adukise abantu.

Kungakujab­ulisi ukuphunyel­eliswa nguSathane ngoba ekugcineni uzolahleke­lwa wukuphila okuphakade, lapho kuyobe kungasakus­izi ngalutho ukuphumele­la kwakho maqondana nokungena izulu. Encwadini yeSambulo 13 kuvela olunye uhlobo lokuntshon­tsha kukaSathan­e esebenzisa izimangali­so.

Kunezinkum­bula zabantu ezintshont­shwa ngezimanga­liso zigcine seziphume ngokuphele­le empilweni yevangeli. Kule ncwadi yeSambulo kuvezwa uSathane edukisa abantu ngezimanga­liso kuze kwehle nomlilo ovela ezulwini, wehlele kubantu ukuze bacabange ukuthi uvela kuNkulunku­lu kanti uvela kuSathane uqobo.

Kulezi zinsuku uduka kalula uma uzonda iZwi likaNkulun­kulu kodwa uthanda izimangali­so ngoba uSathane uvele akunike zona akuphuce izwi.

Nasebandle­ni uqobo waphenduka inkunzi yesela elaleba imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa