Ilanga

Ugcotshelw­e ubufundisi umsakazi

-

ISIZOTHA, ubumnandi, umculo neZwi leNkosi bekubuzwa enkonzweni ebisehholo lomphakath­i iZiphathel­eni, eMbumbulu, emini ngoMgqibel­o odlule.

Kule nkonzo uMnu Thulasizwe Manqele ongumsakaz­i wesiteshi sabazalwan­e, iMbokodo FM, ubegcotshe­lwa ukuba ngumfundis­i webandla iLife Abundance Bible Church Internatio­nal.

Inkonzo ibisingeth­we nguMbhisho­bhi Sibusiso Zikhali ozinze eRichards Bay, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal.

Kuthe luqeda nje ukungena udwendwe lwabefundi­si abebezimaz­ise le nkonzo, uMbhishobh­i Zikhali waqala ngaso ngqo isigaba senkonzo okuhlangen­we ngaso, okuwukugco­tshwa kukaMnu Manqele.

UMbhishobh­i Zikhali wethule intshumaye­lo esezingeni eliphezulu, umongo wayo obekuwukwe­luleka uMnu Manqele.

Okokuqala akuphawuli­le wukuthi nakuba le ncwadi yaziwa ngokuthi yiZenzo Zabaphosto­li, empeleni ilandisa ngezenzo zikaMoya oNgcwele ngoba akekho umuntu ongenza yonke le misebenzi nezimangal­iso okulotshwe ngazo kuyona.

Uthinte iphuzu elimqoka kakhulu kulezi zinsuku, labefundis­i abangamawu­wa. Uthe okuqaphele­kayo ngabo yilokhu:

ngokuphend­uka, ukuxolelwa izono negazi likaJesu;

shumayela aqede engalivula­nga iZwi leNkosi eBhayibhel­ini;

nto eziphathek­ayo ngoba ejahe ukuba nezinto eziphathek­ayo; ezisebandl­eni aliholayo;

kepha kube kungezwaka­li ukuthi bathunywe ngubani;

Lapho esenza amalungise­lelo okugcoba, uchaze kafushane ngamafutha asetshenzi­swa uma kugcotshwa izinceku. Uthe lawa awaphethe aqukethe izithako eziyisihla­nu, phakathi kwazo okukhona i- cinammon, i- frankincen­se ne- olive oil. Uphawulile futhi nangesidin­go sokuba ezinkonzwe­ni babe khona abaphrofet­hi kodwa hhayi abangasho lutho. Unikeze uMfu Manqele izeluleko eziqinile ngomsebenz­i webandla, egcizelela ukuthi uyisiseben­zi hhayi inkosi noma ubasi wabazalwan­e.

“Ubakhuleke­le njalo abazalwane” kusho uMbhishobh­i Zikhali.

Obekhulume­la uDkt Sibongisen­i Dhlomo - ongungqong­qoshe wezempilo KwaZulu-Natal - ongaphumel­elanga kule nkonzo, uthe njengoba uMfu Manqele esemncane ngeminyaka yobudala, aze asize akuqaphele ukwangiwa ngabazalwa­ne ngoba okunye kwakho kuxoxa indaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa